Ufeza isifiso abanaso esaqashiwe owashiya ubumnandi besikhundla emsebenzini. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

NAKUBA kwakunzima ukushiya umsebenzi wakhe esitolo esikhulu sezimpahla zokugqoka kodwa yisinqumo angazisoli ngaso.
UMnu uMosa Hlatshwayo utshele iVutivi News ukuthi ngo-2020 wabhalisa ilebuli lakhe i-Odd eseMamelodi, eTshwane emva kokusula kwesinye sezitolo ezinkulu, lapho ayenesikhundla khona.
“Ngathatha imali yami yempesheni enganikwa yona ngenkathi ngisula, ngaqala ngayo ibhizinisi, ngathenga indwangu nokunye okwakudingeka enkampanini,” kukhumbula yena.
Nokho emva kokusula emsebenzini, izwe lavalwa thaqa, izinto zaba nzima kakhulu. Akahlalanga walinda ukuthi isimo sibe ngcono kodwa kunaloko waqhamuka necebo.
“Ngaqala ngokuhlinzeka ngezikibha namajezi ngoba ngigqugquzelwa amalebuli ezimpahla zokugqoka amaningi nesitayela sawo; ngabona ukuthi nami ngingaba nebhizinisi lami.
“Ngesikhathi ngisebenza esitolo umphathi wangibuza ukuthi yini engizimisele ukuyenza, ngamtshela ukuthi ngifuna ukuqala inkampani yami. Saqala ngokukhiqiza izikibha sizidayisa, okuthe ngesikhathi sekuvalwe izwe kwadingeka sishintshe ukwenza. Siqale ngokukhiqiza izimpahla zokuzivikela, izinto zokusebenza nezinye izimpahla zokugqoka,” kusho uHlatshwayo.

Uthi wangqongqoza eminyangweni eminingi waphikelela waze wathola izinkontileka zokuhlinzeka izinkampanini ezihlukene ezweni ngezimpahla zokugqoka ezibhaliwe. Uphinde adayisele ibandla i-All Nations Church eKapa amajezi nama-tracksuit.
“Zikhona izikhathi ibhizinisi elingahambi kahle ngazo, ngiye ngikhumbule kudala ngisenomholo oqondile engangikhokhela ngawo izidingo kodwa loko akusho ukuthi ngiyazisola. Ngiyalithanda ibhizinisi lami, noma abantu bengibuza ukuthi angizisoli yini ngokuyeka emsebenzini, ngiyakwazi ukumela into yami ngoba ngangingeke ngiyeke umsebenzi ngenxa yento engingenasiqiniseko sokuthi izophumelela,” kusho yena.
Unezisebenzi ezinhlanu kanti uthi noma ngabe bathola umsebenzi ongakanani emehlweni abo yimpumelelo. “Ngikusho loku ngoba uma kwazi ukubona umsebenzi wami uwuthande, loko kusho ukuthi uzogcina ubuyile.”
UHlatshwayo uthi isifiso sakhe nge-Odd wukuthi maduze bahlinzeke uhulumeni ngezimpahla zabo. Uthi ukholwa wukuthi yiloku okuzosiza inkampani yakhe ifinyelele kwelinye izinga.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za