ABANTU abadiliziwe njengoba kuqubuke iCOVID-19 nabazothola imali yabo yempesheni kanjalo neyokudilizwa kumele baqaphele imali yabo ingagcini iphelela kwintela ngenxa yendlela abakhetha ukuyisebenzisa ngayo.
KUBALISWA mihla namalanga ngokuthi lubheda kangakanani uhlelo lokubuyiselwa komhlaba njengoba kukhona amanye amapulazi athi uma esebuyiselwe emiphakathini eyayiphucwe umhlaba agcine esephenduke umhume wabaphangi ngoba engasetshenziswa.
USOMABHIZINISI owusondonzima emikhakheni wokudidiyela izinhlelo zethelevishini weluleke intsha ukuthi ingenzi amaphutha enziwa yibona ngoba bephushwa yingcindezi yokufuna udumo.
UMTHETHO ogqugquzela ukuthi kube noguquko kwezomnotho oluzovulela abantu abamnyama amathuba, iBlack Economic Empowerment (iBEE), awuthelanga zithelo ezitheni embonini yezamanzi olwandle ngoba izinkampani eziningi ezikhona ngezakwamanye amazwe nokwenza ukuthi zingayigqizi qakala indaba yalo mthetho ngoba aziwudingi.
KUKHUTHAZWE osomabhizinisi ukuthi basebenzise izinselelo ezidalwe yiCOVID-19 ukubheka izindlela ezintsha zokusimamisa amabhizinisi abo. Loku kuvele kuleli sonto esithangamini sosomabhizinisi engqungqutheleni iDurban Business Fair (iDBF) eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.
SEKUFIKE isikhathi sokuthi kuqhamuke isizukulwane esizoyeka ukuthembela kuhulumeni kodwa sikwazi ukuziphilisa sona ngoba ukuqubuka kweCOVID-19 kuvule iminyango eminingi.
LESI sikhathi esikuso manje senza ukuthi wonke umuntu owusomabhizinisi abheke izinto ezimayelana nebhizinisi lakhe ngamanye amehlo. Itshe seligaya ngomunye umhlathi manje, loku ebesikwazi futhi sikujwayele sekuphenduke kwasiyisa komunye umhlaba esingawujwayele. Mhlawumbe uyazibuza ukuthi ngabe ngikhuluma ngani kahle hle.
UKUBALULEKA kwamabhizinisi nosomabhizinisi kuhlale kugcizelelwa. Imbangela yaloku kungaba wukuthi osomabhizinisi badala izinsiza ezintsha nemikhiqizo emisha, bakhulise umnotho.
USESUNGULE isikole sokuqeqesha abalimi, iFresh Nest Farmers’Academy, ngoba efuna abalimi bagweme amaphutha awenza ngesikhathi esanda kuqala ukuba wumlimi.
Ingqalabutho kwezokugaya iphepha, ukudweba amaplani, ivulandlela ekuqashiseni ngamathoyilethi, indawo yokungcebeleka nomqondisi emabhodini ezinkampani…
KULULEKWE abesifazane ukuthi bahlukane nokugxila emabhizinisini amancane kuphela nokwenza into eyodwa bonke uma nje sebeke babona oyedwa eyiqalile yase iphumelela.
ISIPHAKAMISO somshwalense wezempilo iNational Health Insurance (iNHI) akuyona into okumele kubhekwe indaba yemali uma kukhulunywa ngayo kodwa kumele kubukwe ukuthi sizolekelela kuphi.
ININGIZIMU Afrika kumele ibuyekeze indlela ephatha ngayo ezolimo ngoba yimboni emqoka engasiza ukuxazulula inqwaba yezinkinga ezikhungethe umnotho wakuleli owe bhu phansi ngenxa yeCOVID-19.
ABANTU abakwamukele ukuthi impilo nesimo sabo semali sishintshile ngenxa yomonakalo odalwe yiCOVID-19 futhi banganqeni ukubuyekeza indlela abaphila ngayo.
KUZONA zonke izinto uDkt Lulu Gwagwa asezizuzile empilweni, akukho ayekuhlelile futhi akayena umuntu ophila ngokuba necebo leminyaka alilandelayo.
UZIMISELE ngokudayisa amabhodlela e-olive oil awu-5 000 ohambweni aluhlelayo lokuzungeza izwe lonke esuka eKapa umlimi osafufusa ogxile ekukhiqizeni amafutha omnqumo.
CISHE bambalwa abathandi bezincwadi zezindaba ezisuselwa ekhanda abangazi ngezincwadi…
KWEZOMNOTHO noma kwezamabhizinisi kuthiwa imfihlo ngempumelelo ilele…
UKUHLASELA kwegciwane iCOVID-19 kulimaze ezomnotho ngendlela engakaze ibonakale, ngaphezu kwaloko kanti vele njengezwe besingena kwinzikamnotho.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.