PHEZU KWABO

Share this now

UNYAKA u-2020 ube nezigemegeme eziningi. Kuzona zonke indabizekwayo kube wukubheduka kweCOVID-19, eyenze kwavalwa izwe thaqa. Enye indabizekwayo yiKhomishini yokuGwamandwa koMbuso, eholwa yiPhini leNhloko yamaJaji uJaji uRaymond Zondo.

Ubufakazi izakhamuzi nabakhokhintela baseNingizimu Afrika ababuzwe kule Khomishini bufanele inoveli noma ifilimu esuselwe ekhanda. Into enkulu ehlalukile ngengonyuluka yofakazi kule Khomishini wukuthi ipolitiki ayisiyo indawo yezinhlobo ezimbili zabantu: abangcwele nosathane. Impela kufakazeleke okwake kwashiwo yilowo owayewuNgqongqoshe wezeNhlalakahle uNksz uBathabile Dlamini, owathi wonke umuntu (kuhulumeni noma kwipolitiki) unamabibi akhe.

Izwe libone amabibi afihliwe ephuma elakanyana, nakulabo abebethathwa njengongcwelengcwele. Siyiziko lezindaba zomnotho asifisi ukungena sigamanxe kwipolitiki yabangcwele nosathane.

Kepha sifisa ukudlula kokuthinta umnotho wezwe nemali yabakhokhintela. Kubuhlungu ukuzwa ukuthi imali ibitanyuzwa budlabha ngabantu engabafanele, abangawenzile umsebenzi. Kubuhlungu ukuthi ngenxa yenkohlakalo yezikhulu namhlanje izinkampani zikahulumeni ebezenza inzuzo, okubalwa kuzona iSouth African Airways, i-Eskom, iDenel nePrasa, ziyawa, zidinga ukutakulwa noma zisengcupheni yokudayiswa.

Yingakho esisanda kukuzwa kokuthi kunezikhondlakhondla zezinkampani ezithinteke unembeza, ngemva kobufakazi obuzwakale kwiKhomishini kaZondo, ezizibophezele ukuthi zizobuyisela kuhulumeni imali engatholakalanga ngendlela efanele kusiqinisa idolo ukuthi ikhona imizamo yokulwa nenkohlakalo.

Imibiko ithi i-Eskom neSpecial Investigating Unit (iSIU) bazolanda uR1.56 billion owakhokhelwa i-ABB South Africa. Le mali kuthiwa yakhokhwa kungafanele ikhokhelwa umsebenzi owawuzokwenziwa endaweni ephehla ugesi iKusile ngo-2015. Izakhamuzi nabakhokhintela nosomabhizinisi babhekena nokucishwa kukagesi ezweni lonke kodwa kwakhokhwa izigidigidi kuthiwa kwakhiwa oKusile noMedupi kepha azibonakali izithelo zokutshala imali kulezi zinto.

Sikhuluma nje i-Eskom isibuyiselwe yiMcKinsey uR1.1 billion, iDeloitte Consulting yayibuyisela uR171 million. Kumanje iphezu kwezinhlelo zokubuyisa uR95 million kwiPwC kanti ihubha izinkampani zakwaGupta, izikhulu zakwa-Eskom nongqongqoshe ifuna uR605 million.

Kuqinisa idolo nokubona izinhlaka zomthetho njengeSpecial Investigating Unit zenza umsebenzi othela izithelo. Sekunesikhathi sizwa kuthiwa izinhlaka zomthetho, emkhankasweni owawuhlelwe yiziphathimandla, zakhishwa udosi, ukuze izonakali zingashushiswa mhla amabibi azo evela obala.

Sivumelana namagama esikhulu esiphezulu se-Eskom uMnu u-André de Ruyter uma sithi: “Asenzeli nje ukuthi izobuya yonke imali – njengoba cishe eningi ithukuswe phesheya – kodwa silwa impi yokuthi uma abantu beyekwa, loko kuvula amasango okuthi wonke umuntu azitapele.”

You cannot copy content of this page