UMnu uTiisetso Maloma, isikhulu esiphezulu se-Ubuntu Royal Capital yaseGoli, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Uyadlondlobala embonini yokubhala izincwadi usomabhizinisi ohlale ezama izinto ezintsha. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

UMA ufisa ukuba nebhizinisi ungalindi uze ube nemali futhi ungafuni ukuqala ngoba uzokwazi ukwenza into enkulu, qala ngokuncane onakho.

Lesi yiseluleko sikaMnu uTiisetso Maloma, umnikazi we-Ubuntu Royal Capital, inkampani eyenza imisebenzi ehlukene. UMaloma, odabuka eLimpopo, uneminyaka ewu-12 ezisebenza kanti uwumuntu oqala amabhizinisi ezimbonini ezihlukene. Amanye ubuye awavale. Useke waba nebhizinisi lezimpahla zokugqoka, waba wuDJ, waba yi-graphic designer, ubeluleka nabantu ngokuphatha kahle amabhuku emali futhi uwumbhali wezincwadi.

UMaloma, ofundele ukuba yi-accountant e-University of Johannesburg, uthi kusukela ebuncaneni bakhe ubekukhonzile ukwenza imisebenzi eminingi njengoba ethi wayedayisa uswidi namaveji.

“Uchitha isikhathi uloku ufuna ukuxhaswa ngemali. Uma ufisa ukuba nesitolo sezimpahla zokugqoka, ungaqala ngokwenza isikibha, mhlawumbe uqale ngezinhlanu bese kuthi ngokulandelayo zibe yisikhombisa uloku ukhula kancane kancane. Uma ufisa ukusebenza ngeziphaqulo zobuso, ziyatholakala ezishibhile eChina futhi kuyashesha.”

Nakuba uMaloma ebuye awayeke amanye amabhizinisi kodwa ukubhala izincwadi yikona aloku eqhubekile nakho. Usanda kwethula incwadi yakhe yesishiyagalombili esihloko sithi Introducing Ubuntu Stoicism, ethi usezogxila kulolu hlobo lwezincwadi ze-philosophy.

Incwadi entsha ebhalwe uMaloma

Ngaphambi kwale ncwadi, ubebhala izincwadi ezikhuluma ngamabhizinisi njengethi Innovate the Next, Understanding the 4th Industrial Revolution, The Anxious Entrepreneur, Forget the Business Plan Use This Short Model, Township Biz Adjacent nethi Township Biz Fastrack.

“Ngagqugquzeleka uma ngizwa ukuthi akuyona yonke incwadi okufanele ibe namakhasi awu-200. Kunezinto eziningi engithanda ukuzenza futhi ngiyazi ngeke ngikwazi ukuzenza zonke. Ukwenza izimpahla zokugqoka yinto esengizobuyela kuyona kodwa ukubhala izincwadi yiyona into engingayeki ukuyenza futhi kuyangijabulisa ukuthi ngizibona ngikhula ngiwumbhali uma ngibheka emuva kusukela encwadini yami yokuqala kuze kufike kulena engisanda kuyikhipha.

“Kuyangijabulisa nokuthi sesisize nabanye abantu bashicilela izincwadi zabo,” kusho yena

UMaloma uthi usedayise izincwadi ezingaphezu kweziwu-7 000 kanti lena asanda kuyethula isohlwini lwezincwadi eziwu-100 ezidayiswayo eqoqweni lwe-Humanism Philosophy e-Amazon.

Uthi unezinye izinhlelo zokhula embonini yezincwadi njengoba ezokwengeza neminye imisebenzi ehambisana naloku.

You cannot copy content of this page