Ufisa ukwenza okwahlula abazali onebhizinisi lokuhlaza ezindlini. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBONA abazali bakhe bezama kaningi ukuqala amabhizinisi ehlukene kodwa angasimami kwenza afise ukuqhubeka nokusebenza kanzima ukuze aqede lolo khondolo lwasekhaya ngebhizinisi lakhe lokuhlanza ezindlini.
UNksz u-Anele Shezi oneminyaka ewu-27, waseDundee, eNyakatho yeKwaZulu-Natali, wumsunguli we-Anele The House Madam, ibhizinisi lokuhlanza ingaphakathi lezindlu nefenisha emizini yabantu.
“Ngikhula umama nobaba bazama kaningi ukuqala amabhizinisi ehlukene kodwa ngezizathu engingazazi, wonke angachuma. Loko kungenye yezinto ezingikhuthaze ukuthi ngiqale ibhizinisi engizoqeda ngalo lolu khondolo lwasekhaya.
“Nangaphandle kwalokho, ngikhule nginesifiso sokuba nebhizinisi ukuze ngigweme ukulindela imali endaweni eyodwa ikakhulukazi esikhathini samanje lapho kubhoke khona indlala yamathuba emisebenzi,” kuchaza uNksz uShezi.

Okunye okuphinde kwenza wafisa ukuqala ibhizinisi wukuthwala kanzima esephothule izifundo ze-public management eDurban University of Technology ngo-2017. Wahlala iminyaka emibili yonke engawutholi umsebenzi.
“Bekunzima ngifuna umsebenzi kwaze kwaba wu-2020 sengithola isikhala sokuba yithwasa emNyangweni weMfundo esifundeni saseDundee, nokuyilapho engisabambe khona namanje.
“I-Anele The House Madam ngize ngayiqala ngo-Okthoba ngonyaka odlule ngisebenzisa imali engiyithola emsebenzini neyesibonelelo sikahulumeni engiyithola ngengane yami. Ngisizwe nayiNYDA engicije ngokuqala nokuphatha ibhizinisi, loko kwenza ezinye izinto zaba lula sengiqala,” kulanda yena.
Uthi yize bengekho ancintisana nabo ngakubo ngaleli bhizinisi kodwa usakuthola kunzima ukuthola amakhasimende ngenxa yokuthi abantu abaningi abasebenzi ngakho abanye abamqashi noma befisa.
“Enye into eyinkinga wukuthi ngiqashe abantu abadala kunami (izisebenzi zakhe eziyisithupha), kwesinye isikhathi angihlonipheki ngendlela efanele, kanti nokungabi khona ebhizinisni ngokugcwele kwenza ezinye izinto zingahambi ngendlela engifisa ngayo,” kusho yena.
Ukwenza umsebenzi bawuqede kubathatha usuku kuya kwezimbili.
Ecebisa abafuna ukuqala ibhizinisi uthe abangene sebazi ukuthi lidinga uzimisele, usebenze kanzima ukuze kungabi lula ukuphosa ithawula ezimweni ezinzima.
Mayelana nezinhlelo ngekusasa, uthi uthandazela ukuqashwa ngokugcwele noma athole omunye umsebenzi kwenye indawo ukuze akwazi ukulondoloza imali azimisele ngokuyitshala ebhizinisini.
“Kuningi engifisa ukukufeza nge-Anele The House Madam, okuyingakho ngifuna enye indlela yokwenza imali ukuze ngilifukule,” kusho uNksz uShezi.
Facebook: Anele Shezi / Anele The House Madam
Instagram: aneleshezi
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo