UMnu uRobert Marawa umsunguli weMarawaTV

Izithombe: Zithunyelwe

Uma kukhulunywa ngomlando wezemidlalo eNingizimu Afrika liyobalwa igama lakhe. Emva kweminyaka ewu-25 esakazela abanye, usenesiteshi sezemidlalo esithi yena nesidlondlobalayo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngalolu shintsho

Share this now

AMAKHOLWA athi uNkulunkulu akawuvali umnyango engeke avule omunye kanti isiZulu sithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye. Emva kokuxoshwa eSupersport, nokwase kumphinda njengoba naseSABC wake waxoshwa, kugcine kuyisibusiso kuMnu uRobert Marawa.

Kuthe ngesikhathi “esabhuquza ekhaya”, kwavela ithuba lokuyophatha uhlelo lomcimbi weProudly SA e-Egypt nokwathi eseqedile wahlala izinsuku ezimbalwa. Njengoba kwakunemidlalo ye-Africa Cup of Nations wazithola esemenywa wuMnu uKalusha Bwalya, inkakha yeqembu lesizwe eZambia, nomkakhe uNkk Emmy Casaletti-Bwalya kanti wafika wahlala nezicukuthwane.

“Uthole ukuthi ngiphethe ucingo, uma ngithi ngiyaqalaza, hhawu nangu uSerame Letsoaka, hheyi bantu nangu u-Amokachi (uDaniel, owayewumdlali weqembu lesizwe eNigeria), nangu uMark Fish, nangu usphecelezana; bonke ngabantu engibaziyo.

“Ngihambe ngiye kubona, ngiphendule ucingo ngibabuze imibuzo nje. Bengizenzela, hhayi ukuthi benginenhloso yokuthi kukhona into engifuna ukuyiqala bese ngifaka kwiTwitter kanti mina angazi ukuthi layikhaya abantu bayayijabulela leyo nto. Hhayi kufike isikhathi sokuthi ngibuyele-ke eGoli, ngibuyele ngizoqhubeka nohlelo lwasemsakazweni. Emva kwezinsuku ezimbili abantu bathi ‘ufunani lana, sicela ubuyele eGibhithe?’ Ngithi ‘hhawu kanjani?’ Bathi ‘hhayi sifuna loku obusinikeza kona,” kulanda yena.

Kuthe esephindela okwesibili e-Egypt, wahamba nomunye umuntu ozomlekelela kanti akabange esaphindela ebhokisini lezicukuthwane kodwa waya lapho ejwayele khona enkundleni; nokwabe sekuwukuqala kweMarawaTV.

“Indlela abantu abayemukele ngayo bekucaca ukuthi kukhona into ekhona, kukhona into abantu abayijabulelayo futhi nami kumele ngikwazi ukuthi ngiqhubeke nayo, mhlawumbe ngiyikhulise futhi simatasa nayo kungabi nje yiziqephu ezimbalwa. Sesikwazile ukungena e-studio. I-Arena Holdings isizile kakhulu kanti sinanesivumelwano ne-Ignition TV.”

Ngaphezu kokuhlaziya imidlalo, iMarawaTV igabe kakhulu ngezingxoxo nabadlali, abaqeqeshi nabaphathi bezemidlalo enhlobonhlobo. Ezinye zezingxoxo esekuke kwakhulunywa ngazo kakhulu yilezo azenza noJunior Khanye, owaduma kwiKaizer Chiefs, nomqeqeshi uSteve Komphela.

U-Junior Khanye noMarawa e-studio

Lesi siteshi sinama-subscriber awu-70 400 kanti izinhlelo zaso zibukwa yisibalo esiphindaphindiwe kwesama-subscriber.

Ingxoxo noKhanye yiyona esabe nababukeli abaningi kunazo zonke njengoba ibukwe ngabantu abawu-468 000 kanti ekaKomphela ibukwe ngabantu abawu-182 000.

Ezinkundleni zokuxhumana uMarawa unabalandeli abacela ku-1.4 million uma uhlanganisa abamlandela kuFacebook, uTwitter no-Instagram.

Isineminyaka emibili ikhona iMarawaTV. Mlalele echaza ukuthi kunjani ukuzimela nokuba wusomabhizinisi.

