UMnu uNjabulo Sithole weGQ Hair, efika qathatha lapho ukhona

Isithombe: Sithunyelwe

Umcwali wezinwele uthole indlela entsha yokufinyelela kumakhasimende akhe ngenkathi kuvalwe izwe. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

KUMTHATHE okungenani inyanga esaba ukuya kumakhasimende akhe ayemcela ukuthi akazowenzela ikhanda ekhaya uMnu uNjabulo Sithole weGQ Hair.

USithole, oneminyaka ewu-37, usedla ngakho manje ukuthi uwumcwali wezinwele oya ekhaya lekhasimende, nokuyinto aqale ayixwaya ngesikhathi emcela kodwa wabuye wasukuma gubhubhu esemukelile ukuthi izikhathi zishintshile. 

Manje uya kumakhasimende ayisihlanu kuya kwayisikhombisa ngosuku eyowenza ikhanda, izinzipho, ubuso nokubhucunga umzimba. Kanti amanye uyawaphekela nokuwaphekela kuye nokuthi umuntu udingani.

“Into engiyibonile ngalesi sikhathi wukuthi akumele ugxile entweni eyodwa kodwa kumele uvule inhliziyo, ucabange izinto eziningi futhi ungabambeleli entweni eyodwa,” kusho yena.

USithole, owenza yonke into ethinta ikhanda ngaphandle kokuluka, uthe enye into ayifunde ngenxa yeCOVID-19 wukubaluleka kwenhlanzeko emsebenzini wakhe, nathe kwenza amakhasimende akhe akhululeke uma eza kuwona. Uthe into emsizayo wukuphatha kahle amakhasimende futhi wonke amakhasimende akhe abalulekile.

“Nginomngani owayenza izinwele nokwangikhuthaza, ngagcina ngibona ukuthi nami ngingawenza lo msebenzi futhi kangcono. Umsebenzi wethu (uwukwenza) abantu babe bahle; abantu uma bebahle, bayazethemba. Ngenhlanhla yami, ngigcine sengithola namakhasimende angosaziwayo,” kuqhuba uSithole.

Uthe kumele kube wukuthi ikhasimende lizokwenza into ezodla iphakethe okungenani uR300 kuya phezulu ukuze aye kulona ekhaya. Yize umsebenzi uqhubeka kahle kodwa uthe uzoyivula indawo yokucwala izinwele eMorningside, eThekwini, ngoba yize isimo esikhona manje sikhuthaza abantu ukuthi bangabi wuvanzi, kodwa akuwona wonke umuntu othanda ukuthi kufike “umuntu angamazi” kwakhe.

Izindawo zokucwala izinwele ngezinye zalezo ezithwale kanzima ngesikhathi izwe livaliwe. USithole usenabantu abajwayele ukuthi ubenzela ikhanda emakhaya, pho kungani efuna ukuvula indawo eyisakhiwo?

“Awukwazi ukuthi ungasaba ukwenza into ngoba naku ikusasa alaziwa, vele ibhizinisi nokuzisebenza kunobungozi obuhambisana nakho. Into nje kuzomele wenze abantu bakuthembe, uhlanze indawo osebenzela kuyona futhi uqinisekise ukuthi abantu baphatheke kahle,” kuchaza yena.

Le ndawo azoyivula izodala amathuba omsebenzi ayisithupha kanti izomsiza anakekele namakhasimende asuke edinga ukucwalwa ngoba enemicimbi efana nemishado.

USithole, oneminyaka ewu-15 aqala ukwenza lo msebenzi, ukhuthaze osomabhizinisi ukuthi bathembeke kumakhasimende abo.

“Ungayezi into ongayazi futhi ulitshele ikhasimende iqiniso ukuthi lokhu elikucelayo awukwazi ukukwenza, ucela ukulidlulisela komunye ozolenza le nto eliyifunayo,” kweluleka uSithole. 

USithole udabuka eMtubatuba, enyakatho yaKwaZulu-Natali, kanti wenze izifundo ze-Hair Care eDurban Tech, esibizwa ngeCoastal College. 

Instagram: njabulo_gq

You cannot copy content of this page