Kuningi esingakuzuza uma uhulumeni namabhizinisi besebenzisana, kuloba uBusi Mavuso

Share this now

NGESONTO elidlule uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa wethule inkulumo enohlonze emhlanganweni weBusiness Unity South Africa waminyaka yonke.

Umengameli ucacisile ukuthi uhulumeni nosomabhizinisi babona ngaso linye ngezinselelo ezidinga ukuxazululwa ngokubambisana.

Phakathi kwezinto azibalile, ukhulume ngokuhlinzeka ugesi ngendlela efanele, ukuqinisekisa ukuthi kunamanzi anele,  ukulungisa ingqalasizinda yethu yamachweba nezitimela, ukuheha abatshalimali kwingqalasizinda, ukulwa nobugebengu nenkohlakalo nokuthuthukisa ukusebenza komasipala.

Ukhumbule indlela esasebenzisana kahle ngayo ngesikhathi sibhekene nobhubhane iCOVID-19 nokusungula isikhwama iSolidarity Fund esaqoqa uR3.4 billion, okuyisibonelo sokuthi singaphinde sisebenzisane kanjani ukuze kwenzeke lezi zinto eziseqhulwini. Ubalule izindlela eziningi esesiqalile senza ngazo lo msebenzi njengokweseka uhulumeni ngamakhono ukuze kube nezinguquko futhi kwande isibalo sabantu abasebenzayo.

Umengameli ubuye wakhuluma ngezinto eziningi uhulumeni wakhe ozama ukuthuthukisa izinqubomgomo kuzona ukuze kube lula kosomabhizinisi ukusebenza kuzona, njengenqubekelaphambili ezovulela abanye abantu amathuba ezitimeleni, kusungulwe i-Transport Economic Regulator.

Izinguquko eziningi sezenziwe ukuze kuqiniswe imizamo yokulwa nenkohlakalo futhi kuthuthukiswe nabezokushushisa. Kepha naye umengameli ubenezinye izicelo kosomabhizinisi, ikakhulukazi ukuthi abasebenzise i-Employment Tax Incentive ukwandisa isibalo sentsha eqashiwe.

Lena kube inkulumo enginike ithemba lokuthi uhulumeni uzozifeza izithembiso zawo, ulungise nezinkinga eziphazamisa imizamo yosomabhizinisi yokukhulisa umnotho. Ucacisile ukuthi sekuyisikhathi sokwenza manje, hhayi ukukhuluma.

Uthe osomabhizinisi nohulumeni ngeke bahlale bevumelana, futhi akufanele. Kepha kucacile ukuthi ziningi izindawo esingasebenzisana kuzona. Inkulumo yakhe isikhuthazile sonke esisezinhlanganweni zamabhizinisi ukuthi siqhubeke nemizamo yethu yokweseka uhulumeni ekusebenzeleni umphakathi.

Ngesikhathi esinzima sokugwamanda amandla ombuso, sahlengwa yizikhungo ezizimele. UmVikeli womPhakathi omdala u-Advocate uThuli Madonsela waveza obala ukugwamanda amandla ombuso ngombiko wakhe wokugcina awukhipha ngaphambi kokuthi ehle esikhundleni. Lo mbiko yiwona owenza kube khona iKhomishini kaZondo.

Ngenkathi yokugwamanda kwamandla ombuso kwaba yizinkantolo ezizimele ezalwa ukuze kujeziswe abaphule umthetho. Abezindaba bethu abakhuthele baphenya futhi babika ngenqwaba yezenzo zokuphula umthetho bevikelwa ngamalungelo ethu aqinisekisa ukuthi abantu bakhulume ngokukhululeka.

Umcwaningimabhuku-jikelele waveza inkohlakalo eyayiqhubeka komasipala.

Imvamisa lezi zinhlaka zazilwa nabantu abanamandla. Amandla abawanikwa wumthethosisekelo yiwona ayenza ukuthi bazimele kodwa kwakumqoka ukuthi umphakathi weseke imizamo yazo futhi uzethembe.

Emva kokuphela kokugwamanda amandla ombuso, miningi imizamo esiyenziwe ukuthuthukisa ukuzimela kwazo nokuvikela ukuxhashazwa kwazo (njengoba ngeshwa kwenzekile ngomvikeli womphakathi olandelile). Kepha iqhaza elidlawa yizinhlaka zethu ezizimele libalulekile.

Loku ngikukhumbule ngesonto elidlule ngenkathi umCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke ekhipha umbiko wakhe ngemizamo kahulumeni yokuhlinzeka ngosizo ngemva kwezikhukhula ezibeKwaZulu-Natali ekuqaleni kwalo nyaka. Umbiko uveza izinto eziningi namanje ezingasebenzi kahle komasipala.

Usenze iziphakamiso eziningi ezingasiza uhulumeni ukuthi uthuthukise izindlela zawo zokusebenza ukuze uzokwazi ukubhekana ngokushesha nangendlela efanele nezinhlekelele ngomuso. Lo mbiko ubucishe ufane nombiko womcwaningimabhuku-jikelele ngenkohlakalo eyenzeka kuthengwa izinto ngokushesha ngesikhathi seCOVID-19.

Ngiyishayela ihlombe imizamo yomcwaningimabhuku-jikelele yokufuna ukuthi uhulumeni uphendule, umsebenzi ongelula njengoba kunenqwaba engalahlekelwa uma leli hhovisi lenza umsebenzi walo ngendlela efanele.

Sonke thina bamabhizinisi sizoqhubeka siseke izikhungo zethu ezizimele ukuze siziseke emsebenzini wazo njengokugunyazwa kwazo umthethosisekelo.

Ukuboshwa kwababeyizikhulu eziphezulu eTransnet nephini lomqondisi eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali ngenxa yamacala athinta ukugwamanda amandla ombuso kukhombisa ukuthi impi yokulwa nenkonhlakalo isiqalile ithela izithelo ezinhle.

Kuzoba kuhle ukubona ukuthi umengameli uzobhekana kanjani nenkohlakalo nezincomo ezenziwa yiJaji uZondo zokuthi kusungulwe uphiko olunamandla oluzolwa nenkohlakalo.

Amabhizinisi amancane asethubeni elihle kakhulu lokuqeda izinkinga zaseNingizimu Afrika zobubha nokungalingani. UmNyango wezokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane unezinhlelo eziningi ezihlelelwe ukuthi zilekelele ukubuyela kwamabhizinisi amancane esimweni sawo ngemva kweCOVID-19, olunye lwazo wukuhlanganisa umkhakha wamabhizinisi amancane nomnotho othinta izinkampani ezinkulu. Umnotho uzozuza okuningi ngaloku.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa
You cannot copy content of this page