Month: September 2022
Sidinga uhlelo lokuvikela ofakazi abaveza inkohlakalo, kuloba uBusi Mavuso
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ibiloku isebenzisa izincomo zeKhomishini kaZondo ukubheka izindlela nezinhlaka ezingasiza ukugwema inkohlakalo ngomuso nokweseka ezinye izinhlaka ukuthi ziqhube umsebenzi wazo. Enye yezinto esicabanga ukuziphakamisa yindlela engcono yokuvikela ofakazi okuyibona abaqhumbuza ithumba ngezenzo zenkohlakalo.
Izikhulumi engqungqutheleni zithe akubhukulwe ngokuphindiwe ukuthuthukisa abantu besifazane e-Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUFANELE iphuthunyiswe imizamo yokunciphisa igebe lokungalingani phakathi kwabesilisa nabantu besifazane e-Afrika, ngale kwaloko izwekazi lizogcina lihlulekile ukufeza loku njengokusho kwenye yezinjongo ezabekwa yiNhlangano yeZizwe. Lena yimizamo efana nokunyusa isibalo sabesifazane abafundayo, ukulwa nendluzula ebhekiswe kubantu besifazane nezingane nokubeseka ngokubacathulisa.
UMUNTU WUMUNTU NGABANTU
NAMHLANJE Umbele uhlanganisa iminyaka emibili waqala ukuniphakela izindaba ezithinta osomabhizinisi abasemikhakheni ehlukene. Nakuba siyingane esacathula kodwa ziyezwakala izigi zethu, hhayi nje embonini yabezindaba kuphela kodwa nasemikhakheni ehlukene. Sinezinjongo ezinkulu ezimbili. … Read More
Lungisa isimo sakho semali ngokubuyekeza imishwalense yakho. INTATHELI YOMBELE iyabika
YISIKHATHI lesi lapho abantu bekhuculula khona kwazise lithwese ihlobo. Yithuba elihle lokubuyekeza futhi ukhuculule isimo sakho sezimali, ozibophezele kukho nemishwalense onayo ukuqinisekisa ukuthi ukulungele ukubhekana nanoma ngabe yisiphi isimo ongahlangabezana nazo ngalezi zinyanga ezisele onyakeni.
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noDJ wodumo lwengoma ethi Amabhungu nethi Umona, u-‘DJ Thotho’, ogama lakhe langempela uLutho Pasiya, futhi oyintatheli ebhala ngokudla neziphuzo
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa ukuthi ngithenge ukudla esikoleni. Umama wayenginika nyanga zonke imali yokugibela neyokuthenga ukudla esikoleni sengifunda amabanga aphezulu. Kwesinye isikhathi abazali bami babengipha imali yokuthenga izimpahla zokugqoka ne-airtime.
Wenza ezibukwayo onebhizinisi elingajwayelekile kwabesifazane. Uxoxe noTEBOGO MOKWENZA
NGESIKHATHI uNksz uMolebogeng Pitso eqala ukwenza umsebenzi wokuba wumbazi wayezifunela imadlana azozijabulisa ngayo ngamaholidi kaKhisimuzi. Nokho kwathi emva kokukhulelwa wase ebawumama wagcina enqume ukuzinikela kulo msebenzi osumakhele igama entsheni yesifazane elokishini langakubo.
Kunempikiswano ngomthetho wezolimo ohlose ukuhlomulisa abalimi abancane. UTEBOGO MOKWENA uyabika
UMNYANGO wezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya usuthembise iPhalamende ukuthi ukuchibiyela umthethosivivinyo obhekelela imikhiziqo yezolimo i-Agricultural Products Standards Amendment Bill kuzosiza abalimi abasafufusa abahluleka wukuthola amakhasimende kalula.
Abasafufusa banxusa ukuthi kufundiswe kabanzi ngosuku olubungaza osomabhizinisi. Baxoxe noTEBOGO MOKWENA
ABANIKAZI bamabhizinisi asafufusa bathi kufanele yande imikhankaso yokufundisa abantu ngosuku olubungaza osomabhizinisi iWorld Entrepreneurs’ Day. Lolu suku lungomhla ka-21 Agasti kodwa abantu abaningi eNingizimu Afrika nabanye osomabhizinisi bebengazi ukuthi lukhona usuku olumqoka kangaka.