Uncoma amagalelo ogogo bakhe osengene shi kwezamabhizinisi obuchwepheshe besimanje. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUSEBENZA nokusekwa wumndeni ebhizinisini ukuthatha njengesibusiso futhi ukholwa wukuthi yiko okwenza adlondlobale ebhizinisini asanda kuliqala, nakholelwa ekutheni ukuzimela kulona kuzokwenza achume kwezamabhizinisi.
UMnu uMaele Mothiba, wase-Atteridgeville, eTshwane, wumsunguli weMitaa Africa, ibhizinisi aliqala ngo-2017 ukusiza amakhasimende abe nomoya wokudonsa i-internet nokunye okudinga ubuchwepheshe besimanje.
“Ziningi izinto ezenza thina bantu baseNingizimu Afrika singakwazi ukungena kwi-internet, yingakho ngisebenzise ulwazi engizicije ngalo ukunqoba le nkinga,” kulanda yena.
UMothiba uthi ubuncane bolwazi lobuchwepheshe besimanje kubantu abaningi bakuleli zwe kwenze wasungula iMitaa Africa eseyisitshudeni sezomthetho ngo-2014.
“Ziningi izinkinga ezazibhekana nabantu uma befuna ukusebenzisa i-internet, nokuyizona ezenza ngaqhamuka nesixazululo sokusombulula lonke uhlobo lwenkinga ababebhekana nalo. Ngenhlanhla enkulu, ogogo bami bobabili babengosomabhizinisi, omunye enesitolo, omunye enepulazi,” kusho uMothiba.
Uthi ngokuqhubeka kwesikhathi wathola umuntu asebenzisana naye ebhizinisini, athi wenze wafunda lukhulu ngokuphatha nokukhulisa ibhizinisi.
“Ibhizinisi alilungi kahle uma usebenza wedwa. Yonke into eyayenziwa yibona (ogogo) ibandakaya umphakathi. Yibona abangisiza kakhulu ngakwazi nokubhalisa ibhizinisi lami ngokusemthethweni, kanjalo nenye imali engaqala ngayo ngayinikwa yibona,” kusho uMothiba.

Uthi ukucijwa ngamakhono ehlukene ngenye yezinto ezizobasiza bengosomabhizinisi bakwazi ukukhula. Uthi: “Ngaphandle kokucijwa ngolwazi lokudayisa nokukhulisa ibhizinisi, usomabhizinisi ngeke akwazi ukukhula kulo mkhakha.”
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
Facebook: Mitaa Africa
Instagram: @mitaa_africa