Ukuphucula indlela okusetshenziswa imali kahulumeni ngayo sekufanele kubonakale kwizidingo zomphakathi, kusho umcwaningimabhuku. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNOMEHLUKO omuhle endleleni okuphathwe ngayo imali kahulumeni ngonyaka wezimali u-2021/22 njengoba yandile iminyango kahulumeni ethole imibiko yezimali emihle. Nokho kusadingeka ukuthi kuqiniswe isandla ekuqikeleleni ukuthi loku kuholela ekuphuculeni indlela izidingo zomphakathi ezihlinzekwa ngayo.Â
Yilo umyalezo ogqame embikweni womCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke othulwe izolo.
UNksz uMaluleke uthe eminyangeni okucutshungulwe amabhuku ayo, wu-30% (128) othole imibiko engenagcobho, okusho ukuthi ilandele kahle yonke imithetho yokuthenga izimpahla, yaveza yonke into obala ngokuthi imali iyisebenzise kanjani futhi yaletha nobufakazi.
Isiyonke imali esetshenzisiwe emalini ecwaningiwe iwuR2.58 trillion. Lona wumbiko ocwaninga iminyango kahulumeni nezifundazwe.
“Laba bantu abawu-30% isibalo esincane uma sibheka imali esetshenzisiwe ngoba yiminyango esebenzise u-6% wemali esetshenziswe nguhulumeni. Kulabantu abawu-128 abathole imibiko enganagcobho, bawu-69 abebevele benayo le mibiko.
“Angikusho ukuthi asikakaboni le mibiko engenagcobho iba nemiphumela emihle ekuhlinzekeni izidingo, ikakhulukazi eminyangweni emikhulu njengowokuHlalisa aBantu, owemiSebenzi yoMphakathi, owaManzi, owezokuThutha. Wu-6% kuphela kule minyango onemibiko engenagcobho, nokuwumNyango wezeMpilo nowezokuThutha eMpumalanga Kapa nowokuHlalisa aBantu KwaZulu-Natali,” kusho yena.
Umcwaningimabhuku-jikelele uthe ingqikithi yalo mbiko wukugcizelela ukubaluleka kokuthi abantu abaphathiswe umsebenzi wokwengamela imali kahulumeni kufanele bajwayele ukuthi kubalulekile ukuphendula ngokuthi imali isetshenziswe kanjani, nathe kuzolekelela ukuphucula indlela izidingo zomphathi ezihlinzekwa ngayo.
Uthe ihhovisi lakhe lizibophezele ukugqugquzela bonke abantu okuwumsebenzi wabo ukubheka imali kahulumeni ukuthi bazihluphe ngokuthi isetshenziswa kanjani le mali. Uthe ngale kwehhovisi lakhe, laba ngabantu eminyangweni kahulumeni ezweni lonke, ezifundazweni, iPhalamende nezishayamthetho.
“Ukungasebenzi kahle kwemali kwenza izidingo zingahlinzekwa kahle okulimaza abantu baseNingizimu Afrika. Okuningi kudalwa wukungahleli kahle, wukungabambisani phakathi kwezinhlaka zikahulumeni, ukungawugadi ngokwanele umsebenzi ngesikhathi wenziwa nokungaqikeleli ukuthi kubikwa ngendlela efanele ukuze kubonakale ukuthi kufeziwe yini obekuhlosiwe ngezidingo obekufanele zihlinzekwe,” kusho uNksz uMaluleke.
Uma kubhekwa imibiko yeminyango ephothulwe ukucwaningwa, eminyangweni ewu-160, ewu-47 yenze kangcono, kwathi ewu-12 yahlehlela emuva. Emabhizinisini kahulumeni awu-238 okuphothulwe ukucwaningwa kwawo, awu-67 aphucule izinto, kwathi awu-34 ahlehlela emuva.
Lo mbiko uveze ukuthi ngesikhathi somnqamlajuqu wokucwaninga (umhla ka-15 Septhemba 2022), kunemibiko ewu-26 ebingakaphothulwa, ewu-15 kuyo okungeyamabhizinisi kahulumeni abengakayilethi nhlobo imibiko yawo yezimali. Iminyango eyisithupha iyilethe sekudlule isikhathi, nokubambezele ukucwaningwa kwayo, kwathi eminye eyisihlanu yabambezeleka ngenxa yezizathu ezihlukene.
Emabhizinisini kahulumeni yiDevelopment Bank of Southern Africa neLand Bank kuphela athole imibiko emihle engenagcobho.
“Amabhizinisi kahulumeni akufanele athembele ekutakulweni wuhulumeni ngoba kufanele ngabe anezinhlelo zokushintsha izinto ukuze abe wusizo emphakathini. Uhulumeni usuneminyaka usiza la mabhizinisi ngesibambiso sikaR420 billion (isibambiso asisebenzisayo uma eboleka imali). Isiyonke imali kahulumeni eyisibambiso wuR328bn. I-Eskom yiyona eletha ingozi kakhulu emalini kahulumeni,” kusho yena.
Lo mbiko uthe izifundazwe zithwale kanzima ngenxa kaR30.84bn eziveze ukuthi yimali engasetshenziswanga kahle ngo-2021/22. Isihlanganisiwe imali izifundazwe ezingayisebenzisile kahle iwuR192.99bn.
UNksz uMaluleke uncome iNtshonalanga Kapa ngokuphucula kakhulu indlela esebenzise imali ngayo, wathi kulo nyaka wezimali ocwaningwayo ithole imibiko emihle eminingi (ewu-11) kakhulu kuneyake yayithola.
Umbiko uveze ukuthi iCoega ne-East London Development Zone baqhubekile nokuthola imibiko emihle, nokusizile ukuthi bahehe abatshalimali abasha abawu-19 abatshale uR1.5bn.
Nokho iminyango eyinsika ezidingweni zabantu owezeMfundo nowezokuThutha kulesi sifundazwe ayenzanga kahle ngezinhlelo zokwakha ingqalasizinda. “NaKwaZulu-Natali sibone umehluko omkhulu njengoba iwu-13 (iminyango) ethole imibiko emihle engenagcobho,” kusho yena.
Ethinta eyamandla abo athe xaxa ukuthi asethele ziphi izithelo, uNksz uMaluleke uthe kusukela baqala ukusebenzisa la mandla ngo-Ephreli 2019, sebekwaze ukugwema ukuthi kulahleke imali ewuR600m kanti kukhona uR1bn osuzobuya.
Umbele uzokulethela eminye imininingwane ngalo mbiko ngesonto elizayo.