Selakhiwe kabusha igaraji eliseDube Village eNanda, eThekwini, KwaZulu-Natali, elacekelwa phansi ngenkathi kutatshwa ngonyaka odlule

Izithombe: Zithunyelwe

Osomabhizinisi abashayeka kutatshwa ngoJulayi ngonyaka odlule sebevuke bazithatha. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

AMABHIZINISI acekelwa phansi ngenkathi kutatshwa izinto okwaqubuka ngoJulayi ngonyaka odlule asevuke qingqo. Nokho abanikazi bawo basazikhotha amanxeba futhi banovalo ngokuthi emva kwaso sonke lesi sikhathi kodwa akekho oseboshiwe futhi washushiswa.

Osomabhizinisi bathi noma izinto zingasafani nangaphambi kwalolu dlame kodwa namabhizinisi abo ayecekeleke phansi aseyasebenza. KwaZulu-Natali nakwezinye izindawo eGauteng abantu babengena ngodli ezitolo betapa izimpahla. Kwafa abantu abawu-354 kanti umonakalo owadaleka emnothweni waba wuR50 billion.

UMnu uSbonelo Mbatha, umsunguli wePetroCONNECT, inkampani egqugquzela futhi eqeqesha abantu abamnyama ukuthi bangene embonini yamagaraji, walinyalelwa ngamagaraji amathathu, nokwadala umonakalo kaR30 million

Igaraji eliKwaMashu, eThekwini, lasheshe lavula ngoba umonakalo wawungemkhulu kulona, elaseBhamshela, KwaMaphumulo, livule ngenyanga edlule kanti eliseDube Village eNanda, eThekwini, liqale ukusebenza ngesonto elidlule. 

Exoxa noMbele ngonyaka odlule, uMbatha wayekhala kakhulu ngezisebenzi eziwu-138 eziqashwe kula magaraji. Inhliziyo yakhe yayigobhoza igazi nangegaraji eliseNanda ngoba yilona garaji lakhe lokuqala njengoba alivula ngo-2006 futhi wayebona sengathi ngeke lisakwazi ukuvuka.

“Ngaqale ngadinwa futhi ngangibona ukuthi bangikhaphele. Kepha iqiniso wukuthi kunabantu abawujabulelayo umsebenzi wami, kunabantu engibondlayo, kunezingane engizifundisayo, ngakho akukwazi ukuba yibona. Yiqeqebana leli elimoshile, ngakho angikwazi ukwenza isinqumo sami ngenxa yedlanzana.

“Enye into wukuthi ngiwusomabhizinisi, kufanele ukwazi ukuvuka (uma uwa) uma uwusomabhizinisi. Yingakho ngithi angibuyele kuwona lo mphakathi (waseNanda) ngakhe igaraji elisezingeni eliphezulu, nokukhombisa ukuhlonipha umphakathi ngoba ngamakhasimende ami futhi ngiyawazisa,” kusho yena.

UMbatha, umsunguli wePetroCONNECT

UMbatha uthi akukho okuhlukile angathi uzokwenza noma ababengakwenza ukugwema udlame olwenzeka ngoba yinto eyayingalindelwe muntu. “Namanje ayikho into esingayenza uma abantu abawu-500 benganquma ukungena ngenkani. Ngiphelelwa yithemba ngoba kunesikhathi lapho ezweni lethu sasingakaze sicabange ukuthi uma abantu befuna kushintshwe ikhansela bangashisa isikole kodwa loko sekwaba yinto ejwayelekile. Kunesikhathi ezweni lethu lapho sasingazi khona ukuthi abantu bangavala umgwaqo omkhulu owuthelawayeka kodwa sekwaba yinto ejwayelekile.

“Uvalo enginalo wukuthi ngelinye ilanga kuyogcina sekuyinto ejwayelekile lena ngoba akekho umuntu oboshiwe. Akuboshiwe ngisho u-10% wabantu abenza le nto, ngakho abantu sebebonile ukuthi kulula kanjani,” kukhala uMbatha.

Uthi nakuba evule ngesibalo esifanayo sezisebenzi kodwa uphoqeke ukuthi azidilize ezinye ngenxa yokuthi umsebenzi awusangeni ngendlela efanayo. 

UMnu uSbu Luthuli, umnikazi weMpande Properties, abanikazi bezinxanxathela zezitolo, uthi eziningi zavuka emva kwezinyanga ezimbalwa kodwa KwaNongoma basaqedela ukwakha osekuzophela kungekudala. 

Uthi bayajabula ukuthi zonke izitolo ebezikhona zisazoqhubeka zisebenze. Uthi kunzima ukuthi kukhona abangakwenza bebodwa bengabanikazi bezakhiwo. Nokho uthi into enhle manje wukuthi sebeyaxhumana kakhulu nohulumeni nabomthetho, ikakhulukazi uma behogela ukuthi kukhona okushaya amanzi. 

ULuthuli weMpande Properties

“Kuyamangaza futhi umuntu uyazibuza ukuthi ezobunhloli zethu zisebenza kanjani njengoba kuze kube manje singazi ukuthi wubani umphehli. Lokho kukutshela ukuthi laba bantu bangayiphinda le nto,” kusho yena.

I-Business Leadership South Africa (iBLSA), inhlangano emele amabhizinisi amakhulu, ithi ngenhlanhla awekho amalungu ayo avala amabhizinisi awo ngenxa yodlame.

UNksz uBusi Mavuso, isikhulu esiphezulu seBLSA, uthi lolu dlame lushiye abantu abaningi bephelelwe wumsebenzi futhi landisa ukungalingani kubantu baseKZN.

UNksz uMavuso, isikhulu esiphezulu seBLSA

“Okunye wukuthi kwehlile ukuthemba amabhizinisi asemalokishini nasezindaweni ezisemakhaya. Abatshalimali bamanqika ukutshala noma ukuphinde bayotshala ezindaweni ezisemakhaya nasemalokishini.

“Into ebuhlungu ngalolu dlame wumphumela elibe nawo emabhizinisi amancane esifundazweni, iningi lawo okungawabantu abamnyama. Loku kucekela umnotho wesifundazwe futhi kuphazamisa izinhlelo zezwe njengoba ukuthuthukisa osomabhizinisi abancane kuyinto eseqhulwini kuhulumeni. Yimboni yamabhizinisi asafufusa ekwazi ukusungula imisebenzi futhi ibe yisisekelo somnotho wezwe oqinile,” kusho yena.

You cannot copy content of this page