UMnu uSesinam Dagadu, umsunguli weSnooCODE i-app esiza umuntu abe nekheli

Isithombe: Sithunyelwe

Wethule ubuchwepheshe obusiza wonke umuntu abe nekheli. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

ABANYE abantu abalutholi usizo nentuthuko kwezinye izingxenye zase-Afrika ngenxa yokuthi akufinyeleleki kalula kubona ngoba bengenakheli. Ukungabi nakheli kwenza ukuthi baphuthelwe ngamathuba atholakala ngenxa yobuchwepheshe besimanje. 

Yilena kanye inkinga ezama ukuxazululwa wusomabhizinisi osesungule i-app eyenza wonke umuntu abe nekheli. Kusukela beyethulile le-app isetshenziswa ngabantu abawu-100 000, iningi labo eliseGhana. Sebeke basiza iLiberia neMauritius kanti manje basanda kuqala ukungenisa eNingizimu Afrika.

UMnu uSesinam Dagadu, isikhulu esiphezulu nomsunguli we-SnooCODE, i-app eqale yethulwa e-Accra, eGhana, eminyakeni embalwa edlule.

UDagadu uthi ugqugquzelwe kakhulu wukufuna ukubona wonke umuntu ekwazi ukuthola usizo, ikakhulukazi lwezempilo.

Uthi ububonile ubuhle nobubi bokukwazi ukuthola usizo lwezempilo masinyane ngenxa yezikhawu ezimbili ezadlula nabantu abathandayo. “Kunobabekazi wami owayehlala eSwitzerland, elinye lamazwe athuthukile futhi acebile emhlabeni. Wagula esikhaleni kanti kwaba yimizuzwana nje yabe isifikile i-ambulensi. Yize agcina eshonile kodwa akudalwanga ukuthi waphuza ukuthola usizo.

“Umama wagula naye kodwa kwathatha isikhathi ukuthi athole usizo ngoba i-ambulensi yaphuza ukufika kuyena ngoba kwakungafinyeleleki kalula. Naye wagcina eshonile kodwa angikholwa wukuthi senza konke okwakufanele sikwenze ukugwema ukuthi angashoni,” kusho yena.

I-SnooCODE, i-app eyenza impilo lula kwabangenakheli

UDagadu oqale esebenza ebhange uthi le-app isebenza noma ngabe kuphi emhlabeni futhi uma nje usunayo, awube usawudinga umoya we-internet ukuyisebenzisa. 

“‘Ikheli’ ekunika lona uyakwazi ukulikhipha ulibeke lapho uzohlale ukwazi khona ukulithola kalula nosuke usukwazi ukulinika noma ngabe wubani osuke efuna ukufinyelela kuwena esebenzisa iSnooCODE.

“Lena yi-app esiyenzele ukusiza kakhulu abantu abasemalokishini nasezindaweni ezisemakhaya, lapho kudlange khona inkinga yamakheli. Abama-ambulensi asibakhokhisi mali ngoba usizo lwezempilo lumqoka. Sisebenzisana nezinkampani ezithutha izimpahla njengeDHL neTake a Lot,” kusho uDagadu.

You cannot copy content of this page