Phumuza umzimba nengqondo somabhizinisi ukuze uzowuqala kahle unyaka omusha, kuloba uNtokozo Biyela

SESISONDELE isikhathi sokuphithizela ngaphambi kokuthi sihlukanise unyaka singene onyakeni omusha u-2023. Lona kube wunyaka ongemuhle neze kosomabhizinisi abaningi. Khumbula ukuthi siqale lo nyaka siphuma eminyakeni emibili ebimibi, neshiye osomabhizinisi abaningi beshayekile.
Nokho kwabanye lo nyaka ube muhle bakwazi ukuvusa amabhizinisi abo asimama, izinto zachuma. Noma ngabe zihambe kahle noma azihambanga kahle kodwa lesi yisikhathi lapho wonke umuntu ehlaba ikhefu khona futhi kuyafuneka nosomabhizinisi aphumuze ingqondo nomzimba.
Cha, loku akusho ukuthi gxila otshwaleni nasekudleni kakhulu. Kumele uke uthathe isikhathi uphumuze umzimba ngokulala isikhathi eside, lingathi liphuma nje ilanga nawe usuvuka uyagijima. Lala nje uze uxhoshwe yinhlamvu yelanga. Vuka uhambahambe egcekeni lakwakho ungafake zicathulo, izinyawo zakho zishaywe wumoya. Loku kuyaphilisa.
Ngelinye ilanga vuka uzivocavoce noma ugijime ibangana ngalapho uhlala khona. Isikhathi esiningi sivuka singene ezimotweni sigcwale imigwaqo usuku lonke, sehle emotweni singene ehhovisi emihlanganweni emide sihlale phansi. Loku kuyawulimaza umzimba. Kuyafuneka nje ngezinye izinsuku uke uhambe ibanga elide ngaphandle kwemoto.
Naku okunye okubalulekile, thatha isikhathi ukubuyisa igazi emzimbeni wakho uye ezindaweni zokubhucabhuca umzimba ukuze negazi ligijime kahle emzimbeni noma uye ezindaweni ezifaka ama-vitamin emzimbeni wakho ukuze uqinise amasosha omzimba.
Ungathatha leli thuba futhi ukuyobona udokotela wakho noma umeluleki wengqondo ukuze wehlise ukhwantalala. Lesi yisikhathi sokuphumula, uke ungazibambi izingcingo ezimayelana nomsebenzi uma usuvalile emsebenzini.
Uma wenze kahle kulo nyaka, ungathatha noma yisonto uye ezindaweni zokungcebeleka nomndeni nishaywe umoya. Kuyasiza ukuya endaweni lapho ungazi muntu khona.
Unyaka wonke sisebenza kanzima sizama ukuvusa amabhizinisi ethu sikhohlwe wukuthi kufanele siphumule. Nami ngiyezwa manje ukuthi sengidinga ukuthatha ikhefu ngoba umzimba negqondo akusavumi. Maningi amabhizinisi engiwenzayo, ngibuye ngenze isiqiniseko sokuthi njalo ngesonto ngikulethela le ngosi, ngibuye ngenze olunye uhlelo lwezamabhizinisi ezinkundleni zokuxhumana njalo ngoMsombuluko, ngibuye ngibe yilunga lenhlangano yabagijimi ebanemihlangano njalo ngesonto futhi ngiqeqeshe osomabhizinisi abasafufusa nezinkampani ezinkulu.
Konke loku kubuye kusinde emzimbeni nasengqondweni. Yingakho-ke nami ngizothatha ikhefu ekubhaleni le ngosi. Sesiyoze sibonane ngonyaka ozayo.
Nginifisela konke okuhle nemindeni yenu, enibathandayo nabo bonke abantu abanisebenzelayo emabhizinisini enu.
Sengathi ningaphumula kahle, nithokoze kahle uma sekuphetha unyaka kepha nenze isiqiniseko sokuthi uma nibhiyoza aneqisi ophuzweni oludakayo futhi anishayeli niphuzile ngoba loko kuyingozi.
Sengathi ongaPhezu konke angaba nani, anisibekele siphinde sibonane ngo-2023. Okuhle kodwa kinina nonke.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift ConsultingÂ
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela