Ucwaningo luthi maningi amathuba okuthi iFinancial Action Task Force ifake iNingizimu Afrika kwi-grey list

Izithombe: Zithunyelwe noGoogle

Umnotho waseNingizimu Afrika uzulelwa ngamanqe ngengozi entsha. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

ZINGAHLE zande izinselelo ezithwalise kanzima umnotho waseNingizimu Afrika njengoba sekuvele ukuthi maningi amathuba okuthi ifakwe ohlwini okukleliswa kulo amazwe athathwa njengayigcini imiyalelo ebekwe yiFinancial Action Task Force (iFATF) elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi i-grey list.

Imiphumela yocwaningo olwenziwe wumfelandawonye wamabhizinisi i-Business Leadership South Africa (iBLSA) eshicilelwe izolo iveze ukuthi awu-85% amathuba okuthi izwe lifakwe kulolu hlu ngoFebhuwari wango-2023.

Lolu cwaningo obelwenziwa yi-Intellidex luthe umphumela emnothweni kungenzeka ube phakathi kuka-1% no-3%, kuye ngokuthi iNingizimu Afrika ibonakala izisukumela kangakanani iziphakamiso ezenziwe yiFATF.

Lo mbiko wengeze ngokuthi ukukhinyabezwa kwezinhlaka ezilwa nobugebengu ngesikhathi kugwamandwa amandla ombuso kunesandla kulesi simo esikhona.

Umbiko uthi: “Loku kunyusa ingozi yawo wonke amakhasimende aseNingizimu Afrika asebenzisana kakhulu nezikhungo zemali zakwamanye amazwe, ikakhulukazi lezo ezikwi-European Union ne-United Kingdom. Kuzonyuswa nendlela izikhungo zakuleli zwe ezihlolwa ngayo nemicikilisho okufanele ziyilandele, esikhundleni sokuhlolwa njalo emva kweminyaka emithathu, loku kungahle kunyuke kube njalo ngonyaka.

“Zizonyuka nezindleko, nokungenza abanye bakhethe ukuyeka ukusebenzisana nezikhungo zaseNingizimu Afrika ukuze banciphise izindleko. Kungase kunciphise namathuba okuthola usizo ezinhlanganweni ezixhasa intuthuko efana nesiyidingela izinhlelo zokulungisa inkinga kagesi. Igama nesithunzi seNingizimu Afrika naso sizolimala,” kuxwayisa lo mbiko.

Inkinga, ngokusho kwalo mbiko, wukuthi iFATF ibona iNingizimu Afrika ingazihloniphi ngokuphelele noma ingazihloniphi nhlobo iziphakamiso eziwu-20 kweziwu-40 eziphakamisile. Ezinye zalezi ziphakamiso zithinta ukuqinisa indlela okugadwa ngayo ukusebenza kwezinkampani zabadayisa izindlu nezakhiwo, ama-krugerrand nezinkampani zabameli. Ifuna kuqiniswe ibhawodi nasendleleni okubhekwa ngayo abanikazi bezinkampani nama-trust.

Lo mbiko usuphakamise ukuthi iHhovisi likaMengameli lisungule ithimba elizohola imizamo yokulungisa lokhu.

Isikhulu esiphezulu se-BLSA uNksz uBusi Mavuso sithi bazibophezele ukuphucula indawo abasebenza kuyo osomabhizinisi yingakho ibakhathaza indaba yokuthi kungenzeka iNingizimu Afrika ifakwe kwi-grey list.

“Lo mbiko ucacisa kahle ukuthi yini okufanele siyenze siyizwe ukuqinisekisa ukuthi ukufakwa kwi-grey list akudali umonakalo emnothweni ozoqhubeka isikhathi eside. Sidinga ukubambisana ukuqinisekisa ukuthi ukuphenywa nokushushisa amacala athinta imali nokugada ukushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi kusezingeni lomhlaba. Lokho kusiza iNingizimu Afrika,” kusho uNksz uMavuso.

UNksz uMavuso, isikhulu esiphezulu seBLSA

Amabhange amabili kwamakhulu asevumile nawo ukuthi uma loku kungenzeka kungadala umonakalo.

UMnu uJacques Celliers, isikhulu esiphezulu seFNB, uthI bakhathazekile. “Singakwazi ukumelana nako kodwa kunemiphumela emibi kwezokuhwebelana, kunyusa ingozi futhi kwandisa umsebenzi Kodwa uma usufakwa kulolu hlu kwandisa imicikilisho okufanele ubhekane nayo futhi kukhona imali okungenzeka ungabe usakwazi ukuyithola.

“Kuzosithinta kodwa akuyona into ezokwenzeka unomphelo ngoba sinethuba lokulungisa. Ziningi izibonelo emhlabeni lapho abantu bebekwazi ukusheshe bakhishwe kulolu hlu uma sebelungisile. Kona sidembesele siyizwe kodwa wonke umuntu uyakwazi okufanele kwenzeke. Senza konke okusemandleni ukubhekana nokuqondene nathi,” kusho yena.

UMnu uCelliers, isikhulu esiphezulu seFNB

I-Absa ithi iyaweseka umsebenzi neziphakamiso zeFATF futhi yenza konke okusemandleni ukulungisa okuqondene nayo.

“Nakuba singeke sikwazi ukuqagela ukuthi umphumela wohlelo lweFATF kodwa mancane amathuba okuthi izosheshe ibe nomphumela omubi kwi-Absa kodwa uma kuqhubeka isikhathi, umphumela omubi emnothweni ungaliphazamisa izwe namabhizinisi,” kusho leli bhange.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

You cannot copy content of this page