Ziseningi izinselelo kodwa kuningi nesesikuzuzile, kuloba uBusi Mavuso

Share this now

ASIJWAYELE ukuma kancane sibuyekeze indlela inqubomgomo yethu esithuthuke ngayo. I-Operation Vulindelela, uhlelo lwehhovisi  likaMengameli nomNyango wezeziMali, seluzuze izinto eziningi nakuba ezinye zisabanjwe yimicikilisho ngaphambi kokuthi zisebenze kahle kodwa siphezu kwazo.

I-spectrum sesidayisiwe. Loku kwaqalwa ukukhulunywa ngakho eminyakeni ewu-14 edlule kodwa izinselelo ezihlukene zikubambezelile. Izinkampani zamaselula sezine-spectrum esithe xaxa, nokuzolekelela ukunciphisa amanani e-data. I-spectrum singenise imali engaphezu kukaR14.4 billion obulindelekile.

Loku  kwenzeke ngoba uMengameli uCyril Ramaphosa nabalingani bakhe kwiKhabhinethi bagxile ekutheni kugcine kwenzekile. IVulindlela ikhuthaze zonke izinhlaka ukuthi zibambisane ukuze iphumelele.

Nakuba kunzima ukwamukela ukuthi ugesi usaqhubeka nokucinywa kodwa kukhona osekuzuziwe, njengesinqumo sokuhlela kabusha imboni kagesi. IVulindlela iyakweseka ukuhlukaniswa kathathu kuka-Eskom ukuze kube nophiko lokukhiqiza, elokuhambisa nelokusabalalisa ugesi. Yigxathu lokuqala futhi elimqoka leli lokusungula indlela ezimele yokuhlinzeka ugesi, nezokwenza ukuthi kuthengwe ugesi kubantu abawukhiqiza ngamanani aphansi. Nakuba lezi ezinye izigaba zizothatha isikhathi, kodwa inqubekelaphambili iyabonakala. 

Kukhona impumelelo nasekuthengeni ugesi, nakuba nakhona kungeyona yonke into ehamba kahle. Uhlelo lwabakhiqizi bakagesi abazimele seluyaqhubeka emva kokubambezeleka iminyaka njengoba isiyenziwe imizuliswano eyisihlanu futhi sekuzoqala owesithupha. Nokho izinkampani eziqokwe emzuliswaneni wesihlanu zinenselelo yokwesekwa ngemali ngenxa yenqubomgomo engalungile yokuthenga izinto ezweni nangenxa yokushintsha kwezimo ezimakethe.

Okunye okuphoxile wumzuliswano wokuthenga ugesi “okuphuthumayo”, nokuholele esivumelwaneni seminyaka ewu-20 sokuthenga ugesi emikhunjini, okumanje sekuholele emdonsiswaneni osenkantolo.

Kukhona nokuchibiyela umthetho olawula ugesi i-Electricity Regulation Act ukuze kuvumeleke izinkampani ezizimele ukuthi zikhiqize ugesi ongafinyelela ku-100MW, nokungashintsha isimo kakhulu.

Naloku kwenzeka ngenxa yokungenelela kweziphathimandla. Inselelo wukuthi nakuba umthetho usushintshile ngezimvume kodwa inhlangano elawula imboni kagesi iNational Electricity Regulator of SA (iNersa) ibeka imibandela yokubhalisa ekhathazayo futhi okungelula ukuyilandela; njengemibandela yezimvume esekuqediwe ngayo. Kugxilwe kulesi sithiyo manje futhi ngilindele ukuthi sixazululwe maduze.

Kube nezinguquko ezibalulekile ekulawuleni amanzi ngokuthuthukisa ukusebenza kwezimvume zokusebenzisa amanzi ukuze kusheshe izimvume zentuthuko entsha. Isimo samanzi siyathuthukiswa ngokuvuselela izinhlelo zokuqapha amanzi i-green drop, i-blue drop ne-no-drop. Ikhona inqubekelaphambili ekusunguleni uphiko oluzoba wumlawuli womnotho ozimele wamanzi.

Ikhona inqubekelaphambili eTransnet yokuqedela ukuthi kube khona nezinkampani ezizimele ezizosebenzisana neTransnet National Ports Authority. Izicelo zeziphakamiso sezikhishiwe ukuze kutholwe imvume yechweba laseThekwini nezitimela. Lezi zinhlelo zibhekene nezinselelo kodwa kuntwela ezansi.

Uma ukuhlanganisa konke loku ikhona inqubekelaphambili. Kodwa kuzothatha isikhathi ukuthi lolu shintsho lubonakale. Kudingeka ingqalasizinda yamafoni ngaphambi kokuthi i-spectrum sisebenze. Kumele kwakhiwe izindawo zokuphehla ugesi ukuze uphakelwe izwe. Kusazothatha iminyaka ngaphambi kokuthi izinguquko zibe nomphumela obonakalayo emnothweni. Nokho sesiyayibona indlela ezosithatha isibeke khona.

Ngivamile ukubhala kule ngosi ngikhathazekile ngenxa yezinselelo eziqhubekayo nokuzigwaza ngowethu siyizwe ngamacebo enqubomgomo engalungile ukuhluleka ukuqala ezinye izinto. Kepha asingavumeli loku kusivale amehlo sicabange ukuthi ayikho inqubekelaphambili.

Kubuhlungu ukuthi bekungekho okutheni obekujabulisa iNingizimu Afrika kade sigubha uSuku lweziSebenzi njengoba izinga Labantu abangasebenzi liwu-35%, kuqashwe abangu-14.3 million kuphela.

Kunezinto ezimbalwa okudingeka ukuthi sizilungise ukuze sibuyise ukuzethemba kubatshalimali futhi sivuselele umnotho. Kubandakanya ukuqala ukulandela iziphakamiso zeJaji uRaymond Zondo, ukuqeda imicikilisho efunwa yiNersa uma ufuna ukwakha iziteshi zikagesi nokuqhubeka kohlelo oluwuR1 trillion lokwakha ingqalasizinda.

Osomabhizinisi bazimisele ukulekelela ngezinsizakusebenza ukunqoba izinselelo eziphazamisa ukusimama komnotho wethu.

Umbiko omusha kaZondo ngokugwamanda umbuso ugxile ekuqokeni kwabantu ngokwezinhlangano zombusazwe abazesekayo. UZondo ugxeka indlela abakwaGuptaababetshela ngayo owayewuMengameli uMnu uJacob Zuma ukuthi akaqoke bani, amfake kuliphi ibhizinisi likahulumeni futhi axoshe bani.  

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) iyaseseka isiphakamiso sikaZondo sokuthi kufanele kube nenhlangano ezimele ezoqoka abaphathi bamabhizinisi kahulumeni ukuze kuphele ukuthi loku kwenziwe ngosopolitiki.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA
You cannot copy content of this page