Uphokophele ukufundisa abantu ukuthi ukutshala imali akusikho okomntakabani kuphela. INTATHELI YOMBELE iyabika

UMNU uBheki Mkhize, isikhulu esiphezulu seFNB Wealth and Investments, uhola ithimba elinomsebenzi omkhulu wokuqikelela ukuthi imali etshalwa ngamakhasimende abo iphephile, iyakhula futhi ayakuzuza asuke ekuhlosile ngayo.Â
Ngaphezu kwaloko, inhloso enkulu kaMkhize wukukhulisa isibalo sabantu abongayo nabatshala imali, yinto emnika ugqozi.
Inselelo enkulu kaMkhize wukuguqula imiqondo yabantu ababuka ukutshala imali njengento yabantu abadla izambane likapondo kuphela. Ukwenza loku ngokuthuthukisa indlela abaphatha ngayo imali nangendlela abalulekwa ngayo.
Indlela leli bhange eseliluleka ngayo abantu isiza amakhasimende alo akwazi ukumelana nezikweletu kangcono ukuze agcine enemali azokwazi ukuyonga nokuyitshala.
Uthi okunye abakwenzayo ukushintsha indlela abantu abacabanga ngayo wukufundisa abantu ukuthi awudingi isizumbulu semali ukuze wonge noma utshale imali.
Umsebenzi wethimba likaMkhize ukwenza abantu baqonde ukuthi ukonga nokutshala imali yinto okudinga umuntu azibophezele kuyo isikhathi eside ukuze ahlomule nangenzalo engena phezu kwenzalo, i-compound interest.
“Umsebenzi wethu umqoka ngoba sibuka ukuthi singawasiza kanjani amakhasimende ethu ukuthi aphucule ikusasa lawo ngokuba nemali eyanele ngokuqala ukutshala imali kusukela ebuncaneni bawo, bekwenza lokho nanoma ngabe yimalini abanayo ngoba kwesinye isikhathi abantu bacabanga ukuthi badinga izindodla zemali ukuze bayitshale.
“Sisiza nangokufundisa amakhasimende ngokubaluleka kokubekezela utshale imali noma ngabe kusuke kwenzakalani ezimakethe.”
UMkhize uthe ezinye izindlela abantu abangazijwayeza ngazo ukutshala noma bonge imali njalo wukuthi babenenjongo abayongelayo njengokubeka imali yokufundisa ingane enyuvesi, ukuvakasha nokubeka impesheni abazophila ngayo uma sebethathe umhlalaphansi ukuze bangabi wumthwalo ezinganeni zabo noma kuhulumeni.
UMkhize, odabuka enyakatho yeKwaZulu-Natali, uyi-chartered accountant. Wake wacabanga ukuba wudokotela kodwa ngoba wayethanda izifundo i-Maths ne-Accounting esikoleni kwamholela ekwenzeni i-BCom Accounting ne-Postgraduate Diploma in Accounting e-UCT.
“Ngangikuthanda ukufunda ngomnotho. Ngiyajabula ukuthi yiwona mkhakha engawulandela.”
UMkhize uqale ukusebenza eSasol ngaphambi kokuthathwa yiFirstRand Group. Useke waphatha izikhundla ezihlukene kusukela afika eminyakeni ewu-12 edlule.
“Maningi amathuba akhona enkampanini futhi abantu bayakhuliswa. Yindawo futhi lapho kuqhanyukwa khona nezinto ezintsha futhi usebenza nabanye babantu abavelele embonini,” kusho yena.
Uthi yena nethimba lakhe bagqugquzelwa wuthando lokusiza nokwenza umehluko empilweni yabantu. Uthi ubuswa kakhulu okwashiwo owayengumengameli waseMelika uMnu uTheodore Roosevelt owathi: “Yenza ongakwenza ngalokho onakho lapho ukhona.”
Okunye ngaye:
- Uganiwe futhi unabantwana ababili;
- Uphumula ngokugijima nokufunda;
- Uthanda i-house, iRnB ne-jazz;
- Ukhonze ukuvakasha;
- Udla noma yini inqobo nje uma inenyama