Umphumela wocwaningo ngokuqala ibhizinisi umuntu esevuthiwe ushaya emhlolweni, kuloba uNtokozo Biyela

Share this now

KULELI sonto ngithanda ukuthi sibheke indaba yokuqala ibhizinisi usukhulakhulile. Ngike ngafunda olunye udaba kwi-Forbes Magazine obelukhuluma ngocwaningo oluveze ukuthi abantu abaqala ibhizinisi sebekhulile bayaphumelela kunabaqala besebancane.

Kuhlale kushiwo ukuthi kuyasiza ukuba mnkantshubomvu ezintweni ezithile, ikakhulukazi uma kuziwa kumava anoma yimuphi umkhakha. Ngake ngayithinta indaba yokuthi kubaluleke ngani ukuthi ngaphambi kokusungula inkampani kumele uqale usebenze enkampanini ukuze ube nethuba lokufunda kabanzi ngezinhlaka zebhizinisi.

Inkinga esinayo ezweni wukuthola abantu abaningi abanentshisekelo yokungena ebhizinisini kodwa bengenalo ulwazi olunele lokuthi yini ibhizinisi, ukuthi yiziphi izinhlaka zebhizinisi elizokwazi ukuma iminyaka.

Uthola abanye abantu abasebancane abahlulwa wukuqeda isikole bese bephuthuma ukubhalisa ibhizinisi bengazi nokuthi bafuna ukwenzani. Emqondweni wabo bazi ukuthi uma nje usuyibhalisile inkampani usuke usuqedile, ibhizinisi lizozizela kuwena noma ususethubeni elihle lokuzitholela amathenda kahulumeni.

Loku kuyadabukisa ngoba kuchaza ukuthi ayigcwele kahle hle imfundiso yezamabhizinisi kubantu abamnyama. Ibhizinisi liyibhizinisi ngezinhlaka ezisebenzayo nohlobo lwabantu abaqashiwe ukwenza lowo msebenzi okumele bawenze ukuze liqhubeke lidlondlobale.

Ucwaningo luveza ukuthi bavamise ukuphumelela kangconywana abantu abaqala ibhizinisi sebengale kweminyaka ewu-30. Basuke sebehlale isikhathi esiningi bezilolonga emkhakheni abakuwona. Kepha okubaluleke kakhulu wukwazi ukuthi amakhasimende aphathwa kanjani.

Sinenkinga ngabanye osomabhizinisi abancane. Iningi labo alazi ukuthi lenzani. Abanye abanalwazi olugcwele ngemboni abasuke bekuyona, abanye basuke bengakakhuli ngokomqondo ukwazi ukuthi amakhasimende aphathwa kanjani. Isikhathi esiningi abanye babo baba nento yokuthi amakhasimende abakweleta ukuthenga kubona ngenkani ngisho umkhiqizo wabo noma umsebenzi wabo ungekho ezingeni eligculisayo.

Yingakho-ke uthola ukuthi inqwaba yamabhizinisi avulwa yintsha imvamisa awaphumeleli ngoba asheshe afadalale. Loku kwenza ukuthi kube sengathi abantu abamnyama abakwazi ukuqhuba ibhizinisi kanti indaba enkulu ilele olwazini lokuliqhuba.

Kukaningi-ke ngisho kule ngosi ukuthi indlela esenza ngayo indaba yezamabhizinisi eNingizimu Afrika iphambene namanye amazwe. Thina sivame ukugagamela. Yingakho uthola ukuthi iningi labantu bakithi lazi ukuthi uma selibhalise inkampani lisuke selinebhizinisi noma lisuke selilungele ukwenza umsebenzi nokuthi uzozizela, umuntu usezosonga izandla.

Uma kuwukuthi ufunda le ngosi usasebenza, ngingakuvusa nje ngokuthi yenza konke okusemandleni ukufundisisa ukuthi ibhizinisi okulona lisebenza kanjani; ufunde ukuthi zisebenza kanjani izinhlaka zalo ukuze kuthi ngelinye ilanga uma usuyoziqalela ibhizinisi, ungeke uqale phansi ekuqaleni ukufunda ukuthi yini umnyango wakwandabazabantu, owezimali owezokukhangisa, yini i-invoice noma i-quotation? Konke loku yizinto okumele uma ungena ebhizinisini ube usunolwazi oluphelele ngazo.

Ngakho ucwaningo lusikhombisa ukuthi kuhle ukuqala ibhizinisi ikakhulukazi usukhulile ngoba usuke usunolwazi oluningi kunokuliqala usemncane ungenalwazi lokuthi wenzani.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting.

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

You cannot copy content of this page