UMnu uJoseph Ndaba, ukhomishana wePresidential Commission on the Fourth Industrial Commission ekhuluma kwi-Africa Tech Festival eCape Town International Convention Centre eNtshonalanga Kapa

Izithombe: Zithunyelwe

Ubuchwepheshe bungavulela abasafufusa iminyango eminingi. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

IZINKAMPANI ezisafufusa zisala ngaphandle uma kukhulunywa ngezinto ezihlose ukuthuthukisa zona kanti abantu bezinkampani ezinkulu bayathanda ukuzikhulumela, okuyinto engalungile.

Usho kanje uMnu uJoseph Ndaba, omunye wokhomishana beKhomishini ebheke amathuba aqhamuka nobuchwepheshe besimanje eHhovisi likaMengameli ngenkathi ekhuluma kwi-Africa Tech Festival ebiseKapa, eNtshonalanga Kapa, kuleli sonto.

Uthe: “Akukho okutheni okwenziwayo eNingizimu Afrika uma sikhuluma ngokuqhamuka nezinto ezintsha. Sisungula imigomo ethinta osomabhizinisi abasafufusa ngaphandle kwabo futhi sibe singazi ukuthi badingani ngoba asibabuzi.”

UNdaba obesethimbeni ebelibheka ukuthi ubuchwepheshe besimanje bungasetshenziswa kanjani ukuthuthukisa izinkampani ezincane ubatitinyile abanikazi bezinkampani ezisafufusa ngokuzithela ngabandayo. “Kufanele basukume nabo babheke amathuba, bahambele izingqungquthela ezifana nalena ukuze bazwakale.

“Akufanele abantu baqale amabhizinisi ngenhloso yokuxhaswa wuhulumeni, akulona ibhizinisi lelo. Abantu abaxoxe nabanye osomabhizinisi, bazane,” kusho yena.

Nakuba ezobuchwepheshe zenza kube lula ukuqhamuka nezinto ezintsha kodwa ezinye izikhulumi zixwayise abasafufusa ukuthi bagade ukuthi bangaqhamuki nezinto ezintsha kuze kweqe.

UNks uHabiba Ben Barka, inhloko ye-Afrika e-United Nations Conference on Trade & Development, uthe: “Khumbula ukuthi okwenzayo kufanele kube wukuthi kukhona indlela ikhasimende elisizakala ngayo.

“Enye inkinga ngamabhizinisi asafusufa wukuthi awakwazi ukuzidayisa kahle, nokwenza abantu bangawanaki. Awanayo nemali yokutshala emsebenzini wokucwaninga izinto ezintsha.”

UNks uNastassha Dooks, i-business executive head – SME & SOHO eVodacom, uthe kumqoka ukuthi kubhekwe indaba yokuphucula indlela abasafufusa abakwazi ukuxhumana ngayo besebenzisa ubuchwepheshe ngokwezidingo zabo.

“Uma sekulungile loko kuzosho ukuthi kukhona into eyodwa abanikazi bamabhizinisi asafufusa okuzobe kungasafanele bazikhathaze ngayo ngoba ziningi izinto ezibahluphayo,” kusho yena.

Izikhulumi uNks uHabiba Ben Barka, uNks uNastassha Dooks noMnu uMasha Mathopane

UMnu uMasha Mathopane, uMqondisi we-Inclusive Economy eGauteng, uthe ziningi izinhlelo abanazo zokunciphisa izindleko zosomabhizinisi abasafufusa kulesi sifundazwe, ikakhulukazi labo abasemalokishini.

Uthe basebenzisa ubuchwepheshe ukukhuthaza abantu ukuthi basebenze lapho behlala khona.

You cannot copy content of this page