Digest Izindaba SEKUTSHALWE amasosha ukuthi agade ezinye iziteshi ze-Eskom ngoba kubonakala ukuthi zisengozini yokucekelwa phansi. Ngokwemibiko yabezindaba, isiteshi ngasinye sizogadwa cishe ngamasosha ayishumi. Lezi ziteshi yiMajuba, iCamden, iGrootvlei neTutuka. Akukacaci ukuthi zizogadwa isikhathi esingakanani. Sekunesikhathi kunemibiko nezinsolo zokuthi kukhona isandla semfene ekucinyweni kukagesi okukhinyabeza umnotho. December 19, 2022 Share this now