Usebenzisa ulwazi nesipiliyoni sobuchwepheshe ukufukula abasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

AKAZIHLUPHI ngemisebenzi athi uma eyibheka abone ukuthi awukho umehluko azowenza emphakathini ikakhulukazi ukuphucula impilo yabantu abampofu. Uthi kumqoka kuye ukuthi ethi ebangenisela abanikazi benkampani imali kodwa nempilo yabantu ibe ngcono.
Usho kanje uMnu uVuyani Jarana, umsunguli nesikhulu esiphezulu se-Ilitha Telecommunications. Lena yinkampani yezokuxhumana egxile ekwandiseni isibalo sabantu abasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya bakwazi ukuthola umoya wokudonsa i-internet obiza kahle futhi osebenza kahle ukuze bezothola amathuba atholwa yiwo wonke umuntu ngenxa yolwazi olutholakala kalula kwi-internet.
“Ngiyakholelwa emfundweni, nakuba singekho isiqiniseko sokuthi uma umuntu efundile uzothola umsebenzi kodwa uma ufundisa ingane eyodwa emndenini, unika lowo mndeni ithuba lokuphuma ebubheni.
“Uma sibheka indlela umhlaba oshintsha ngayo, i-internet emphakathini iyiloku umoya ophefunyulwayo oyikona ebantwini. Sidinga imfundo ebiza kahle. Uma ingane efunde elokishini noma emakhaya ifisa ukuba wudokotela, kufanele nayo ifunde okuzokufundwa ingane yaseSt Stithians. Sibonile ngesikhathi seCOVID-19 ukuthi ukubiza kwe-internet kwamisa imfundo yezinye izingane. Kufanele siphakamise wonke umuntu, wonke umuntu akwazi ukunikwa ithuba, noma kungasoze mhlawumbe kwafana ncamashi.”
UJarana, odabuka eMthatha, eMpumalanga Kapa, wathi eqeda isikole waphoqeleka ukuthi asebenze ukuze alekelele unina ngoba kwakusanda kushona uyise. Wabheka inkampani ayezosebenza kuyona kodwa ebe efunda, waba yi-learner technician. Wabuye waqhubeka nezifundo wagcina esene-BCom yase-University of Transkei ne-MBA yaseStellenbosch University.
Ekhula wayecabanga ukuba wunjiniyela ngoba wayenza kahle ezifundweni zezibalo futhi zazimchaza izinto ezidingwa ukuqaqwa zilungiswe njengomsakazo. Wayekucabanga nokuba wudokotela ngenxa yosizi ayelubona esigodini sangakubo; wayebona ukuthi lo msebenzi ungamupha amandla okusiza abantu abaningi.
Yize uJarana engayilandelanga le misebenzi kodwa lolu bizo lokusebenza ngezinto ezixhunywayo neziqaqwayo nokusiza abantu ululandelile emkhakheni akuwona wokuxhumana nobuchwepheshe.
“Yonke indawo lapho ngisebenze khona bekufanele kucace ukuthi yini inhloso yakhona. Bengingawuthathi umsebenzi lapho bengingeke khona ngiphakamise abantu emphakathini. Yebo, nokungenisela abanikazi benkampani imali kubalulekile kodwa kufanele kube nomehluko emphakathini.”
UJarana akalona ivukana embonini yokuxhumana nobuchwepheshe. Waqale wasebenzela iTranskei Post and Telecommunications iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokuya eVodacom, lapho ephathe khona izikhundla eziphezulu ezihlukene iminyaka ewu-17.
UJarana uthi uziqhenya kakhulu ngomsebenzi abawenza eVodacom ngoba iningi lezinto ezenzeka manje yizonto abazibona kudala ukuthi zizodingeka base beqhamuka nezisombululo zazo. Lezi yizinto ezinjengobuchwepheshe obusiza abalimi, ukusiza imitholampilo nokuxhuma izikole.
Uke waba yisikhulu esiphezulu seSouth African Airways, umsebenzi okungaphelanga sikhathi ewuqalile wase eshiya kuwona. Uthi waphoxeka indlela izinto ezenzeka ngayo futhi uke azibuze ukuthi kukhona yini ayengakwenza ngendlela ehlukile noma kangcono.
Uthi uma kukhulunywa ngomoya wokudonsa i-internet, bonke abantu bayawuthenga, abami kahle nabantulayo kodwa abantu basemalokishini nasemakhaya bakhokha kakhulu ngoba bathenga lona okufanele bakhiphe imali kuqala hhayi ngenkontileka futhi yizona zindawo ezingawutholi kahle lo moya.
Bagxile kulezi zindawo ngoba yilapho abantu besalele emuva khona. “Siyithimba elincane ngoba sisanda kuqala, sesisonke siwu-12. Indlela esenza ngayo ngoba sifuna nokuxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi entsheni, sinosonkontileka oyedwa esimqashile esithi kuyena akaqashe intsha yasendaweni. Usebenzisana nosomabhizinisi abancane abawu-10 nabo abaqashe ababo abantu. Sizokwanda isibalo uma nathi sikhula.
“Okwamanje siseseMdantsane lapho sizimisele ukuxhuma khona imizi ewu-45 000, ngonyaka ozayo sizoya KwaMashu, lapho sizimisele khona ukuxhuma imizi ewu-60 000.”

UJarana uncoma imboni yokuxhumana nobuchwepheshe, athi yiyona evelele seloku kwaba khona umbuso wentando yabantu njengoba ethi kunabantu abaningi abanamaselula ukudlula labo abakwazi ukuthola amanzi ahlanzekile. Uthi eminye imigomo kahulumeni njengokunikezela nge-spectrum mahhala ngasekuqaleni ibe nesandla kuloku.
“Kepha lapho sihluleke khona wukusebenzisa isasasa ukuze senze imboni ifake wonke umuntu umuntu futhi kwande izinkampani ezisafufusa. Noma zikhona kodwa zimbalwa eziphumelelayo. Indlela izinkampani ezinkulu ebezitshala ngayo imali bezikwenza ngendlela yokuzivikela zona.
“Sidinga indlela entsha yokutshala imali ukuze zikhule izinkampani ezincane ezihlinzeka nge-internet. Sidinga kwande intsha enethemba,” kusho yena.
Uthi nokho kukhona ezinye izinto ezingekho emandleni emboni yokuxhumana nobuchwepheshe nazo ezinesandla ekusaleni ngaphandle kwabanye abantu njengokugqoza kwengqalasizinda, ukushoda kukagesi nokunye.
Ngokwezibalo eziqhamuke kwi-Africa Tech Festival, kubantu abawu-1.2 billion abase-Afrika, bawu-300 million kuphela abakwazi ukuthola umoya wokudonsa i-internet futhi nakubona, akuwona wonke umuntu owuthola kahle futhi oshibhile.
Okunye ngaye:
- Uwusihlalo we-Eastern Cape Development Corporation.
- Uphumula ngokufunda, ikakhulukazi izinto ezithinta imigomo emisha nemithetho.
- Ukhonze nezincwadi ze-philosophy njenge-The Black Swan kaNaseem Nicholas Taleb
- Uwumlandeli we-Orlando Pirates.
- Uthanda isitambu esinobhontshisi omningi.