UMnu uMaime Kolobe, umnikazi weSensational Paving Gurus yaseKroonstad, eFree State

Izithombe: Zithunyelwe

Owenza ezibukwayo ngenkampani ehlobisa amagceke ufisa ukubona amalokishi eqhakaza njengamadolobha. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

Share this now

KWAKUNGENELE ukuqhamuka emndenini owenza izitini ukuqinisekisa ukuthi ukhiqiza izitini ezisezingeni eliphezulu. Isifiso sakhe sokwenza imizi yaselokishini ibemihle njengeyasesilungwini yisona esimgqugquzela zonke izinsuku.

Yiloku iSensational Paving Gurus kaMnu uMaime Kolobe edume ngako ezindaweni eziningi zaseFree State. Lo somabhizinisi, odabuka eQwaqwa, utshele iVutivi News ukuthi wathola eneminyaka eko-20 ukuthi uyise noyisemkhulu babakha izitini. “Ngezwa ukuthi kwathi uma bengenayo imali eyanele yokuyofundela umsebenzi enyuvesi, bakhetha ukwenza izitini. Okwami kuhlukile ngoba angigcini ngokwenza izitini,” kusho yena.

I-Sensational Paving Gurus uyisungule ngo-2017 emva kokusebenza elungisa amagceke eGauteng. Uthi umfowabo wambiza ukuthi azosebenzela inkampani ekhonkayo ngenkathi esafundela umsebenzi. Uthi ubuhle be-paving abubona ngesikhathi esebenza nomfowabo yibona obamheha.

Omunye wemisebenzi yeSensational Paving Gurus

“Emva kokusebenza unyaka wonke, ngabona ukuthi nginekusasa kule mboni. Umsebenzi omningi engangiwenza ngesikhathi ngisaqashiwe ngangiwenzela izindawo zokuvakasha eGauteng. Bangimangaza kakhulu ubuhle balezi zindawo zokuvakasha, kangangokuthi ngaqala ngazibuza ukuthi ngabe ngingakwazi yini ukuletha leli zinga lobuhle emalokishini. Ngangifuna nokufundisa abantu baselokishini ukuthi ukuhlala elokishini akusho ukuthi ungalihlobisi ikhaya lakho.”

Inkampani kaKolobe inegatsha eBethlehem kanti iningi lamakhasimende ayo liseFree State.

UKolobe uthuthele eKroonstad ukuze aqale ibhizinisi lakhe. Bakhiqiza futhi bafake i-paving eyakhiwe ngezindlela ezihlukene, balungise nezingadi.

Umsebenzi wokukhonka igceke weSensational Paving Gurus

“Kwakunzima ukuqala ibhizinisi ngoba kwakumele ngifundise abantu basekolishini ukuthi yini i-paving nokuthi yini enhle ngayo. Kwakumele ngenze nabantu bangithembe ngoba ibhizinisi lami lalilisha, okwakenza abantu babe manqikanqika,” kukhumbula uKolobe.

UKolobe uthi uke wahlushwa amakhasimende abefaka i-oda kodwa uma sekufanele akhokhe kungenzeki. Loku kwenze washintsha indlela enza ngayo njengoba sebenza i-paving esithengiwe futhi bakhokhisa ikhasimende u-50% wesibambiso phambili.

Ubonge umSamariya olungileyo, uMnu uMoeketsi Ntsala, athi wamsiza ngemali yokuthenga umhlaba asebenzela kuwona njengoba kuyikona kuphela ayeshoda ngakho ukuqala ibhizinisi ngoba amathuluzi nomshini wayesevele enakho.

“Iphupho lami wukuzibona ngisebenza nakweminye imizi nakwezinye izifundazwe ezweni,” kuphetha uKolobe.

You cannot copy content of this page