Kuzobungazwa abenza ezibukwayo kwezobuchwepheshe e-Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika
ABANTU besifazane ababili baseNingizimu Afrika abasembonini yezobuchwepheshe basethubeni lokuwina emiklomelweni ebungaza abakule mboni ama-Africa Tech Festival Awards.
Kuzobhungwa ngezixazululo zobuchwepheshe e-Afrika emabhizinisini asafufusa. INTATHELI YOMBELE iyabika
ABAHOLI nongoti bezobuchwepheshe emhlabeni bazobuthana ukuzogubha iminyaka ewu-25 kwasungulwa i-Africa Tech Festival eCape Town International Convention Centre phakathi komhla ka-7 no-11 Novemba 2022.
Ukuthuthuka kobuchwepheshe kusho ukuthi nezigebengu ezibusebenzisayo ziyathuthuthuka. Yazi izindlela ongazivikela ngazo, kuloba uSiyabonga Mabuza
ESIKHATHINI esiphila kusona manje, yonke into ixhumene futhi isebenza ngobuchwepheshe, yingakho ukuzivikela ngendlela efanele kwezobuchwepheshe, phecelezi i-cybersecurity, kubalulekile njengokutshala imali, ukuba namakhono ahlukene, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuba nabaphathi abafanele ukuze ibhizinisi liphumelele.
Bahlinzeka osomabhizinisi asafufusa ngobuchwepheshe obusha ukwandisa amathuba omsebenzi. USLINDILE KHANYILE uyabika
UBUCHWEPHESHE besimanje buvule amathuba emisebenzi emisha, ikakhulukazi entsheni njengoba kuyiyo ebusebenzisa kakhulu. Eminye yale misebenzi ethinta ukuhlanganisa izindaba ezihlukene imvamisa ezisatshalaliswa ngezinkundla zokuxhumana.