SEKUTSHALWE amasosha ukuthi agade ezinye iziteshi ze-Eskom ngoba kubonakala ukuthi zisengozini yokucekelwa phansi. Ngokwemibiko yabezindaba, isiteshi ngasinye sizogadwa cishe ngamasosha ayishumi. Lezi ziteshi yiMajuba, iCamden, iGrootvlei neTutuka. Akukacaci ukuthi zizogadwa isikhathi esingakanani. Sekunesikhathi kunemibiko nezinsolo zokuthi kukhona isandla semfene ekucinyweni kukagesi okukhinyabeza umnotho.

Share this now
You cannot copy content of this page