Sibeka umnotho engcupheni ngokulengela ohlwini i-grey list, kuloba uBusi Mavuso

MNINGI umsebenzi owenziwayo ukunciphisa amathuba okuthi inhlangano elwa nokukhwabanisa imali nokunika amaphekulazikhuni imali emhlabeni iFinancial Action Task Force (iFATF) iklelise iNingizimu Afrika njengezwe elingenzi kahle ukuhlonipha lo mthetho, phecelezi i-grey listing.
UPhiko lokuShushisa eZweni iNational Prosecuting Authority (iNPA) lusebenze kanzima ukuhlanganisa amacala athinta ukugwamanda amandla ombuso nezikhungo ezinjengoPhiko oluQoqa iNtela (iSouth African Revenue Service) noPhiko oluHlanganisa ezobuNhloli ngeMali iFinancial Intelligence Centre bebesebenza ukuze kube nezindlela ezintsha zokulwa nokushushumbisa imali.
Umbuzo osomabhizinisi abanawo othi ngabe loku kwanele yini; ubuwazi ukuthi ngabe loku kuzoyanelisa yini iFATF? I-Business Leadership South Africa (iBLSA) isihlanganise ucwaningo oluzophendula lo mbuzo kanti imiphumela yalo izokwethulwa mhla ka-11 Okthoba.
Ukufakwa ohlwini i-grey list kungaba nemiphumela emibi emnothweni, kunyuse izindleko zokuhwebelana ngezimali namanye amazwe. Kuzoba nzima kakhulu ukusebenzisana nasomabhizinisi bakwamanye amazwe nabanama-akhawunti khona nakwabathembele emalini yaphesheya.
Zicacile izizathu ezenza sidinge ukuzihlanganisa nomnotho womhlaba wonke. Abanye bafanisa ukufakwa kulolu hlu njengokukleliswa kabi yizinhlangano eziklelisa amazwe ukuze ahehe abatshalimali. Kukhona okufanayo njengoba amazwe eshintsha indlela abuka ngayo ubungozi bokusebenzisana neNingizimu Afrika njengoba lezi ezinye izinhlangano zishintsha indlela obukwa ngayo ngababolekisa ngemali.
Ukufakwa kwi-grey list kuwumphumela wokuhluleka ukuphenya ubugebengu obuthinta amacala emali nokungashushiswa ngendlela efanele kwezaphulamthetho ngenkathi kugwamandwa amandla ombuso. Sibhekene nezinkinga ngenxa yokuhluleka kwethu ukushushisa ngendlela efanele izaphulamthetho ezithinteka ebugebengwini bokushushumbisa imali nokunika amaphekulazikhuni imali.
Inhloso yeFATF wukweseka amazwe ukuze akwazi ukwenza izincomo nokulindelekile kuwona ekugadeni ngendlela efanele, ukuphenya nokushushisa abathinteka emacaleni okushushumbisa imali nokuxhasa amaphekulazikhuni ngemali. Loku kuhambisana kakhulu nokufunwa ngosomabhizinisi, okungukubona amaphoyisa esebenza ngendlela efanele, ukuphenya nobulungisa emacaleni athinta imali.
Yingakho iBLSA isayine isivumelwano sokweseka iNPA ukuthi ithole abantu abanamakhono embonini ezimele abadingekayo ukuphenya nasekuhlanganiseni amacala.
Kuningi okusengcupheni, ngale kokufakwa kwi-grey list yiFATF njengezwe. Ubugebengu buyingozi emnothweni wethu nasezweni lonke. Umbiko okhishwe yiGlobal Initiative Against Organised Crime ngenyanga edlule uthe ukunyuka kwamazinga okubulala, ukuphanga nokuthumba kubeka iNingizimu Afrika engozini.
Ucwaningo luzohlaziya izinkinga ezithinta umnotho okungenzeka zibekhona ngenxa yokufakwa kwi-grey list, lubheke ukuthi zingancishiswa kanjani. Le miphumela izoncika kakhulu ekutheni umhlaba uthemba kangakanani ukuthi loku kuzoba yinto yesikhashana yini, ezoqedwa ngokushesha njengoba siphezu kwemizamo yokuba nezikhungo ezikwazi ukubona nokuqeda ngokushushumbisa imali.
Kunemiphumela eminingi emabhizinisini. Kumele baqonde imiphumela yokufakwa kwi-grey list, nokuthi ingancishiswa kanjani. Kepha kuneqhaza elicacile okumele libanjwe ngosomabhizinisi emizamweni yezwe yokulwa nobugebengu obuhleliwe obuxhumene nokushushumbisa imali nobokuxhasa amaphekulazikhuni ngemali.
Leyo mizamo izodinga abantu abasembonini ezimele abanamakhono okuphenya nokuqoqa ubufakazi. Ngaphandle kokubonisana neNPA, uphiko lwethu iBusiness Against Crime lweseka ezobulungisa. Uhlelo lweFATF lusikhuthaza ukuthi siphokophele kakhulu ukulungisa izinhlaka zethu ezilwa nobugebengu bamacala emali.
Ngiyayincoma iNPA ngokubeka icala inkampani iMcKinsey ngenxa yesivumelwano samaguzu ezitimela zaseTransnet ngokufaka le nkampani ecaleni elithinta owayeyisikhulu esiphezulu seTransnet uMnu uBrian Molefe nowayeyisikhulu sezimali uMnu u-Anoj Singh.
Lena indlela efanele yokubhekana nokungasebenzi kahle kwezinkampani ngenxa yokugwamanda amandla ombuso. Lapho khona icala lihlanganiswa emva kophenyo olunzulu, izinkampani kumele zithweswe amacala zishushiswe enkantolo. Kumele icala lazo lithethwe ngendlela efanele futhi inkantolo iphume nesinqumo esiqinisekisa ukuthi ubulungiswa bubekhona.
Njengoba sekuke kwashiwo, inkohlakalo ithinta abantu ababili abavumelanayo. Lapho osomabhizinisi bephule khona umthetho, kumele bathweswe amacala.
Esabelwenimali saphakathi nonyaka esizokwethulwa mhla ka-26 Okthoba uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwane kumele azame izinto ezimbili. Okokuqala kube wukwenza uhulumeni usebenze ngendlela efanele ukuhlinzeka ngezidingo izakhamuzi zezwe futhi kube nenqubomgomo yezezimali efanele. Kepha okwesibili kumele umelane nezicelo eziningi njengesesibonelelo i-social relief of distress, imiholo yezisebenzi zikahulumeni nezindleko zezikweletu ezinyukayo.
Abantu baseNingizimu Afrika abakhohlakele ukudlula abamanye amazwe. Ubukhulu benkohlakalo kunoma yiliphi izwe buhlale buhambisana nokuthi lelo zwe likwazi kangakanani ukuba nezinhlaka zokuyinqanda.
Uma abantu bekhwabanisa kodwa bangabanjwa, maningi amathuba okuthi bantshontshe. Uma izikhungo zezwe ezibheke inkohlakalo zibuthaka, amazinga enkohlakalo abaphezulu kakhulu.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA