Ziningi izindlela esingazisebenzisa ukuvulela intsha amathuba emisebenzi, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi yimiphi imizamo esingayenza ukusiza intsha yethu ingasweli imisebenzi uma isiqede uMatikuletsheni nasezikhungweni zemfundo ephakeme.
Kubuhlungu okwenzeka entsheni yethu, ikakhulu eNingizimu Afrika njengoba inqwaba yentsha ingenayo imisebenzi. Ngicabanga ukuthi uhulumeni kufanele uzame amacebo okuza nezinhlelo ezizonika intsha ithuba lemisebenzi ukuze kusimame umnotho.
Zincane izikhala emanyuvesi zokuthatha intsha esanda kuqeda uMatikuletsheni, empeleni ibalelwa ku-90% intsha eqeda uMatikuletsheni egcina ihlala emakhaya ngoba ingawatholi amathuba okuqhubeka nemfundo ephakeme.
Umbuzo uthi intsha engaka eqeda uMatikuletsheni noma ephuma ezikhungweni zemfundo ephakeme igcina iphelela kuphi?
Igcina ingazi ukuthi yenzeni, isikhathi esiningi igcina ingena ezidakamizweni, enye iphila impilo engayi ndawo nje.
Ngicabanga ukuthi kungasiza ukuthi uhulumeni nosomabhizinisi beze nezinhlelo ezizosiza ukuthuthukisa intsha ngokuyinika amathuba okufundela ezamabhizinisi unyaka owodwa nje uma iphuma esikoleni ngaphambi kokuya enyuvesi, ikakhulukazi leyo egcina ingazitholanga izikhala.
Loku kungenzeka ngokuguqula amahholo omphakathini kufundiswe kuwo ubuchule nobuchwepheshe bokuba nebhizinisi. Kungabi yibhizinisi kuphela kodwa nokuthi ezomnotho zisebenza kanjani.
Ngonyaka ifundiswe ukuthi ingawaqala kanjani amabhizinisi ithole ulwazi oluningi oluyisiza ukuthi ikwazi ukusungula amabhizinisi futhi loku kuzokwenza ukuthi intsha efisa ukuqhubeka nokufundela imikhakha ethile ingene enyuvesi isiyazi ukuthi uma iqeda ukufundela umsebenzi izosebenzela omunye umuntu noma izozisebenza.
Okunye okunganciphisa ukuntuleka kwemisebenzi kungaba wukuthi intsha yenze i-national civil service. Loku kusho ukuthi kuthathwe intsha engasebenzi noma engafundi ifakwe emikhakheni eminingi kahulumeni efana nezempilo, amaphoyisa, izikole neminye imisebenzi yakwahulumeni ukuthi isize lapho ingasiza khona, ikakhulukazi ngemisebenzi yasehhovisi.
Sesifikile isikhathi sokuthi zonke izikhungo zikahulumeni ziguqulwe zifakwe ohlelweni lobuchwepheshe ukuze abantu bathole usizo kalula. Loku kwenzeka kalula uma kuwukuthi izinto eziningi zenzeka ngobuchwepheshe. Abantu abajwayele ukusebenzisa ubuchwepheshe, besizwa intsha, ngakho-ke uma inikezwa amathuba okushintsha izindlela zokusebenza, loko kuzoyinika ulwazi kwezemisebenzi nobuchwepheshe.
Loku kuyokwenza ukuthi cishe yonke intsha ithole ithuba lokwazi ukuthi uma kukhulunywa ngomsebenzi kusuke kukhulunywa ngani.
Ngicabanga ukuthi lezi ngezinye zezindlela uhulumeni angazisebenzisa ukwehlisa izinga lokuntuleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika, hhayi kuphela uhulumeni kodwa nezinkampani ezizimele kufanele zifake isandla ekuqasheni intsha okwesikhashana ukuze ithole isipiliyoni.
Okunye wukuthi kufanele uhulumeni nezinkampani ezizimele zifake imali eningi ekwakheni izikhungo zamabhizinisi lapho kuqashwa khona bonke abafundi abasanda kuthola iziqu ukuthi basebenze kuzo. Lapha ngisho abafundi abakade befundela imisebenzi esezimbonini zokuphatha abantu, umthetho, ubuchwepheshe, ukuhlanganiswa kwemigomo, ezolimo, ezokuhlela, ukudayisa, ukukhangisa nokunye okuningi.
Bonke abadinga ukuba ngama-call centre agent, lapho uma intsha idinga ulwazi olunzulu mayelana nezamabhizinisi ishayele khona ibuze ukuze ithole incazelo efanelekile isizakale.
Yizinhlelo ezinje okufanele sizizame ukuze isizwe sethu sikwazi ukukhula, ikakhulukazi intsha yethu.
- UBuyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela