Asikhuthaze intsha ibheke kwezamabhizinisi ukuze sixazulule inkinga yokuntuleka kwemisebenzi, kuloba uNtokozo Biyela

Share this now

NAMHLANJE ngithanda sigxile odabeni lokuthuthukisa osomabhizinisi abancane eNingizimu Afrika. Kucacile ukuthi amathuba omsebenzi ayivelakancane ezweni lethu. 

NgokweStatistics South Africa, phakathi kukaMashi wango-2021 noMashi wango-2022, umnotho uqashe abantu abawu-8 000 ngokugcwele noma u-0.1%. 

Izinkampani ezinkulu azisakwazi ukumumatha umthamo wabantu abaqeda emanyuvesi ukuthi bangene ezimbonini eziningi abafisa ukungena kuzona. 

Iningi lentsha linokhwantalala ngenxa yokuthi uma liqeda ukufunda, lizithola libhuquza emakhaya liswele umsebenzi. 

Loku kuphoqa ukuthi sigqugquzele le ntsha ukuthi ingabe isabheka ukuqashwa yizinkampani kodwa ithathe imfundo eyithole emanyuvesi isebenzise yona ukusungula amabhizinisi angaba yisisombululo kunoma iyiphi imboni aqeqeshelwe yona.

Yebo, intsha ephuma enyuvesi iyasidinga isipiliyoni kuqala ukuze ingene kwezamabhizinisi ngaphandle kwezihibe kodwa ngiyacabanga ukuthi siyizwe asisenaso leso sikhathi sokuthi wonke umuntu athole isipiliyoni kuqala ngaphambi kokungena ebhizinisini. 

Isibalo sabantu abangasebenzi siyakhula mihla namalanga. Ekupheleni kwekota yokuqala yango-2022, isibalo sabangasebenzi besimi ku-34.5%. Njalo maphakathi nonyaka sibona intsha ibhiyoza ijabulela ukuthweswa iziqu emva kokufunda. 

Kuhle impela ukubona loku kwenzeka kuwo wonke amanyuvesi aseNingizimu Afrika kepha njalo ngiye ngisale nombuzo othi yonke le ntsha ethweswa iziqu iphelela kuphi ngoba ayikho imisebenzi? 

Kuleli sonto ngiqale ohlelweni oluthi Kubamba ezingelayo ohlelweni lwasemini kuKhozi FM lapho ngidingida khona yonke into emayelana nezamabhizinisi. Ngithe ngiqeda nje uhlelo, ngathola indathane ymiyalezo kubantu abaningi abafuna usizo kwezamabhizinisi. Kunomyalezo owodwa ongiphathe kabi ngezwa umoya wami ushona phansi. Kunensizwa ethe yona seloku yaqeda enyuvesi kade yayizama ukuthola umsebenzi kodwa lutho ayiwutholi isize yaba neminyaka ewu-36. Kudala yalahla ithemba. Yingakho yonke le minyaka iqhukuluza kwezamabhizinisi. Yiyona kuphela indlela ekwazi ukuxosha ikati eziko ngayo. 

Uma uthatha ubheka uzobona ukuthi cishe sekuphele iminyaka ewu-12 le nsizwa izama ukuthola umsebenzi kodwa do. Ayikho into ebuhlungu njengokuthi uthi ubeke ithemba lakho ekutheni ufunde kodwa uthi lapho usuthi usuyaphumelela kodwa lutho amathuba omsebenzi ento oyifundele.

Yingakho siye sibone enye intsha ibuye ikhethe ukuvele iqhubeke nokufunda igogode kunokuhlala ekhaya ingenzi lutho. Kuhle futhi kubi loku. Kuhle uma kuwukuthi emkhakheni awufundelayo maningi amathuba okuthola umsebenzi kule nto oyenzayo. Kubi uma kuwukuthi amathuba omsebenzi ayindlala ngoba izinkampani eziningi zigcina zithi ngeke zikwazi ukuqasha umuntu osefunde kakhulu. Manje-ke leyo nto iqeda umdlandla.

Yingakho-ke kufanele sigqugquzele yonke intsha ethola iziqu ukuthi okungenani ayingene emkhakheni wezamabhizinisi. Loku kuzofuna ukuthi yenze ezinye izifundo ezimfishane nje ukuze ikwazi ukuthola ulwazi olumayelana nokungena kwezamabhizinisi.

Umnotho wamanye amazwe anjengeMalaysia wakhiwa phezu kwesisekelo somabhizinisi amancane. Baninigi futhi abanye abaneziqu zemfundo abanamakhono amangazayo abangakwazi ukusungula izinkampani ezingakwazi ukuletha izisombululo zezinkinga eziningi esibhekene nazo e-Afrika.

Yebo, miningi imizamo eyenziwa wuhulumeni ukuzama ukufukula osomabhizinisi abancane kodwa ayanele. Kumele kungenelele izinkampani ezizimele nezemfundo kuhulumeni. 

Iningi labantu abanamakhono liyahamba lapha eNingizimu Afrika liyofuna amadlelo aluhlaza kwamanye amazwe ngoba abaningi bayabona ukuthi ayikho inqubekelaphambili kuleli zwe.

Uma singazami nokutshintsha izifundo ezenziwa yizingane zethu ukuthi uma ziya esikoleni ukuze zingafundeli ukuthi ziyoqashwa kodwa zifundele ukuthi ziyoba ngabaqashi, sizozithola sisenkingeni siyizwe.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

You cannot copy content of this page