Ziningi izinto ezithwalise kanzima imboni yezimali – umbiko weBhange loMbuso. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKWEHLA kwamandla emali okuhambisana nokunyuka mawala kwemalimboleko ekubeni umnotho ungakhuli emhlabeni, ugesi ocikizelayo, imiphumela ehambisana nokufakwa kwi-grey list nokungakhuli komnotho waseNingizimu Afrika yizinto ezibeka imboni yezimali engozini enkulu ezweni.
Lokhu kuvele embikweni weBhange loMbuso obheka ukusebenza kwale mboni i-Financial Stability Review (i-FSR), okhishwe kuleli sonto.
Lo mbiko okhishwa kabili ngonyaka uthi ezinye izinto eziyingozi wukuhlaselwa kwengqalasizinda yale mboni okwenziwa yizigebengu ezisebenzisa ubuchwepheshe, umbango wepolitiki emhlabeni, ukunyuka kwenzalo esikweletini sikahulumeni nokuguquguquka kwesimo sezulu.
Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe besekuphele iminyaka ewu-10 amandla emali ephezulu futhi nezimakethe zizinzile, isimo esesishintshile manje.
Ngokusho kwe-FSR, imalimboleko emazweni athuthukile inyuke cishe ngo-200 basis points kusukela ekuqaleni konyaka futhi kulindeleke ukuthi ikhuphuke cishe ngo-150 basis points kulo nyaka ozayo, ikakhulukazi e-United Kingdom (i-UK) nakwi-eurozone.
Wengeze ngokuthi amathuba okuthi umnotho womhlaba uqhubeke nokungakhuli asenyuke kakhulu ezinyangeni eziwu-12 ezizayo ikakhulukazi e-Europe ngenxa yenkinga yokushoda kukagesi edalwe yimpi ephakathi kweRussia ne-Ukraine. IMelika ibhekene nesimo esifanayo ne-UK. NaseChina umnotho ubhekwe ukuthi wehle mawala ngenxa yokuvalwa kwezwe okusaqhubeka ukunqanda ukubhebheka kweCOVID-19 eyabheduka ngo-2019.
“Ukungakhuli kahle komnotho kuphazamisa ukusebenza kwezinkampani ezisembonini yemali. Ukuntuleka kwemisebenzi nemali encane kunciphisa amathuba okuthi abantu baboleke imali futhi bafune nezinye izinto ezitholakala embonini ehlinzeka ngezimali futhi kunyusa nengozi yokuthi bande labo abafuna kube nemigomo exosha abatshalimali,” kusho i-FSR.
Lo mbiko uthe ugesi ocikizelayo uphazamisa izinkampani ezinkulu namabhizinisi asafufusa. Uthi loku kuphazamisa ukukhula komnotho wezwe futhi akwehli kahle kubatshalimali. Kuphazamisa nokusebenza kwengqalasizinda yemboni yezezimali njengoba amabhethri emishini yokukhipha imali nawemibhoshongo yamaselula ephazamiseka. Uqhuba uthi umonakalo owenzeka emizini yabantu nasezimpahleni unyusa imali ekhokhwa yizinkampani zomshwalense.
“Ukungabi bikho kukagesi isikhathi eside, nakuba kungeyona into engahle yenzeke, ingenza ukuthi imboni yezimali ingasebenzi ngokujwayelekile,” kusho i-FSR.
Sekunesikhathi kubikwa ngengozi yokuthi iNingizimu Afrika ingahle ifakwe ohlwini okufakwa kulo amazwe athathwa njengangenayo imithetho eqinile ukugwema ukushushumbisa imali, phecelezi i-grey listing, ngoba kunezinto inhlangano ebheka loku emhlabeni iFinancial Action Task Force ekhale ngazo yathi kufanele zilungiswe.
Isinqumo sizophuma ngoFebhuwari ngonyaka ozayo.
UKganyago uthi: “IBhange loMbuso lenze konke okusemandleni alo ukugwema ukufakwa kwi-grey list. Nokho ezinye izinto okufanele zenziwe azikho ezandleni zethu kodwa siyethemba ukuthi sikulungisile konke abebekhala ngakho.”
Ingozi yokuhlaselwa yizigebengu ezisebenzisa ubuchwepheshe inyukile ngoba imboni yezimali ithembele kakhulu ebuchwephesheni ukwenza umsebenzi wayo nangenxa yokuthi abantu basebenzela emakhaya.
Izinkampani ezihlinzeka ngemali yizona ezihlaselwa kakhulu.