UMnu uPatrice Motsepe, usihlalo we-African Rainbow Capital

Isithombe: wuGoogle

UMotsepe uthi ayikho impumelelo uma abantulayo bevaleleke ngaphandle. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

KUFANELE kulungiswe izinkinga ezivalela ngaphandle abanye abantu, inkohlakalo, ububha nokuntuleka kwemisebenzi ukuze iNingizimu Afrika iphumelele.

Usho kanje uMnu uPatrice Motsepe, ongomunye wezinjinga zaseNingizimu Afrika. UMotsepe uwusihlalo we-African Rainbow Capital, inkampani enezabelo ezimbonini ezahlukene njengezimayini, imishwalense, amabhange nezinye futhi uwumnikazi weMamelodi Sundowns, ompetha bePremier Soccer League. 

UMotsepe ubekade eyisikhulumi sosuku emhlanganweni wonyaka wabahleli bamaziko ezindaba ahlukene iSouth African National Editors’ Forum, uthe nakuba abantu bakuleli zwe bengalahlekelwa yithemba kodwa kuyaphuthuma ukuthi kulungiswe izinkinga ezidlangile.

“Ngeke saphumelela ngaphandle kokubheka lapho sihluleke khona. Yingakho iKhomishini kaZondo imqoka kangaka. Asikwazi ukuba yingxenye yenkohlakalo nobugebengu futhi abantu baphunyuke nje. Kumqoka ukuthi kube khona okwenziwayo.

“Ngiyathanda ukunaka kakhulu indaba yokucwasa ngokwebala, kumele silungise inkinga yobandlululo ngoba kumele wonke umuntu abeyingxenye yokwenziwayo. Ngisho kungathiwa siyafana sonke (ngokwebala), abacebile nabavelele ngeke bakwazi ukuqhubeka nokungenisa inzuzo uma abantulayo bevaleleke ngaphandle futhi bengenalo ithemba. Iqhaza lethu singosomabhizinisi alikwazi nje ukuthi kungaba wukwenza imali kuphela. Kumele sibhekelele abantulayo, imisebenzi nokukhula komnotho,” kusho yena.

Ngesonto eledlule iNhloko yamaJaji uMnu uRaymond Zondo yethule umbiko onobufakazi obabekwenzeka ngeminyaka okwakuzanywa ngayo ukugwamanda umbuso.

Lo mbiko usola osopolitiki nosomabhizinisi ngokucekela phansi izinhlaka zikahulumeni nomnotho ngezindlela ezihlukene. Uyamsola noMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ngokudembesela ngesikhathi eseyiphini likaMengameli uJacob Zuma.

URamaphosa uwusibali kaMotsepe. UMotsepe uthe kunzima ukuba nezihlobo eziphethe kuhulumeni nokungakho ehambela kude nokusebenzisana nohulumeni.

“Siyanikela kuzona zonke izinhlangano zepolitiki. Kodwa angithandi ukusebenza nohulumeni,” kusho yena.

UMotsepe uthe izinto ezintathu ezimqoka emhlabeni njengamanje wudaba lokuguquguquka kwesimo sezulu, impi ye-Ukraine neRussia, nathe umphumela wayo akukona nje ukunyusa amanani ezimpahla, nobuchwepheshe be-cryptocurrency

“Ibhola liyalwisana nokucwasa ngokwebala, inkohlakalo, ubugebengu futhi liyayeseka imizamo yokulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu,” kusho uMotsepe.

You cannot copy content of this page