Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNoxolo ‘uPrincesslortts’ Makhathini owumsakazi weVibe FM, i-voice-over artist, u-MC nenxusa le-VALC Fashion Studio ne-Elle Posh Nails and Spa

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiphiwa imali. Ngangingeve nginenhlanhla yokuphiwa imali. Ngiyile ngane ethandekayo kuthi noma yikuphi lapho (engangiqhamuka) khona kwakuvele kusuke umuntu angiphe imali. Nganginenhlanhla futhi yokuyicosha. 

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Kwakuwu-2014. Ngayivula eNedbank futhi namanje ngisasebenzisa wona kusukela lapho. Ngiyakhumbula nje ukuthi ngayivulelwa ngenza umatikuletsheni. Noma ngingangasazi kahle kodwa ngikhumbula ukuthi ngize ngiyivula kwakunento esasiyifuna nomngani wami (eyayisiphoqa) ukuthi sibe nama-akhawunti asebhange.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Into engayiqaphela wukuthi imali yangithanda ngisemncane. Yayivele izizele nje kimina. Ngiyakhumbula nokuthi ngelinye ilanga ngake ngathola imali eningi eyayingangoR400. Ngikhule ngiwumuntu okhonze ukonga kakhulu. Ngicabanga ukuthi yinto engazalwa nayo engingayifundiswanga. Ngaze ngacela umama ukuthi angithengele isikoqokoqo sokubeka imali. Ngangiyibeka ize ibe ningi kangangokuthi kwayena umama kwesinye isikhathi wayeze ayiboleke kimi.

Uqale nini ukusebenza futhi kwakuyimalini umholo wakho?

Ngiqale ukusebenza ngoDisemba wango-2015 emNyangweni wezeMfundo ngiyi-examination assistant. Umholo wami wokuqala kwaba uR12 000 nemali.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Kwakungokokuqala ngiba nemali engaka! Unyaka wokuqala wonke ngisenyuvesi ngangingenayo i-laptop nokwathi uma ngithola le mali umama wangicebisa ukuthi ngiyisebenzise ngendlela efanele. Ngathenga i-laptop yohlobo lweHP, umakhalekhukhwini iSamsung J1, engayithengela nodadewethu, izimpahla zokugqoka, igrosa, ngapha no(Ma) uR1 000.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ukwakha nokubiya ekhaya. Uma ngibuka obekuyikhona (kudala) nosekuyikhona manje, kungenza ngiziqhenye kakhulu ngomehluko esengiwenzile nengisawenza namanje. Ngiphinde ngayitshala ebhizinisini lezokwakha njengoba senginamasheya e-Oceans Umhlanga Hotel. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukutshala imali yami ezintweni ezingangenzelanga mali njenge-forex, iCrowd1 ne-IFA ngenxa yokuthi ngiyayithanda imali futhi ngihlale ngifuna izindlela zokuyenza yande. Okunye wukuthi ngiwumuntu olungile ngendlela yokuthi uma ngisebudlelwaneni bezothando, ngiye ngithande ukusiza engisuke ngizwana naye ngasuke ekudinga nangemali. Kunomunye engangizwana naye owayeze ayiboleke kancane kancane. Ngagcina ngibona sekuhambe isikhathi ukuthi uyangisebenzisa.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi kumele uyisebenzele nokuthi uma imali ikhona, yenza izinto ezibonakalayo nezizokwenza umehluko empilweni yakho njengokulungisa ikhaya, ukuyitshala ebhizinisini lezakhiwo.

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqhubeka nokwakha ekhaya, ngizithengele imoto, ngithengele no(Ma), ngitshale (imali) emabhizinisini akhe. Ngingaphinde ngiyitshale kimina njenge-brand bese kuthi uma zonke izinto sezenzeke kahle, ngingasebenzisa enginakho ukubuyisela emphakathini. Ngingaqhubeka futhi ngithenge namanye amasheya amaningi. 

Ungabeluleka uthini abanye abasakazi namaciko jikelele ngokuphatha imali?

Ngingathi asisabalaliseni imiqondo yethu, singagxili entweni eyodwa kuphela. Kumele siqonde ukuthi ukuba wumsakazi akusho ukuthi konke sekuphelile kodwa kusenokukhulu kakhulu esingakwenza. Buka ezinye ezinto ongazenza ube uqhubeka nokusakaza. Uma unamakhono amaningi wenze akwenzele imali. Bhalisa konke okwenzayo ngokusemthethweni ukuze uma kukhona okuthintayo kube wukuthi yonke into oyenzayo ihlelekile. Nokuthi uma uthola imali akumele uyisebenzisele izinto ezingasizi, kunaloko sebenzisa imali eningi ekutshaleni kuwe, uqinise lapho obona kusashoda khona kuwena. 

You cannot copy content of this page