Othanda ukuzilawula, abantu besifazane nokuqoqa intsha wenza ifenisha yasendlini ngezinto ezilahliwe. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUTHANDA ukuba yisosha elizikhuzayo, ivuso lokuqasha abantu besifazane nokunqanda intsha yangakubo ukuthi ingangeni ezintweni ezibhedayo kwenza ukuthi asungule inkampani ekhiqiza ifenisha ngokuvuselela amathayi amadala namapulangwe.
UNksz uThandeka Mbele, umsunguli we-Iphupho Lamantombazane Projects, uthi ngaphambi kokusungula inkampani ngo-2019, wayesengenile ebhizinisini kodwa esacobelela ulwazi kwabanye.
Akuthanda kakhulu ngokuzisebenza wukuthi akalawulwa muntu emsebenzini. “Engikuthanda kakhulu ngokuba wusomabhizinisi wukuthi (wenza) ngokuthanda kwakho, akukho lapho obambeka khona ukuthi awukwazi ukufinyelela laphaya. Lapho ofuna ukufika khona, uyakwazi ukufika khona,” kusho yena.
Nokho uthe ukuzisebenza akusho ukuthi emsebenzini kukwampunzedlemini. Uthi akufanele uvilaphe ebhizinisini ngoba uma uvilapha, ibhizinisi lizogida ndawonye ligcine liwile.
Iphupho Lamantombazane Projects, yaseZwelisha, eBergville, KwaZulu-Natali, emkhiqizweni wabo basebenza amathayi namapulangwe okulahliwe noma okungasetshenziswa ukwenza izihlalo, amatafula nezinye izimpahla zasendlini.
UNksz uMbele uthi ngokusebenzisa okusuke sekulahliwe ekwenzeni imkhiqizo yabo ukholwa ukuthi baneqhaza ekongeni imvelo, njengoba iNingizimu Afrika inenkinga enkulu kadoti ocekela phansi imvelo. Ugcizelele ukuthi kubalulekile ukugcina izindawo esihlala kuyo ihlanzekile.

Iphupho Lamantombazane lisanda kukhangisa ngezimpahla zalo embukisweni wamabhizinisi kaMasipala waseThekwini iDurban Business Fair (kwiDBF). “Ngokuza kwethu lapha (kwiDBF) besifisa ukukhombisa abantu abaningi abasemazingeni ahlukene empilo (umsebenzi wethu), besifisa ukuthola ukuxhaswa ngemali ukuze sizokwazi ukuqhubekela phambili ibhizinisi likhule, sithole ukuchushiswa ngabanye osomabhizinisi embukisweni,” kusho yena.
Ibhizinisi selisimeme laze laqasha abantu abathathu. Ufisa ukwandisa lesi sibalo ngokuphindaphindiwe ukuxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi ikakhulukazi entsheni endaweni yangakubo.
Facebook: Iphupho Lamantombazane