UMUNTU WUMUNTU NGABANTU
NAMHLANJE Umbele uhlanganisa iminyaka emibili waqala ukuniphakela izindaba ezithinta osomabhizinisi abasemikhakheni ehlukene. Nakuba siyingane esacathula kodwa ziyezwakala izigi zethu, hhayi nje embonini yabezindaba kuphela kodwa nasemikhakheni ehlukene.
Sinezinjongo ezinkulu ezimbili. Eyokuqala, wukuhlomisa abantu ngolwazi lwezomnotho namabhizinisi, ikakhulukazi labo abavaleleka ngaphandle ngenxa yolimi okubhalwa ngalo. Eyesibili, wukuqhakambisa osomabhizinisi abamnyama abasafufusa kuyo yonke imikhakha.
Kusukela siqalile eminyakeni emibili edlule sesibhale ngosomabhizinisi abasafufusa abawu-260, abalimi abawu-110 nabamnkantshubomvu abawu-85. Sebebonke abafundi bethu kuwona wonke amaziko ethu bawu-146 700.
Ngesonto elidlule iStatistics South Africa imemezele ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika wehle ngo-0.7% ngekota yesibili ngenxa yezikhukhula ezihlasele KwaZulu-Natali nokucinywa kukagesi.
Zonke lezi zinto zifice umnotho uvele uxhuga ngenxa yokuqonga kwamanani ezimpahla nakaphethroli okubhebhezelwe yimpi yeRussia ne-Ukraine.
Yize kunjalo nina bafundi nabangakhangisi boMbele niqhubekile nokusithwala nokuseseka kuwona wonke amaziko ethu; sibonga siyanconcoza.
Siyazi ukuthi simile ngenxa yenu. Kuzo zonke izinselelo ezikhona nezindleko enibhekene nazo kodwa yize kunjalo nisabona kufanele ukuthi nisebenzise imali nesikhathi senu ukuseseka.
Amabhizinisi asaqhubeka nokuwa emhlabeni jikelele kodwa thina siyadlondlobala usuku nosuku ngenxa yenu. Izinselelo osomabhizinisi ababhekene nazo siyaziqonda kahle, hhayi ngoba sihlale sikhuluma nosomabhizinisi kodwa kwathina uqobo siyibhizinisi.
Siyabazi ubunzima bokubambelela uqhubeke nebhizinisi esimweni somnotho esifana nesibhekene naso, hhayi nje eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni wonke.
Siyethembisa ukuthi sizoqhubeka nokuzimisela, ukunisebenzela nokuqhakambisa osomabhizinisi abamnyama kuyo yonke imikhakha.
Impela umuntu wumuntu ngabantu.