SIKHUMBULA UMAKWETU
NGENKATHI eqala umsebenzi wokuba wuMcwaningimabhuku-Jikelele eminyakeni eyisikhombisa edlule, uMnu uKimi Makwetu wathi into yokuqala nemqoka angathanda leli hhovisi ligxile kuyona wukwenza izisebenzi zikahulumeni zikusukumele ukulungisa amaphutha atholwa ngabacwaningimabhuku; nathi kuyoholela ekutheni imali yabakhokhi bentela isetshenziswe futhi iphathwe ngobunono.
Ngaleyo nkathi, uMakwetu, odlule emhlabeni kuleli sonto ngenxa yomdlavuza wamaphaphu, wathi: “Umsebenzi omningi ebesiwenza kule minyaka edlule bekungowokwenza abantu abaphethe kuhulumeni babone ukubaluleka kokugada indlela imali esetshenziswa ngayo nokuthi kumele kwazeke ukuthi imali yenzeni futhi kanjani. Manje kungakuhle uma singakwazi ukwenza abantu abaphethe kuhulumeni babone ukuthi kumele lezi zinto ezivelayo uma kucwaningwa amabhuku bazithathe, bazisebenzise ukuze zibasize baphathe kahle imali nokuzoholela ekutheni bathole imibiko emihle ngendlela abasebenzisa ngayo imali.”
Sikhumbula la mazwi kaMakwetu njengoba sibhonga emswaneni nje ngokushona kwakhe yingoba loku azibophezela kukhona esithatha lesi sikhundla abesezothi khumu kusona ukumele futhi ukusebenzele.
Kuthe uma uMakwetu ebona kuqhubeka isikhathi izisebenzi zikahulumeni ziyishaya indiva imibiko yehhovisi lakhe njengoba beziqhubeka nokuxhaphaza imali yabakhokhi bentela nokungawuhloniphi umthetho olawula ukusetshenziswa kwemali, iPublic Management Finance Act, kwaya ngamagama enkehli.
UMakwetu nehhovisi lakhe baya ePhalamende bayocela ukuthi kubuyekezwe umthetho olawula ukucwaningwa kwamabhuku kuleli, iPublic Audit Act, nokuyisicelo esiphumelele ngonyaka odlule.
Leli gxathu linike ihhovisi likaMakwetu amandla athe xaxa ukuze likwazi ukuthatha izinyathelo ezingaphezu nje kokukhipha umbiko uma lifika lithola ukuthi akuhanjiswanga ngendlela emalini kahulumeni futhi izexwayiso neziphakamiso ezazikhishiwe phambilini zishaywe indiva.
Nokuthi sithi uma sikhuluma ngokuthi inuka phu inkohlakalo eNingizimu Afrika yingenxa yobufakazi esihlale sibethulelwa yihhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele.
Leli hhovisi linesithunzi futhi lingezinye zezinhlaka zikahulumeni ezimbalwa thina njengezakhamuzi esaziyo ukuthi singazethemba ngoba lenza umsebenzi walo ngobuqotho nangokuthembeka.
UMakwetu, obengampongolozi uma ekhuluma, ulihole leli hhovisi ngesikhathi esinzima kakhulu ezweni lapho ukuzitapela emalini kahulumeni bekwenziwa udede njengoba sizwa nangobufakazi obethulwa kwiKhomishini ephenya ngokuqhwaga koMbuso, eholwa wuJaji uRaymond Zondo.
Kuke kwanesikhathi lapho izisebenzi zaleli hhovisi bezingakwazi ukuthola kahle amabhuku kwabanye omasipala futhi zisatshiswa uma zizama ukwenza umsebenzi wazo.
Kodwa kukhona konke lokho, yimpi le uMakwetu ayilwe ngesizotha, akangangena ogibeni lokwesaba futhi akangavumela ingcindezi yosopolitiki imphazamise.
Ukubambelela, uzidele, uqhubeke nomsebenzi wakho ngisho usuthole ukuthi unomdlavuza osuhambe nakangaka, njengoba watholwa ususesigabeni sesine, kukhombisa ukuzinikela okumangalisayo.
Sebeyivela kancane abaholi abafana noMakwetu; abaholi abakuqondayo ukuthi kusho ukuthini ngempela ukuba yisisebenzi sikahulumeni.
Siyabonga ngokuba yisibonelo esihle. Siyabonga ngenkonzo yakho futhi siyabonga nangokuvikela kwakho intando yabantu.
Siyathemba kuzozaleka abanye oMakwetu babe baningi abafuna ukusika iphethini kuwe ngenhloso yokuphucula izwe lethu.
Sengathi ungaduduzeka umndeni wakwaMakwetu, bonke abalingani ehhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele nemboni yonke yabacwaningimabhuku.
SiyiNingizimu Afrika siswele imilomo eyizinkulungwane yokubonga. Phumula Zikhali, ukulwile ukulwa okuhle.