UNkk uPalesa Phili, isikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerece & Industry

Izithombe: Zithunyelwe

Kade ayenza izinto ezinkulu emsebenzini, nokho bekukhona okungathi kuyashoda. Useluthole kahle ubizo lwakhe lapho ephethe khona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

USEBENZE iminyaka eminingi embonini ezimele enza izinto ezinkulu futhi konke abesuke ebekelwe kona ukuthi akufeze ubekwenza ngaphandle kwenkinga. Nokho bekunesikhala, kunento eshodayo ebimenza angagculiseki ngomsebenzi wakhe.  

Uyitholile leyo nto ebishoda ngesikhathi eqala umsebenzi wokuba yisikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce & Industry (iDCC&I). UNkk uPalesa Phili useneminyaka emithathu manje ekulesi sikhundla.  

Uthi ukufika kule nhlangano ebhekelele ukulekelela osomabhizinisi baseThekwini ukuthi bathuthuke, basebenzisane futhi bakhankase ngazwi linye ezinhlakeni ezifana nezikahulumeni kusivale thaqa lesi sikhala ebesikhona. 

UNkk uPhili, oyikholwa, uthi uwumuntu othandayo ukusiza abanye nokungakho umjabulisa kangaka umsebenzi awenzayo eDCC&I.

“Ngiqale ngoMeyi wango-2018, kwase kuthi ngo2020 kwaba neCOVID-19. NgoJulayi  kube nezibhelu, kuyajabulisa ukuba sendaweni lapho ukwazi khona ukusiza abantu,” kusho yena.

Uthi kuningi abakwenzile ukulekelela amalungu abo akwazi ukumelana nemiphumela emibi yeCOVID-19 nezibhelu zangoJulayi. “Senza umsebenzi omningi wokukhankasa ukuthi kushintshwe imigomo ngesikhathi izwe livaliwe ngokwesigaba sesihlanu nesesine. Ngesikhathi sibheka imigomo yokuvalwa kwezwe ukuthi izithinta kanjani izimboni ezihlukene amalungu ethu akuzona, sathi uma sibheka imboni yezokwakha, sabona ukuthi kuthiwa izoqala ukusebenza uma sekuvalwe izwe ngokwesigaba sesibili. 

“Sasebenza nomNyango wezokuThuthukiswa komNotho ukuze le mboni ivulwe esigabeni sesithathu ngoba yonke indawo emhlabeni kwathi uma kuvulwa umnotho kwaqalwa ngayo. Okunye lena yimboni evele inemithetho enqala eqikelela ezokuphepha njengoba kukhona nama-satefy officer, nokusho ukuthi babezobe bayengeza nje ngokuqikelela ezokuphepha zeCOVID-19,” kulanda uNkk uPhili.

Uthi bayikhankasela kakhulu nemboni yezokuvakasha neyezindawo zokudlela. Balwela namabhizinisi amancane nalawa okuthiwa ama-informal business ukuze axhaswe ngezibonelelo zemali ngoba bethi lezi yizona zinkampani eziwumgogodla womnotho waseThekwini. “Kwakubuhlungu ukubona la mabhizinisi ethwele kanzima futhi amanye evala ngoba esewile. Kodwa enye into enhle wukuthi abanye sebeqale phansi ngoba bebone amathuba amasha kwezinye izimboni.”

UNkk uPhili uthe bayazama nokusiza amabhizinisi acekeleke phansi ngenxa yokutapa kodwa abengenamshwalense. Bawacelela usizo ezinkampanini ezinkulu kanti uthe eziningi ziyavuma ukulekelela.

UNkk uPhili useke waphatha ezinkampanini ezihlukene

UNkk uPhili, odabuka eGoli, eGauteng, ukhule efisa ukuba wudokotela kodwa waxakwa wukusaba umuntu ogulayo, akangabe esasifeza lesi sifiso.

Ngelinye ilanga ephelezele umzala wakhe eya emcimbini wasemsebenzini wachazeka ebona indlela izinto ezaziyiyona kulo mcimbi wakwa-IBM. Kwaba wukuqala kwakhe ukuqonda ngemboni yezobuchwepheshe wagcina esefundele i-Diploma in Information Systems.

Usebenze kule mboni yezobuchwepheshe nokuxhumana, wagcina esephethe ezinkampanini ezifana no-IBM noHewlett-Packard. Uke waphatha eVodacom naseMTN.

Nakuba engamazanga uninakhulu owashona eneminyaka emibili kodwa uthi izindaba ayehlale ezizwa ngaye, uhlobo lomuntu ayenguye nokuthi wayekholwa kangakanani zenza kube nguyena muntu abukela kuyena.

“Wayenikela, esebenza ngokuzikhandla, enothando futhi engadikibali. Ayikho into ayefisa ukuyizuza angayizuzanga. Angazi ukuthi zingaki izingane agcina ezikhulisa njengezakhe ngaphezu kwezakhe. Angikhathali ukuzwa izindaba ezixoxwa ngaye, ngihlale ngigqugquzeleka… indlela aphile ngayo impilo yakhe nokuthi wayekholwa. Uma kuxoxwa ngaye ngizwa nangentobeko yakhe. Enye into engiyifundile wukuthi ungabukeli muntu phansi noma ngabe wenza muphi umsebenzi futhi ungahluleli muntu,” kusho yena.

Ezintweni azizuzile emisebenzini ehlukene, uthi aziqhenya ngayo kakhulu wukubona abantu ake wabacathulisa bephumelela.

Ephawula ngezinselelo endleleni yakhe, uthe: “Izinselelo zikhona zonke izinsuku kodwa ngiyaphokophela. Empeleni ngiwumuntu okuthi uma kunengcindezi kube yilapho ngisebenza kahle khona kanti yilapho ngiqhamuka khona namasu.”

UNkk uPhili ungomunye wabantu abakholwa wukuthi inkinga yokuntuleka kwemisebenzi ingaxazululeka uma kungakhuthazwa intsha ukuthi isungule amabhizinisi futhi itshelwe ngamathuba akhona ezimbonini ezifana neyezolimo. Uthi maningi futhi amathuba akhona nasekudayiseleni amanye amazwe umkhiqizo.

Okunye ngaye:

  • Unamadodana amabili; 
  • Ukhuliswe yizihlobo kusukela eneminyaka ewu-11 ngemva kokushona kukanina;  
  • Une-MBA yase-University of Johannesburg ne-Advanced Business Management Certificate yaseWits Technikon;  
  • Usazama ukuzifundisa ukuphumula njengoba ethi ngisho beshaywe umoya nomndeni wakhe uzithola esesebenza; 
  • Ukudla akhonze ukukupheka yiNigerian fried rice; 
  • Uyazifela ngekwaito, umculo wokholo nezinye izingoma ze-hip hop;  
  • Uthanda ukufunda izincwadi ezikhuluma ngothando njengezikaDanielle Steel.
You cannot copy content of this page