Unamaphupho amakhulu ongenisayo embonini yokudayisa isinkwa. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

ESEYINGANE uNkk uThulisile Thokoane wayefisa ukuba wummeli noma isosha ngoba wayekholwa wukuthi yiyona ndlela yokusiza iNingizimu Afrika. Nokho ngesikhathi eba wusomabhizinisi nombhaki, uthole ukuthi uyakwazi ukusiza umphakathi ngokudayisa isinkwa nsuku zonke.
Ibhikawozi yakhe iBaphumelele Bakery isincintisana namanye amabhikawozi akhule ewathanda futhi ethenga kuwona – inselelo ayithakaselayo.
UNkk uThokoane uthi umqondo wokuba nebhikawozi wamfikela ehlala eVanderbijlpark, Emfuleni, eGauteng, nomyeni wakhe. “Kwangichaza ukubona ukuthi ibhikawozi isebenza kanjani nokuthi yini edingekayo ukuze isebenze kahle. Umyeni wami wangeseka senza ucwaningo, sathenga imishini futhi saqala ibhizinisi ekuqaleni konyaka odlule.”
Ibhizinisi labo liseThokoza, Ekurhuleni. Lidayisela abadayisi bekota eThokoza naseKatlehong nabanikazi bama-tuck shop. Nabantu basendaweni bayakwazi ukufika bazothenga isinkwa.

UNkk uThokoane utshele iVutivi Business News ukuthi kuke kwabayinselelo ukuthola amakhasimende. Uthi: “Ngaqala ngabhaka izinkwa eziningi ngase ngikhuluma nezitolo ngasinye, ngasinye. Ngangibanika isinkwa esisodwa mahhala ukuze bezosizwa bese ngishiya imininingwane yami. Akuthathanga sikhathi ngase ngiyaqala ngithola ama-oda emabhizinisini endawo elokishini.”
Ungenisa imali ngokudayisela abadayisa ikota, umsebenzi okhula usuku nosuku. “Uma ibhizinisi lekota liwa, kuqhamuka amanye amabili noma amathathu esikhaleni salo. Ngincintisana namabhizinisi aqala ukudayisa isinkwa elokishini lethu kusukela ngazalwa futhi kuyinselelo kimina ukuthi ayakwazi ukubamba amanani awo angashintshi yize amanani okudla ekhuphuka.”
UNkk uThokoane ukholwa wukuthi yindlela aphatha ngayo amakhasimende eyenza abuye njalo. “Amakhasimende ami awasiwo nje amakhasimende kodwa angabangani, umndeni nomphakathi engiwuthandayo.
Unezifiso ezinkulu ngekusasa. “Inhloso yami wukuvula amanye amabhikawozi futhi nokunikeza abanye imvume yokusebenzisa igama lami ukuze ngifinyelele emiphakathini eminingi futhi ngiqashe abantu abaningi,” kuphetha uNkk uThokoane.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za