UNkk uNobuntu Hlazo-Webster, umphathi we-Avad Media ne-African Pursuit zaseGoli, eGauteng

Isithombe: Sithunyelwe

Ungene emabhizinisini ephokophela ukwenza ushintsho kanti manje useyoluzama kwipolitiki. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

EKHULA wabona ukuthi indlela abantu abaphila ngayo eNingizimu Afrika ayifani, okwamgqugquzela ukuthi afune ukwenza izinto ngendlela ehlukile waze wagcina esewusomabhizinisi. 

UNkk uNobuntu Hlazo-Webster uwumphathi nomunye wabasunguli be-Avad Media, inkampani ekhiqiza izinhlelo zethelevishini nesabalalisa izincwadi ikakhulukazi ezibhalwe ngababhali abazishicilelelayo. Iqale ukusebenza ngo-2018 futhi uwumqondisi nomsunguli we-African Pursuit, inkampani ethuthukisa osomabhizinisi abasafufusa, eqale ukusebenza ngo-2013.

Wasungula inkampani yakhe yokuqala i-Ayano Communications ngo-2007, eyayigxile kwezokuxhumana nokukhangisa.

UNkk uHlazo-Webster wazalelwa eLamontville, eThekwini, KwaZulu-Natali kodwa ukhulele eNanda, khona eThekwini. Uthi kusukela eneminyaka emine uqale ukufunda ezikoleni ezixube izinhlanga lapho ayefunda khona esikoleni esizimele iMaris Stella, endaweni yomntakabani eMusgrave. 

“Ngikhulele emhlabeni emibili engafani ngoba abazali bethu banquma ukuthi bazozidela bazame ukusinika amathuba angcono ngokusiyisa ezikoleni ezizimele. Babengamile kahle, kwakungabazali abasebenzayo, ingxenye yemali yami yesikole yaba wumfundaze.

“Ngashesha nokuzibona ukuthi ngiwumholi. Ngabona ukuthi ngifisa ukwenza izinto ngendlela ehlukile… ngisebenzile ezinkampanini futhi izinto zazihamba kahle. Nokho kwakungihlupha ukuthi uma ngibona i-letterhead ngibone abantu ababodwa, esikhundleni sokuthi ngilwele ukufuna ukufaka igama lami kuyona, ngabona kungcono ukuthi ngiyozenzela eyami i-letterhead.”

I-Ayano Communications yayinamakhasimende ayizinkampani ezinkulu futhi yawina imiklomelo embalwa kodwa izinto zaba lukhuni uma esethuthela eGauteng nomyeni wakhe ngo-2011. “Isinqumo sokuya eGoli sasinzima kodwa futhi yisona sinqumo esihle engake ngasenza. Ngangifuna ukungena embonini yethelevishini nokushicilela. Ngathola ithuba lokwethula i-Think Big, uhlelo olwalugxile kwezamabhizinisi. Ngakhetha ukulisebenzisa njengendlela yokungena embonini.”

E-Avad Media ubambisene nomlingisi uNkk u-Ayanda Borotho nombhali uNkk uDudu Busani-Dube. Bakhiqize umdlalo obe nedumela uNqobile kanti yibona asebesabalalisa izincwadi zikaNkk uBusani-Dube nezabanye ababhali. Naye benoNkk uBorotho banezincwadi abazishicilele.

“Akulula ukungena embonini yethelevishini nokushicilela uma kungekona ukuthi uvele uyingxenye yayo. Kunabantu abavalelana iminyango. Ukubona impumelelo kaNqobile futhi kubhaliwe ukuthi uwena umdidiyeli omkhulu, kwenzekile ngempela futhi ukuthi sifikile senza ngendlela ehlukile kusho lukhulu.”

Ophikweni lwezincwadi baqashe abantu abayisikhombisa, e-African Pursuit bathathu kanti uma besuke behlanganisa uhlelo lwethelevishini baqasha okungenani abantu abawu-50 ngesikhathi. 

Uneziqu ze-Honours in Marketing azenza e-IMM Graduate School. Ngale kwemfundo engcono, uthi kukhona nezinye izifundo ezimbili azithola kubazali bakhe asabambelele kuzona nanamhlanje.

“Ngelinye ilanga kwathi kukhona esasizofunda nabo ekhaya ngiloku ngisho zonke izimpendulo, uMa wangikhuza wathi anginikeze nabanye ithuba lokukhuluma noma ngabe ngiyayazi impendulo. NoBaba wake wangibuza engizwa ngiloku ngithi ‘mina kuwukuthi’, ‘mina ngenze ukuthi’, wathi yini ndaba ngiloku ngithi yimina ngoba akekho umuntu owenza izinto yedwa? Kusukela ngaleso sikhathi ngiyalazisa iqhaza labanye abantu.”

Uthi kunzima ukuzisebenza nokwazi ukuthi kunabantu abathembele kuwena. “Lonke ibhizinisi esengike ngaliqala lixhaswa yimina nomyeni wami ngemali. Angikaze ngithole imali yokusukumisa ibhizinisi. Uma uwumuntu wesifazane futhi omnyama kufanele usebenze ngokuphindiwe ukuze abantu bakuhloniphe, ngisho labo osebenza nabo. Awufuni ukushintsha umuntu onozwelo owuyena kodwa kokunye ngisho nabesifazane osebenza nabo abakuboni,” kusho yena.

Kulezi zinsuku uNkk uHlazo-Webster usematheni ngoba usekhethe ukuyoshukumisa izinto kwipolitiki njengoba engomunye wabasunguli benhlangano eholwa wuMnu uMmusi Maimane iBuild One South Africa. Uyiphini likaMaimane.

Uthi seloku kwathi nhlo uzibona ewumuntu owakha isizwe kunoma ngabe yimuphi umsebenzi awenzayo futhi ubehlale eba yingxenye yemibhikisho efana nelwa nenkohlakalo nelwela ukuthi kufundwe mahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme.

“Ayikho into engiphatha kabuhlungu njengokubona ububha. Ngibone ukuthi manje angisakwazi ukulwa ngikude, iNingizimu Afrika idinga izakhamuzi zangempela. Amabhizinisi anamathimba asebenza kahle awamisile,” kusho uNkk uHlazo-Webster.

Okunye ngaye:

  • Unamadodana amabili;
  • Uphumula ngokuvakasha nomndeni;
  • Ukhonze i-seafood, i-lasagne nama-nachos;
  • Ukhonze ukufunda izincwadi eziyi-historical fiction. Enye yazo yi-Homegoing ka-Yaa Gyasi waseGhana;
  • Ukhonze i-gospel, i-house ne-soul.
You cannot copy content of this page