Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele umculi kamaskandi uBoneni Magubane. Useke wahlabana ngeBest Female Artist kumaSatma Awards, Amantshontsho Kamaskandi Awards nakumaSouth African Volunteer Awards futhi ungumlingisi

Share this now

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngikhulele emakhaya, ngakho kuleya minyaka besingekho kakhulu isidingo semali kodwa besiphiwa ngomalume uma behlile eGoli.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

 I-akhawunti yami yokuqala ngayivula eStandard Bank ngo2000. Ngangisebenza e-restaurant ngaleso sikhathi.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi isemqoka. Engikufundile wukuthi awukwazi ukwenza lutho ngaphandle kwayo. 

Uqale nini ukusebenza, kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngonyaka ka-2000 ngisebenza e-restaurant ngaphambi kokungena endimeni yomculo. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngehla ngaya ekhaya ngathenga ngayo ukudla, ngabuye ngathengela umama wami ongasekho ingubo yokulala.  

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

(Ngakha) umuzi emakhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Alikho.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Yebo, ngangena kuMMM kanti “ibhanoyi” lizovele liphahlazeke nemali yami ngiqeda kuyifaka.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Angisikhumbuli futhi angicabangi ukuthi ngake ngasithola. 

 Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingawutshala emsebenzini wami wokucula nekusasa lezingane zami ukuze zikwazi ukuqhubeka nempilo ngisho ngingasekho.

Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngiwumculi ngifunde ukuthi imali iza njengezikhathi zonyaka, ngakho uma kwenzeka kuyinkathi yayo, yigcinele izikhathi ezinzima.

You cannot copy content of this page