UMnu uSiphamandla Mkhwanazi, usomnotho omkhulu eFNB

Izithombe: Zithunyelwe

Ubonga uthisha wakhe osewuqweqwe lukasomnotho. INTATHELI YOMBELE iyabika

Share this now

UKUKHUMBULA into eyashiwo wuthisha owayemfundisa izibalo, okwaba nesandla emkhakheni agcina ewuthathile.

Namhlanje uMnu uSiphamandla Mkhwanazi ubalwa nabanye babantu abathenjwayo ngokuhlaziya ezomnotho nemigomo yazo eNingizimu Afrika.

UMkhwanazi, odabuka eMtshezi, KwaZulu-Natali, uwusomnotho omkhulu eFNB. Wayeziphuzela kwi-Maths neSayensi esikoleni, nokwamenza wacabanga ukungena emkhakheni we-Actuarial Science, kwazise wayethole umfundaze kwi-Association of South African Black Actuarial Professionals.

“Ngahamba ngayofunda i-Mathematical Science e-University of Witswatersrand kwiziqu ze-BSc kodwa kwakukhona nezifundo zamabhizinisi njenge-Accounting ne-Economics. Nakuba ngangiyithanda i-Mathematics futhi ngisayithanda namanje kodwa ezomnotho zazingivula amehlo ngenye indlela futhi ngangiqala ukuzifunda enyuvesi. Zangifundisa ukuthi imiphumela esiyibonayo idalwa yini nokuthi abantu bazenza kanjani izinqumo. Akusikho nokuthi ezomnotho kangako kodwa yindlela yokuphila nokuthi kungani abantu behambisana nepolitiki ethile.

“Okunye wukuthi ngaba nenhlanhla yokuba nothisha we-Mathematics esikoleni samabanga aphezulu owayebuka izinto ngeso elibanzi. Wayevame ukusitshela ukuthi abantu abami kahle nabaphumelelayo empilweni bafunda i-Mathematics nezomnotho kodwa sasingakuqondi loko ngoba njengabantu ababefunda isayensi sasibabukela phansi ababenza ezomnotho. Ngaya enyuvesi nginakho emqondweni ukuthi umuntu engimhloniphayo wangitshela ukuthi abaphumelelayo empilweni bavame ukwenza i-Mathematics nezomnotho,” kukhumbula yena.

UMkhwanazi uyazifela ngomsebenzi wakhe, ikakhulukazi indlela ezomnotho ezithinta ngayo yonke into empilweni. UMkhwanazi une-MCom in Economics kanti kumanje wenza i-MBA e-Universitat de Barcelona eSpain.

Uyavuma ukuthi kusewumkhakha oqondwa yidlanzana. “Ulwazi lwezomnotho luzokusiza ukuthi wenze izinqumo ezingcono. Ngeshwa, ulimi olusetshenziswayo akulona olujwayelekile. Loku kungenxa yendlela okufundiswa ngayo kodwa nangenxa yokungalingani.”

E-FNB uMkhwanazi ugxile kwimboni ebheka izindlu, nokungenye yezinkulu kuleli bhange. Ucubungula le mboni ukuze ibhange liqonde izinselelo ezibhekana namakhasimende ukuze yena asize ibhange liqhamuke nezixazululo nokunciphisa ingozi. Uneminyaka emine efikile kuleli bhange.

Imboni yezindlu ngenye yezinkulu ezibhekwe yiFNB

“Ayadonsa amahora umuntu awasebenzayo futhi sibuye singahlukaniseki isikhathi somsebenzi nesikhathi sakho kodwa ngiyakuthanda ukuthi umuntu uyakwazi ukulawula isikhathi sakhe ngoba ngisho ngaphambi kweCOVID-19 sasithi asikho isidingo sokuhlale uza ehhovisi, ungasebenzela noma yikuphi, inqobo nje uma unazo izinsizakusebenza.

“Ngiyakuthanda nokuthi akubhekwa kakhulu izikhundla lapha. Kungekudala nje bengihleli nesigungu esiphezulu nabantu abathatha izinqumo. Balalelile indlela esibuka ngayo umnotho, bona-ke bazothatha loko bese behlanganisa iqhinga esizolilandela. Ezinkampanini eziningi ezinkulu njengeFNB amathuba anje ayivelakancane.”

Ephawula ngomgomo womnotho waseNingizimu Afrika, uMkhwanazi uthi izwe linenqwaba yabantu abakwazi ukubona izinselelo ezikhona. Nokho uyakhala ngezinto ezihamba ngonyawo lonwabu uma sekufanele kufingqwe imikhono kulungiswe. Enza isibonelo, uthe: “Izinto siyazibona emva kwesikhathi eside sidonsisana. Uma ubheka izisombululo zenkinga kagesi ezisanda kwethulwa, ziyezwakala futhi akufanele ngabe kwasithathga okungenani iminyaka eyishumi ngaphambi kokuzisukumela.”

Ukhalile nangezinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi entsheni, nathi liqeda ithemba futhi iyimbangela yokuthi kuhambe abanye babantu abanethalente eliyisimanga bafudukele kwamanye amazwe.

Okunye ngaye:

  • Ubukela kusomnotho waseMelika uMohamed A El-Erian;
  • Uphumula ngokulalela umculo kamaskandi;
  • Ukhonze ukudlala ibhola;
  • Uthanda ujeqe nobhontshisi.
You cannot copy content of this page