Ubizo lwakhe lusekuhlengeni impilo yentsha ngezemidlalo kepha usezakhele igama ngokuhlanganisa ukotini. Uxoxe noLANGA KHANYILE
UTHANDO lwakhe lusemkhakheni wezemidlalo. Kuyena ezemidlalo aziwona umdlalo nje kodwa ziwubizo; ubizo lokwenza umehluko empilweni yabantu abasha.
Yilolu thando olumenze wafundela i-Sports Management eDurban University of Technology. “Ezemidlalo ziyinkonzo kimina, inkonzo yokusiza intsha. Akusibona bonke abantu abasha abaphiwe ukuba bukhali esikoleni. Abanye baphiliswa ngezemidlalo. Kwezemidlalo kunezifundo ngempilo jikelele,” kusho uMnu uSilo Khanyile, i-stylist saseQueensburgh, eThekwini, KwaZulu-Natali.
Pho kwenzeka kanjani ukuthi ubatshazwa ngemilingo ayenza kwezemfashini kunasemabaleni ezemidlalo noma ngokukhiqiza izibabuli zabadlali? “Uyazi uzomangala ukuthi ngangena kanjani kwezemfashini. Ngangena shi ngo-2014. Kwakuzoshada udadewethu. Ngangifuna amasokisi engizowagqoka emshadweni. Amasokisi engangiwafuna kwakungama-happy socks. Ngangiwafuna la,” kukhumbula yena.
Uthi kakade ukudla indwangu yinto ayithathe kuyise. “UBaba uyaswenka,” kusho yena kugcwala umlomo.
Uthi wasizwa wuMthoko uSwenka ukuthola ama-happy socks ayewafuna kabi. Ngemva kwaloko kwavela ithuba lokusebenza e-C Squared, isitolo seCarducci eGateway, eMhlanga. “Ngangena kanjalo ngokugcwele (kwezemfashini). Namuhla ngiyi-stylist. Ngisiza abantu baswenkele imicimbi yabo.”
Ngaphambi kokuzimela ukube waba yi-store manager eHouse of Monatic. Ukuthanda indangu kwenze uKhanyile waqala akubiza nge-movement, umbhidlango, yokugqokisa abantu. Le movement uyibiza nge-Dress Me Too. Uthi ubefisa ukuqamba inkampani ngaleli gama kodwa usesindwe yizinyawo njengoba kukhona oselibhalisile.
UKhanyile ulekelela abantu ngengqephu abayigqoka emicimbini ehlukene; kungaba yi-Matric dance, umshado, ama-graduation, ama-21st birthday noma muphi nje umcimbi odinga umswenko. Ubasiza ngokubeluleka, ukubabhekela nokubathengela izimpahla ezitolo.
“Ukugqoka kimina yinto ejulile. Akupheleli ezingutsheni; kuthinta umoya womuntu. Le nto isuka ku-Adamu no-Eva. Ngemva kokudla isithelo, bavuleka amehlo bazibona ukuthi banqunu; ekamoya lena. Ngemva kwaloko benza amahlamvu bagqoka. Ingqephu yokuqala kwakungeyamahlamvu.”
Phakathi kosaziwayo aseke wafeza amaphupho abo kubalwa uNaves, uSPHEctacula, uColin Zondo, uDJ Le Soul, u-Andile kaMajola, uThemba Bavuma, uDJ Sox, uWillian Lehong noKeagan Dolly.
Uthi nakuba eseke wagqokisa osaziwayo kodwa ikhona into eyenza inhliziyo yakhe ithi kla. “Ngikhuthazwa futhi ngeneliswa wukugqokisa umfana omncane oneminyaka ewu-7. Loku kuyangigcwalisa emoyeni.
“Okunye okungichazayo wukuthenga ohlangothini lwabantu besifazane. Abantu besifazane abanamahloni, abenqeni ukuhlola imibala (egqamile),” kusho yena.
Uthi uyathanda “ukudlala” ngemibala ngisho egqokisa abantu besilisa. “Ngake ngagqokisa uLunga Shabalala kumaMetro FM Awards ango-2016, noma 2017. ULunga uwumuntu othanda amasudi azothile; a-navy, amnyama noma ampunga. Ngalama Awards ngamgqokisa isudi e-salmon pink, ayiggqoka nothayi omnyama nezicathulo ezimnyama.
“Ngakusasa ngezwa ngocingo lwakhe ethi ‘Ndoda ngigcwele emaphepheni. Ngisekhasini lokuqala kwelinye iphephandaba; ngiwuswenka obedlula bonke’. Loku kwangijabulisa kakhulu, kwangikhuthaza,” kukhumbula uKhanyile.

Uthi: “Okunye esingivame ukukwenza wukugqokisa umkami; njengoba ngisanda kushadelwa. Kwenza ngoba ngiyathanda ukubheka uhlangothi lwabantu besifazane ezitolo. Umkami ubuya ekhaya athi ‘kade nginconywa ngapha nangapha’.
“Okunye umuntu azama ukukwenza wukuqhakazisa izingubo zodokotela. Umkami ugqoka izingubo zodokotela eziqhakazile, ezinye ezinemisiko yesintu. Sesiqale i-AfriScrub eyenza lezi zimpahla.

Nokho akuhlale kungamakhekhe noswidi emsebenzi wokuba yi-stylist. UKhanyile uthi ayikho into edumaza njengekhasimende elingafuni ukukhokhela umsebenzi wakho noma ikhasimende elifuna unciphise imali oyibizayo. “Loku kuthena amandla. Uvele uxakeke uzibuze ukuthi yingoba umsebenzi wakho ubheda mhlawumbe. Le nto ivame kakhulu eThekwini; eGoli abantu abananazi ukukukhokhela,” kusho uKhanyile.
Amanani aqala kuR2 890 isudi kunyuke, uR1 000 i-consulting fee kuye ngesikhathi nokuthi ikhasimende lifuna ukwenzelwa ini.
UKhanyile unezinhlelo zekusasa. “Okukhulu engikufisayo wukukhula, ibhizinisi lisimame. Ngihlela ukugxila ekuswenkiseni izingane; umqondo we-Dapper Kids. Ngifisa ukuthi kube nezingxoxo ngendlela abantu ababukeka ngayo.”
Facebook: Silo Khanyile
Twitter: @SiloKhay
Instagram: SiloKhay