UNkk uPearl Bhengu, isikhulu esiphezulu seThala

Isithombe: wuSlindile Khanyile

Uphokophela ukubona amabhizinisi abantu besifazane ekhula. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngaleli phupho nokunye

Share this now

EQALA ukusebenza wathola ukuthi uhola imali ephindaphindiwe kunekayise owayesebenza efemini. Uthi loku kwamphatha kabi kodwa futhi kwamvula amehlo ngoba kunezinto ayengaziqondi ukuthi zenzeka kanjani.

“Ngangina-19 ngiqala ukusebenza. Uma sengibona ukuthi kanti kungani kwadingeka ukuthi uMa adayise emgwaqweni ukuze alekelele uBaba. Ngangimdinelwe uBaba ngicabanga ukuthi uyancishana ngoba ngangingaqondi ngoba uBaba wayengasho (kanti) abazali bethu babethwele kanzima ngoba babengakhulumi. Ngakhala izinyembezi ngoba ngangimsola uBaba ukuthi kwenziwa yini ukuthi ngiphase kahle kodwa angabi nayo imali yokungiyisa enyuvesi. Ngangithole u-exemption ku-Matric, ngiphuma phambili esikoleni,” kukhumbula uNkk uPearl Bhengu, isikhulu esiphezulu seThala.

Ukukhula kanje kwenza ukuthi ngisho esephatha izikhundla eziphezulu uNkk uBhengu agqugquzele ukuthi kwesekwe abantu abanamabhizinisi angatheni njengabadayisi basemgwaqweni.

Nebhange aliholayo wumsebenzi eliwusukumelayo lona njengoba imali ababolekisa ngayo iqala kuR1 000.

“Abazali bethu basikhulisile, safunda bedayisa emgwaqweni. Ngeke sishayele abantu umthetho wokubaphoqa ukuthi bathenge kuphi kodwa nje ake sizameni ukuthi siyiyise imali kulezi zindawo lapho kunesidingo khona. Uma ubona umuntu edayisa emgwaqweni, yima uthenge kuye kanjalo nasezitolo zaselokishini,” kusho yena.

UNkk uBhengu uneminyaka emibili ehola leli bhange likahulumeni waKwaZulu-Natali. Lingezinye zezikhungo zikahulumeni ezasungulelwa ukulekelela ukuthuthukisa amabhizinisi abantu abamnyama, ikakhulukazi labo okungelula ukuthi baxhaswe yizikhungo zemali ezijwayelekile.

Uthi lona wumsebenzi ongelula njengoba beyibhange kufanele bakwazi ukuba nemali eyanele ukuqhuba umsebenzi kahle kodwa baphinde bagcine nomsebenzi ababizelwe wona wokuthuthukisa. Uthi kokunye kunabantu abacabanga ukuthi loku kusho ukuthi akufanele bayibuyise imali abayiboleka kuleli bhange, nokuwumqondo okufanele ushintshe.

“Uma inzalo okufanele sibolekise ngayo iwu-8% kodwa thina eThala sikuboleka ngo-2%, kukhona okufanele akhokhele lo-6%. Liyabiza leli joka lentuthuko. Yinto leyo esiyixoxayo nabashaya umthetho ngoba kumele kube khona indlela (yokubhalansisa).

“Enye into obekudingeka ngiyilungise wukuhlanganisa ithimba esizosebenzisana nalo nokwenza abantu baqonde ukuthi wumsebenzi wethu futhi imali yokuqhuba umsebenzi iqhamuka kithina. Ithimba engisebenza nalo seliyakuqonda lokho,” kusho uNkk uBhengu.

Okuphinde kwaba yinselelo eThala wukucekelwa phansi kwezakhiwo zalo ngenkathi kuqubuka udlame esifundazweni ngoJulayi ngonyaka odlule. UNkk uBhengu uthi umonakalo owenzeka waba wuR500 million kanti uthi ezinye sebezivusile kodwa kuzothatha isikhathi kwezinye.

UNkk uBhengu ayikho into angakaze ayenze ebhange njengoba asebenza iminyaka ewu-23 eFNB. Uke wasebenzela nomasipala kanti wathi xhinti nasophikweni lwezibonelelo zikahulumeni iSouth African Social Security Agency.

Ekhuluma nabesifazane abebehambele umcimbi wosomabhizinisi besifazane, obuhlelwe yiThala ngesonto elidlule, uNkk uBhengu ukhuthaze abesimame ukuthi abayeke ukujatshuliswa wukuba namabhizinisi amancane. Uthe kumele babenezifiso ezinkulu futhi bafune ukukhulisa amabhizinisi abo.

“Uhulumeni ubheke amabhizinisi (njengensika ezothuthukisa) umnotho kodwa ukuze kwenzeke loko, kudingeka ukuthi amabhizinisi abesifazane akhule. Kuhle ukuqala kancane kodwa ungahlali umncane unomphelo. Ungaba yinkampani enkulu uwedwa noma ngokubambisana nabanye.

“Kuhle ukususa into phansi, uyicabange isuke enhliziyweni yakho futhi kulula ukuyilawula kunaloku kokuthi uvele uthenge (amasheya) enkampaninini esivele ikhona. Ngike ngibuke laba abaqoqa udoti emajalidini. Ukube ngiyakwazi ukuzenzela ngabe kunendlela engivuselela ngayo isithunzi sabo, bawukhulise lo msebenzi, bashintshe lowo doti benze omunye umkhiqizo ngawo ukuze bathuthuke.”

Indlela ayizwa ngaphakathi ngayo indaba yokukhula kwamabhizinisi abantu besifazane, wenza ucwaningo ngayo njengoba enza i-PhD e-University of KwaZulu-Natal. Muzwe echaza isifiso sakhe ngalolu cwaningo.

Okunye ngaye:

  • Ukhulele eKatlehong, eGauteng;
  • UnguMaKhwetshube;
  • Unabantwana ababili;
  • Uwumeluleki wezimali osemthethweni;
  • Uphumula ngokufunda izincwadi. Enye yezincwadi azithandayo ngethi God is My CEO kaLarry S Julian;
  • Ukhonze noma yikuphi ukudla okunenyama;
  • Uzifela ngazo zonke izinhlobo zomculo, ngisho ama-piano negqom.
You cannot copy content of this page