UNks uBaratang Miya, umsunguli nesikhulu esiphezulu seGirlhype yaseWoodstock, eNtsonalanga Kapa

Isithombe: uSlindile Khanyile

Owaqala ukubona ikhompyutha enyuvesi usesebenzisa ubuchwepheshe ukuthuthukisa amantombazane amnyama. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

KWAPHELA iminyaka eyisishiyagalolunye engakwazi ukuyofundela umsebenzi emva kokuphothula uMatikuletsheni.

Iminyaka emibili yokuqala wahlaliswa wukuthi wakhetha ukuliphinda ibanga leshumi ngoba wayengatholanga amamaki ayengamngenisa enyuvesi. Ngaleso sikhathi (ngo-1988) umfundi kwakufanele alinde iminyaka emibili uma efuna ukuphinda uMatikuletshni.

Kwathi UNks uBaratang Miya, umsunguli nesikhulu esiphezulu seGirlHype, esephase ngamalengiso emva kokuphinda uMatikuletsheni waqale wasebenza enzela ukuhlanganisa imali yokufunda kanti futhi wayesenabantwana ababili.

“Ngangingathathwa emakolishi ayeqeqesha othisha ngamamaki ami okuqala kodwa ngangingafuni ukuya ekolishi ngoba ngangifuna ukuya e-UCT (e-University of Cape Town). Mhla ngivala amakhethini ngikhiya emjondolo wami, ngazithembisa ukuthi ngiyophinde ngiwuvule uma sengineziqu,” kukhumbula yena.

Uthi wayeqala ngqa ukusebenzisa ikhompyutha ngesikhathi efika enyuvesi. I-GirlHype yinhlangano engenzi inzuzo efundisa amantombazane abantu abamnyama asemakhaya antulayo ngobuchwespheshe emalokishini nasezikoleni.

Ineminyaka ewu-19 kanti njalo ngonyaka iqeqesha cishe amantombazane awu-120.

UNks uMiya uzalwa eKlerksdorp, eNorth West, lapho ekhulele khona. Kukhona iminyaka ayihlale eNorthern Cape ngaphambi kokubuyela eNorth West. Uphume e-UCT neziqu ezimbili i-Bachelor of Social Science, lapho ayegxile khona kwi-Industrial Psychology, ne-Postgraduate Diploma in Marketing. 

Kwakungesiyo inhloso yakhe ukusungula iGirlHype kodwa kunesimo esamphoqa. “Ngathi ngiqeda e-UCT ngase ngikhulelwe ingane yami yesithathu. Ngesikhathi abantu engangifunda nabo beqala beya kwinhlolokhono ngasekupheleni konyaka, mina ngasengingateta noma yinini.

“Ngaya kwenye inhlolokhono sengibelethile, mhlawumbe ingane yami yayinezinyanga ezimbili. Kepha into engahlangabezana nayo ngalelo langa njengoba ngangingenamuntu engangingashiya naye ingane ngoba uyise, owayewumyeni wami, wayesebenza nokwaphoqa ukuthi ngihambe nayo ingane ngize ngicele abantu engingabazi lapho ngangiyofuna khona umsebenzi ukuthi bangigadele yona. Ngaphuma lapha ngazi ukuthi ngeke ngiqashwe ngoba nocingo lami lalilokhu likhala ngoba umyeni wami ngangimtshelile ukuthi sekukhona engicele bangigadele ingane, okwamcasula eseloku engifonela.

“Ngakhala emva kwenhlolokhono ngizitshela ukuthi akekho omunye umuntu wesifazane okufanele abhekane nengidlule kukona futhi ngathi ngizokwenza umsebenzi ozosiza abantu besifazane, ngayisungula kanjalo iGirlHype,” kulanda uNks uMiya.

Ngenkathi eyiqala kwakuwukufundisa amantombazane ukuthi asebenzise ikhompyutha kodwa kwathi ngokuhamba kwesikhathi bengeza amakhono afana ne-coding, programming, iJAVAscript nokunye.

UNks uMiya uqale elekelela ezikoleni kodwa manje usesebenzisana nabafundi abasuke benza unyaka wokugcina ezifundweni zobuchwepheshe nabasuke sebezophothula iziqu noma asebephothulile.

Ubengomunye wezikhulumi ebezixoxa ngokuthi ubuchwepheshe buyithuthukisa kanjani impilo yomuntu, ikakhulukazi ohluphekayo kwi-Africa Tech Festival ebiseCape Town International Convention Centre eNtshonalanga Kapa ngesonto elidlule.

Inhlangano yakhe ibiqokwe njengenhlangano yomphakathi abantu okufanele banikele kuyo. Umsebenzi wabo bawenza ngokusizwa ngabaxhasi, okuba yizinkampani embonini yobuchwepheshe nakwezinye izimboni.

Uthi: “Sisanda kwethula uphiko oluzokwenza inzuzo ngoba sifuna izindlela ezizosisiza ukuthi sikwazi nathi ukuba nendlela esingenisa ngayo imali ukuze singathembeli kwabasixhasile kuphela.

“Ngisebenza namantombazane amnyama ahluphekayo. Angikwazi ukusonga izandla ngilinde omunye umuntu azosilungisela izinto. Njalo uma ngibona la mantombazane enza izinqumo eziphusile ngempilo yawo, kuthi cosololo kimi.

“Uma umuntu engibuza ukuthi sidingani, ngihlale ngithi ama-laptop, ngoba yize sinawo kodwa kwesinye isikhathi isibalo sawo siyancipha ngoba amanye kufanele siwanike amantombazane ahambe nawo uma sesiwaqeqeshile ngoba asuke engenawo awawo.”

Ngo-2015 uNks uMiya waqokwa wayi-Tech Woman of the Year. Lo mklomelo wawuhambisana nokuvakashela esizindeni sezikhondlakhondla zobuchwepheshe iSilicon Valley eMelika.

“Namanje uma ngicabanga lapho ngiqhamuka khona bese ngibuka ukuthi sengike nganyathela eSilicon Valley ngiyoqeqeshwa, angikholwa. Ngibuya eNhlanganweni yeZizwe… yiphupho.”

Okunye ngaye:

  • Uphumula ngokuhlala nabantwana bakhe nokuqwala izintaba;
  • Usekhonze ukudla okuyizitshalo kakhulu ngoba uzama ukuba yi-vegan;
  • Ukhonze umculo wabantu besifazane njengoBrenda Fassie, uKelly Khumalo noMakhadzi;
  • Ukhonze ukubuka ababhukudi, abadansi nama-ice skater;
  • Wayewumdansi we-ballroom.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

You cannot copy content of this page