Uma saphuma ebumnyameni bobandlululo, singayinqoba impi yenkohlakalo yokushushumbisa imali kuloba uBusi Mavuso

OSOMABHIZINISI badinga imithetho eqinile elwa nokushushumbisa imali nokugadwa. Kubalulekile esithunzini sezwe nasendaweni osomabhizinisi abasebenzela kuyona ukuqinisekisa ukuthi kuyathenjwana futhi abantu baziphatha kahle.
Ngesonto elidlule sikhiphe umbiko okhombisa ukuthi iNingizimu Afrika isihambe ibanga elingakanani ukufeza izidingo zeFinancial Action Task Force (iFATF) ukuze igweme ukufakwa kwi-grey list yile nhlangano elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi.
Lo mbiko uthe nakuba emancane kodwa asekhona amathuba okuthi iNingizimu Afrika igweme ukufakwa kulolu hlu. Uma sizogwema ukufakwa kwi-grey list noma uma sizohlala kuyona isikhathi esifishane, mningi umsebenzi okufanele siwenze ngokushesha.
Eminye yawo wukuphasisa umthethosivivinyo ePhalamende ozokwenza ukuthi kubuyekezwe imithetho emihlanu ezoqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ihambisana nemithetho yomhlaba.
Ngesonto elidlule ngesikhathi sikhipha umbiko wethu, umNyango wezeziMali ubusePhalamende uxoxisana namalungu ePhalamende namalungu omphakathi abenza izethulo zawo ngomthethosivivinyo.
Kungikhathazile ukubona ukuthi kukhona abebephikisana nomthethosivivinyo, ikakhulukazi izinhlangano ezingenzi inzuzo, nokuthi amalungu ekomidi lezezimali ayinqabile imizamo yokuphuthumisa lo mthethosivivinyo.
Yize yonke imithetho kufanele ilandele yonke imigudu yomthethosisekelo, abantu baseNingizimu Afrika kufanele babambisane ukugwema ukubambezeleka okungenasidingo.
I-FATF izonquma ngekusasa lethu ngoFebhuwari ngonyaka ozayo kodwa umsebenzi wokuhlola izinto uyaqhubeka kumanje. Kwezinye izimboni izinguquko ezidingekayo zizozwakala sengathi zishayelwa umthetho.
Isibonelo nje wukuthi njengoba sekuzodingeka ukuthi izinkampani ezingenzi inzuzo zibhalise kwiNPO Directorate, kuzoba wumthwalo kwabanye. Nokuqashwa okuthe xaxa kwezinkampani ezidayisa izindlu nezakhiwo, ama-Krugerrand nezinye ukubheka ukuthi azisetshenziselwa ukushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi kuzozwakala sengathi zishayelwa umthetho.
Loku kufanele kuqhathaniswe nomvuzo okuhamba nawo. Embikweni wayo iFATF ithe iqaphele ukuthi ayikakahlolwa imboni yezinkampani ezingenzi inzuzo ukuthi isengozini engakanani ukuthi isetshenziswe ukuxhasa izenzo zobushokobezi.
Futhi ithe abekho abantu abangagada noma baphenye izinkampani ezingenzi inzuzo ezibonwe njengezisengozini yokuthi zisetshenziswe ukuxhasa izenzo zobushokobezi. Lena yinselelo ebhekene nale mboni njengoba isithunzi sayo sisengcupheni emehlweni omhlaba. Asifuni ukuthi izinhlangano ezinikelayo emphakathini zibukeke ziyindlela yokulekelela amaphekulazikhuni.
Uma iFATF iqhubeka ibona izinhlangano ezingenzi inzuzo eNingizimu Afrika ngeso lokuthi zisengozini yokuxhasa abashokobezi, kuzoba lukhuni ukuthi zithole imali ezinhlanganweni ezinkulu ezixhasanayo nasemazweni aneminotho emikhulu. Kuzozilimaza lezi zinhlangano ezilekelela imiphakathi.
Phakathi kwezinguquko eziphakanyiswa yiFATF kudingeka ukuth izinhlangano ezingenzi inzuzo zibhalise kwiNPO Directorate, okuyinto sonke lesi sikhathi obekungaphoqiwe ukuthi yenziwe; izinhlangano bezibhalisa ngokuthanda kwazo.
Ukubhalisa kuyadingeka ngoba kuhambisana nokuphatha kahle inkampani.
Nakuba abadayisa izindlu nabameli bebika njengokusho kweFinancial Intelligence Centre Act futhi kufanele babike uma kukhona imali esolisayo kodwa iFATF izigxekile lezi zimboni ngokuthi akuvamile ukuthi zibike ngemali esolisayo futhi nalapho zibika khona kusuke kungabhaliwe kahle yonke imininingwane.
Yingakho-ke sezizogadwa ngendlela ethe xaxa. Abadayisa ama-Krugerrand nezimoto babonakala beyingozi enkulu.
I-Business Leadership South Africa (iBLSA) izoyeseka yonke imizamo yokuphucula ukugadwa, kuphenywe futhi kuvikelwe izwe ezenzweni zokushushumbisa imali nokuxhasa amaphekulazikhuni.
Singazethemba yini izinyunyana ukuthi nazo zifuna loko okuzosiza izwe? Isiteleka saseTransnet nesase-Eskom ngoJuni esasiholela ekucinyweni kukagesi ngokwesigaba sesithupha azikhombisi.
Abantu abaningi baseNingizimu Afrika bakholwa wukuthi ngoba inkohlakalo ithe bhe sesiyohlala siphila ngayo. Angikwazi ukwamukela loko. Njengoba saphuma ebumnyameni bobandlululo, akulona izwe elisifanele lelo. Kufanele sishiyele izizukulwane izwe elingcono. Sonke sifanelwe okungcono.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA