UNkk uThembeka Nxumalo, umsunguli weThat’s the Cake yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Ukubalekela ukubhuquza ekhaya ngenkathi esafuna umsebenzi kwamenza wachitha isizungu ngokubhaka. Umndeni nabangani bameluleka ukuthi aqale ibhizinisi lokubhaka. Manje lisimama wena owabona inhlama ikhukhumala. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

UQALE ukubhaka ngoba echitha isizungu emva kokungawutholi umsebenzi eseqede ukuqeqeshwa. Wayenzela umndeni nabangani bakhe nobekuthi uma bemncoma bavele bamkhuthaze ukuthi akawadayise amakhekhe ngoba ehla esiphundu.  

Kodwa waqale wanganaka. Kuthe uma lukhula uthando lokubhaka wagcina esilalelile lesi seluleko, lazaleka kanjalo  ibhizinisi. UNkk uThembeka Nxumalo weThat’s the Cake useneminyaka emithathu ezisebenza ngokugcwele kule nkampani yakhe edle ngamakhekhe abukeka kahle futhi amnandi ngendlela engajwayelekile.

Esenqumile ukuthi uzoyinaka indaba yamakhekhe wakhetha ukuyophucula ikhono lakhe. Wabhalisa eCapiscum Culinary School eMhlanga, lapho enza khona izifundo ze-Pastry & Sugar Craft ezifundisa ngokubhaka amakhekhe, ukuwahlobisa nokwenza i-dessert

Ngaleso sikhathi wayesewutholile umsebenzi, ukubhaka ezenzela kona eceleni. Kodwa ukukhula komsebenzi wokubhaka kwamphoqa ukuthi akhethe okokukodwa. Mlalele echaza. 

UNkk uNxumalo (uMaMbanjwa) uthi kusukela ngesikhathi aqala ngaso ukuzisebenza ngokugcwele umatasa masonto onke futhi umsebenzi uyadlondlobala njengoba ingasekho into emvimba ukuthi amanye ama-oda awanqabe. Wenza yonke inhlobo yekhekhe, elomshado, awokuzalwa, awezingane nombhako ojwayelekile njengama-scone nama-muffin.

E-That’s the Cake kukhishwa unyawo nangama-cupcake njengalawa asuselwe kwi-unicorn

“Isonto nesonto ngiba nama-oda okungenani ayisishiyagalombili. Uma kumatasa kakhulu anyuka aze abe wu-18 kanti uma kungekho matasa kakhulu aba mahlanu. Mina nje angisamenywa emicimbini ngoba kuyaziwa (ngihlale) ngime esitofini.

“Ngisho nangesikhathi izwe livaliwe, mina iCOVID-19 ayizange ingimise. Ngangingasebenzi ngesikhathi izwe livaliwe ngokwesigaba sesihlanu kodwa nalapho abantu babefona kuphela, nginqabe ngoba kumele siyihloniphe imithetho. Kodwa kusukela esigabeni sesine, abantu babethenga amakhekhe bezozidlela bona.”

Imboni yamakhekhe yinkulu futhi baningi abantu abancintisanayo kuyona. Yini lena edlondlobalisa uNkk uNxumalo kangaka? Muzwe echaza. 

UNkk uNxumalo uzalwa eMgungundlovu kanti usezinze eThekwini, lapho ehlala khona nomyeni wakhe nabantwana babo ababili. Uthi umndeni wakhe umsiza kakhulu emsebenzini kanti nokumeseka kwakhe kwamnika isibindi sokuthi akuzame ukuzisebenza.

Olunye uhlobo lwamakhekhe iThat’s the Cake edlisa ngawo

Uqashe abantu ababili kanti usesebenzisana nomunye udadewabo kodwa okuningi usazenzela ngoba uthi amakhekhe ayancikisela. Uthi ukwazi ukuthi akasethembele emholweni kuyamthokozisa kakhulu kanjalo nokubona odadewabo begqugquzeleka ukuthi bazisebenze. 

Nokho yonke into inezinselelo zayo. Mlalele echaza ngalezo abhekana nazo. 

Uthi isifiso sakhe ngelinye ilanga wukuba nendawo enkulu lapho eyobhakela khona futhi abe nezitofu nemishini emikhulu, nokuyokwandisa nabantu abaqashayo.

Ukhuthaze abakule mboni ukuthi bazihluphe ngokufuna ulwazi olusha, bahlale beqaphela izitayela ezintsha, babekezele futhi bawuhloniphe umsebenzi futhi bakwamukele nokugxekwa ngoba kuyakhulisana.

Instagram: @_thats_the_cake_bythembeka

Facebook: That’s the cake

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhiznisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.
You cannot copy content of this page