UMnuz uDuncan Mufamadi, umnikazi weWine by GOAT yaseVenda, eLimpopo

Izithombe: Zithunyelwe

Usethule iwayini elithi yena osenesikhathi eyibambile emabhizinisi. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

UKUNGAPHOSI ithawula ethwala kanzima ethungatha inkampani ebizomsiza afeze isifiso sakhe sokuba newayini lakhe kumsize ukuthi afeze iphupho lakhe. 

UMnu uDuncan Mufamadi, oneminyaka ewu-28, uwumsunguli weWine by GOAT, iwayini aliqale ngokusemthethweni ngenyanga edlule.

UMufamadi, odabuka eVenda, eLimpopo nokhulele e-Alexandra, eGoli kodwa osehlala ePitoli, eGauteng, uwumphathi wenkampani ayiqale ngo-2016, iGOAT Creative Solutions. Le nkampani igxile ekuthwebuleni emicimbini, ukukhangisa, ukuhlelela amakhasimende imicimbi ehlukene, ukuhlela nokulawula izinkundla zokuxhumana nokweluleka izinkampani ngezokunikela emphakathini.  

Lo somabhizinisi ufunde eTshwane North College, lapho efunde khona kabanzi ngokuphathwa kwamabhizinisi nemali kusukela ngo-2009 kuyaku-2012.

Uthi ukuba sebhizinisini kumfundise ukubalukeka kokungaliphonsi ithawula konke okwenzayo. 

Uthi ukuqala iWine by GOAT kube wumqansa njengoba ebelokhu enomcabango wokuyiqala isikhathi eside kodwa kuloku kulukhuni satshe ukuthola izinsizakusebenza nenkampani ebizomsiza avubele leli wayini.

Kugcine kuhlangene kulo nyaka ngenkathi ethola, inkampani angathandanga ukuyidalula, yaseStellenbosch, eNtshonalanga Kapa. Manje unesivumelwano nayo sokuthi imvubele leli wayini.

“Ngabona igebe phakathi kwabantu abamhlophe nabamnyama abanamawayini athi bona. Kodwa akwangaba lula ukusheshe ngibe nelami njengoba kwaba nzima kakhulu ukuthola inkampani ebizongisiza ngokulivubela,” kulanda yena.

Uthi iWine by GOAT ivutshelwe ngokwezinga eliphezulu, wathi okwamanje itholakala ngezinhlobo zalo ezine. Kukhona elimhlophe elinezinhlobo ezimbili okuyi-chardonnay ne-sauvignon blanc bese kuba elibomvu lohlobo lwe-cabernet sauvignon ne-shiraz.

Ezinye izinhlobo zewayini leWine by GOAT

Ibhodlela libiza uR95 kanti litholakala ezitolo ezinhlanu eGauteng. Uyakwazi ukuli-oda kwi-website kanti liyatholakala ngekesi lamabhodlela awu-6 ngoR570.

UMufamadi uthi nakuba iCOVID-19 ibathikamezile njengabo bonke osomabhizinisi, njengoba engakakwazi ukwenza imicimbi yokulikhangisa kahle leli wayini, kodwa ukutholakala kwalo ngobuchwepheshe besimanje nasezitolo ezinhlanu yikona okwenza kungezweli kakhulu.

Ululeka abasafisa ukuqala amabhizinisi ukuthi benze ucwaningo bese beqala ngabanakho ngaleso sikhathi bangazibambezeli ngokulinda ukuba nakho konke.

Uthi okwamanje uthola amaphesenti awu-60 enzuzo eyenziwa ngalo kepha akubheke kakhulu manje wukugcina esengamele okungenani amaphesenti awu-80 eminyakeni ezayo.

UMafumadi unezinhlelo ezinkulu ngewayini lakhe

“Nokuthi-ke ngokuhamba kwesikhathi ngifuna ukuthi ngigcine sengikwazi ukuba nezinye izinhlobo zamawayini engizokwengamela ukuqalwa, ukuvutshelwa kwazo nako konke okuqondene nazo,” kuphetha uMufamadi. 

Facebook: Wine By GOAT

Instagram: winebygoat 

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo
You cannot copy content of this page