Oqale ecija ngokunakekela impilo ugcine engene ekukhiqizeni ukudla okunqanda izifo ezingamahlalakhona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UPHOKOPHELE ukulwa nezifo ezingamahlalakhona, ikakhulukazi esikashukela. Le ntshisekelo imenze waqala ukufundisa ngokunakekela impilo kodwa ngokuhamba kwesikhathi wanquma ukufaka isandla ekusizeni abantu ukuthi bazinqande ngokukhiqiza ukudla okuzosiza ukwenza loku.Â
UMnu uBasil Williams uwumsunguli nomphathi we-AFYA Foods ekhiqiza impuphu, i-oats namabele okungaxutshwa namakhemikhali nokulungele ukudliwa ngabantu abangakudli ukudla okunemikhiqizo yenyama.
U-Williams, ozinze eHammarsdale, eThekwini, KwaZulu-Natli, uqale le nkampani ngo-2015 kodwa imikhiqizo yakhe ize yaqala ukutholakala eSpar ngo-2021.
“Ngiye ngithi uma ngikhuluma nabantu ngithi inkampani ngayiqala nginezinwele kodwa manje sengiyimpandla ngenxa yobunzima engibhekene nakho,” kusho yena encokola.
“Lube nzima uhambo ngenxa yezizathu ezimbili. Okokuqala, sibe nenselelo sisazama ukuthi sizokwenza kanjani ukuthi indlela esipakisha ngayo imikhiqizo yethu ibukeke kahle. Loko kukodwa nje kusidle uR285 000. Ukuthi lezi ezinye izinhlangano ziphasise umkhiqizo wakho, loko kubiza uR35 000 inhlangano ngayinye. Lezo zinhlangano yiVegan Society South Africa, iHeart & Stroke Foundation, iLow GI neDiabetes South Africa.
Manje imikhiqizo ye-AFYA Foods itholakala ezitolo zaseSpar eziwu-20 eKZN.
“Njalo ngenyanga sengeza izitolo ezintathu. Sesiyitholile incwadi eqhamuka ekomkhulu leSpar ethi singayifaka imikhiqizo yethu ezitolo eziwu-187 kodwa okwamanje sisashaywa wukuthi asinawo amandla enele okukhiqiza lowo mthamo, yingakho sandisa ngezitolo ezintathu njalo ngenyanga.

“Sesike saxoxa nabasePick n Pay nabaseCheckers, abasicelile nabo ukuthi imikhiqizo yethu siyifake ezitolo zabo. Kepha sisabanjwe wukuthi asinawo amandla.”
Ngaphambi kokuzisebenza uWilliams usebenze njengomeluleki wezimali iminyaka ewu-17, athi kumsizile ukuphatha imali yebhizinisi.
Weluleke osomabhizinisi abasafufusa ukuthi bazifundise ukuphatha imali yebhizinisi kahle njengoba ethe loku ngenye yezinto ekhinyabeza osomabhizinisi futhi ibanqinde ukukhulisa umsebenzi.
“Ukuphatha imali yebhizinisi kahle yinto umuntu okufanele ayenze ngesikhathi eliqala nje ibhizinisi, kube wumkhuba akhula nawo. Okunye okubalulekile wukubekezela nokuphokophela ngoba ukuba nebhizinisi akuyona into elula kodwa kuyenzeka,” kucebisa uWilliams.