UNkk uNollie Maoto, i-chief data and analytics officer eFNB Commercial Merchant Services

Isithombe: Sithunyelwe

Amagalelo akhe azwakala emhlabeni ophethe embonini yezobuchwepheshe lapho abantu besifazane beseyingcosana khona. INTATHELI YOMBELE iyabika

Share this now

KWEZOBUCHWEPHESHE, lapho kuhlale kuqhamuka khona izinto ezintsha, kushunyayelwa ivangeli elithi abantu basheshe bayiyeke into uma kubonakala ukuthi ngeke iphumelele, baqhubekele kwenye.

Cishe yinto enhle ukuthi uNkk uNollie Maoto vele ukhulele emndenini lapho kukhuthazwa khona loku ngaphambi kokuthi angene embonini yezobuchwepheshe.

UNkk uMaoto, i-chief data and analytics officer eFNB Commercial Merchant, Services wavunyelwa ukuthi enze iziqu zesibili eqeda nje ukuphothula ezokuqala ngoba wayesebonile ukuthi lo msebenzi ayewufundele akuyona into ayithandayo.

Wayenze i-BCom Accounting eRand Afrikaans Universiteit (esibizwa nge-University of Johannesburg). Abazali bakhe bamvumela ukuthi abhalisele ezinye iziqu, wabe eseqoka iBCom in Finance and Investments , axuba kuyo izifundo ezihlukene enzela ukuthi abe nemikhakha eminingi angahlwaya amathuba omsebenzi kuyona.

“UBaba wayengafuni uze kuyena nenkinga ungasicabangile isisombululo. Wayesivumela ukuthi sizame ezinye izinto futhi noma yini ngoba kwakuyimpilo yethu. Wayefuna sifunde futhi sihluleke. Uma usuhlulekile, wawusungaya kuyena uyocela iseluleko ukuthi akusize ulungise izinto futhi uzame enye indlela.”

Njengoba eyi-chief data and analytics officer uNkk uMaoto uqondene nokuhlanganisa ulwazi olusiza leli bhange ukuthi likwazi ukwenza izinqumo ezizosiza amakhasimende. Nguye futhi obhekelela ukugcina lolo lwazi nokuluhlaziya.

“Umsebenzi wethimba lami wukuqikelela ukuthi yonke iminyango inolwazi olwanele ukwenza izinqumo eziphusile ukuze njengebhange sihlinzeke amakhasimende ngemikhiqizo nemisebenzi efanele ngesikhathi esifanele nokuqinisekisa ukuthi sikwenza ngendlela engalithikamezi ikhasimende,” kusho yena.

Ngaphambi kokusebenza eFNB, uNkk uMaoto usebenzele i-consultancy enamahhovisi emhlabeni wonke, ibhange, inkampani yezokuxhumana neye-project management.

Ufike eFNB ngo-2019 eyinhloko yeBusiness Intelligence. Enonyaka efikile wayesephethe izindawo ezintathu. Wayephethe neConnectMe namathimba asebenza kwiData Science neResource Planning. “Loko kusho lukhulu ngendlela ibhange elesekana ngayo. Eminyakeni emithathu sengesekwe kuyona yonke into engiyenzayo. Ngiye ngihambele izindawo lapho ngisuke ngiyokhuluma khona, izingqungquthela, ama-webinar nokunye. Kwezinye izinkampani abafuni uhambe uyomela inkampani, wumsebenzi owenziwa yisikhulu esiphezulu kuphela. Kepha eFNB bayaqonda ukuthi nakuba ngizenzela mina lezi zinto kodwa negama labo liyasizakala. Uma ususeFNB kufana nokuthi usufike ekhaya.”

Amagalelo kaNkk uMaoto aziwa umhlaba wonke. Usanda kuwina imiklomelo emibili, i-2022 Chief Data Officer Southern Africa ne-2022 Data Analytics Leader of the Year. Ukhona nasohlwini  i-2022 Global Top 100 Data & Analytics Leader neGlobal Data Power Women 2022.

Nakuba zimjabulisa izinto asezizuzile kodwa kuyamkhathaza ukuthi alukho ushintsho olutheni embonini akuyona njengoba ethi kusagcwele abelungu namadoda. Uthi angathanda ukubona sanda isibalo sabantu besifazane abamnyama. “Ngifisa ukuthi eminyakeni emibili kusukela manje siyobe singakhulumi ngento efanayo.”

Okunye ngaye:

  • Wazalelwa eKlerksdorp, eNorth West;
  • Uganile futhi unamadodana amabili;
  • Uphumula ngokuhlala nomndeni, ukubuka ama-documentary nokuzivocavoca;
  • Ukhonze ukufunda kanti njengamanje ufunda i-Start with Why: How Great Leaders Inspire Everyone to Take Action kaSimon Sinek; 
  • Uthanda i-seafood;
  • Ukhonze umjaho wezimoto iF1 nethenisi;
  • Emculweni, uthanda iRnB ne-hip hop.
You cannot copy content of this page