UMnu uKutlwano Mbele, omunye wabasunguli beSaucy Boys, yaseGa-Rankuwa, ePitoli, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Ufuzo, ukubambisana kwezelamani nokucabanga ngokushesha yizinongo zebhizinisi lekota enomkhuba phakathi. Esinye sazo sixoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

INKINGA yokuswela imali yenza washiya phakathi izifundo zobuntatheli, umkhakha ayewuzwa ngaphakathi. Esehleli ekhaya wazihlupha ngokuthi yini angayenza ukuziphilisa.

Yilapho akhumbula khona ukuthi unekhono lokupheka, nathi kungenxa yokufuza nokubukela kuninakhulu. Ngelinye ilanga ezihlalele nomfowabo ekhaya, emva kokuyeka esenza unyaka wesibili kwi-BA in Journalism ngo-2017 e-University of Johannesburg, wenza ikota echitha isizungu eyenza abantu baconsa amathe ngemva kokufaka isithombe sayo kuFacebook.

Loko kwakhuthaza uMnu uKutlwano Mbele ukuthi aqale iSaucy Boys, ibhizinisi lekota enezinongo ezenza ibe yintandokazi emakhasimendeni abo noMnu uKatlego Inguane, umfowabo aqale naye leli bhizinisi ekuqaleni konyaka odlule.

UMnu uKatlego Inguane, omunye wabasunguli beSaucy Boys

“Ekhaya sikhuliswe wumkhulu nogogo, obekuthanda kakhulu ukupheka futhi elishaya ibhodwe. Loko kwenza nami ngakhula ngikukhonze kakhulu, kangangokuthi bengize ngibuke nezinhlelo zokupheka kwithelevishini nakuYouTube ukuzicija.

“Yize kunjalo ngangingacabangi ukuthi ukupheka kungagcina kungenzela imali. Kodwa ukuhlala ekhaya ngingenzi lutho kwenza ngabhorekela kukho, nokuthe uma abantu bethanda isandla sami ngangabe ngisabheka neze emuva.

“Kuthe ngo-2018 sinomfowethu saqala ibhizinisi lelebuli yezimpahla zokugqoka iSKA Ti Nyatsa Jeans ngenhloso yokuxosha ikati eziko, kwathi ngo-2019 umfowethu wasula enkampanini ayesebenza kuyona esefuna ukugxila ebhizinisini lethu,” kulanda yena.

Ikota, i-burger, ama-chips nokunye ukudla okusheshayo kweSaucy Boys kubiza uR25 kuya kuR90 Boys.

Ikota yeSaucy Boys eshiya amakhasimende encinda iminwe

Bebesazama ukuzinza kulelo bhizinisi ngenkathi kubhoka iCOVID-19, emise yonke into ezweni, nebhizinisini labo lezimpahla lafadalala, kwaba nzima nokuthola amakhasimende kusaqine imithetho ye-lockdown.

Baqale besebenzela ekhaya kodwa ukukhula kwebhizinisi kuphoqe ukuthi bathole enye indawo enkulu. “Yilapho esavumelana khona ngokuthi ngidayise ikota yethu emgwaqweni, umfowethu yena wagxila ekukhangiseni ibhizinisi lethu ezinkundleni zokuxhumana, loko kwasidonsela inqwaba yamakhasimende ePitoli namaphethelo.

UMbele nelinye lamakhasimende eSaucy Boys

“Bekuke kwenzeka senze uR1 500 noma uR2 000 ngamahora amane bese siyayibeka leyo mali, nokuthe ingafika kuR57 000 sathenga ngayo indawo yokudlela esesiqashe kuyona izisebenzi ezintathu kanti futhi sisaqhubeka nokudayisa emgwaqweni ngoba yilapho esithola khona inqwaba yamakhasimende asuke ezidlulela ngendlela,” kusho yena.

UMbele uthi ukubambisana no-Inguane kubenze bakwazi ukubhekana nobunzima bebhizinisi.

 “Ukuqala kwethu iSaucy Boys sekuyishintshe kakhulu impilo yami neyomfowethu esikhathini esifishane, kanti futhi sizoqhubeka nokusebenza kanzima ukuze sichume njengezinkampani ezinkulu njengoKFC noMcDonald’s,” kuphetha uMbele.

Facebook: Kutlwano Mbele/Saucy Boys Restaurant

You cannot copy content of this page