Uthi ukuzisebenza kuhlukile, kudinga ubekezele, uqashe kahle ithimba elincane futhi eliwuthandayo umsebenzi eniwenzayo. Uthi iMarawaTV iqashe abantu abayisihlanu kanti bagxile ekwenzeni izinto ngendlela esezenziwa ngayo manje.

Njengoba abanye abantu kwezemidlalo bekhala ngokuhlasela kweCOVID-19, uMarawa uthi bona yilapho bephushe kakhulu khona njengoba vele bengathembele emidlalweni esakazwa bukhoma kuphela.

“Abantu bajabule kakhulu ngoba uthola ukuthi sibanikeza le nto abayifunayo. Sibanikeza izingxoxo abazifunayo, sibanikeza uhlobo lokucoshela izindaba abalufunayo. Sibanikeza abantu, sibabuze imibuzo, hhayi ngale ndlela yokuthi umdlalo udlale kanjani, ibinjani isizini, mhlawumbe singene kubona njengabantu ngoba bangabantu nabo. Ungaba wumqeqeshi uqeqeshe wenze loku naloku kodwa uma usuqedile uwumuntu, noma umuntu sikhuluma noSteve (Komphela), uJunior Khanye, uRhulani (Mokwena) noma ukhuluma noPeter Drury ephesheya… ngabantu labo… siyabathanda yebo kodwa bawobani? Yiyo-ke into ebalulekile kimina ukubaveza ngaleyo ndlela,” kuchaza uMarawa.

Akusikho-ke nje ukuthi okuhlukile ngeMarawaTV wukuthi sekuyinto yakhe kodwa okunye okuhlukile wukuthi wuhlelo oluthembele ebuchwephesheni besimanjemanje njengoba lutholakala kuYouTube. 

Uyavuma ukuthi iyazwela inselelo yokumba eqolo kwamanani e-data nedingekayo ukuze ubukele kodwa uthi kukhona abaphezu kwakho ukuzama ukubhekana nayo.

Lo msakazi wezemidlalo uphinde abe nohlelo lwezemidlalo aqopha umlando uma selubuya emoyeni emva kokuxoshwa eSABC njengoba lwabuya selusakazwa eziteshini ezimbili kanyekanye. IMarawa Sports Worldwide isakazwa bukhoma kwiMetro FM neRadio 2000. Luyaziwa lolu hlelo ngokuba nabaxhasi abayizinkampani ezinkulu njengoba luke lwaxhaswa yiDiscovery neMTN.

Kungabe kunjani ukuyongqongqoza ezinkampanini ezinkulu ewuyena emele iMarawaTV? Muzwe echaza.

Uthi likhona icebo abaphezu kwalo futhi kukhona abaxoxa nabo osekusele ukuthi baphothule izingxoxo kodwa ngeke ayikhulumele eziko.

Ngaphambi kokusakaza ezemidlalo, uMarawa wayengomunye wabethuli bezinhlelo kuSABC1 usabizwa ngoSimunye ngo-1996. Ngesikhathi eqala lo msebenzi wayefundela ukuba wummeli eWits University, nagcina engaqedanga ngoba esegajwe wuthando lokusakaza.

Uthi ngenxa yokuthi iSABC yakhelene nale nyuvesi kwathi uma ezwa ukuthi kufunwa abantu, wathi ake ayozama inhlanhla ezozakhela emasentshana.

UMarawa wagcina eshiye phansi izifundo nje, wayesethole umfundaze wokuyoqhuba izifundo zobumeli e-United Kingdom nokwaba wumzukuzuku ukutshela abazali ukuthi useyayehla inqola yokufunda.

Emva kweminyaka ewu-25 aqala ukusakaza ezemidlalo, awungabazi uma ulalele uhlelo lukaMarawa ukuthi uyawuhlonipha umsebenzi wakhe, uyabahlonipha abalaleli futhi ubakhathalele nabadlali. Usakwenza ijoka lakhe ukuphonsela inselelo labo abaphethe ezemidlalo ukuze abadlali bezophathwa kangcono futhi kube noguquko, ikakhulukazi kule midlalo lapho abamnyama babevalelwe ngaphandle.

Uthi luthi luphela uhlelo ebe ecabanga ukuthi olulandelayo bangalwenza kanjani kangcono futhi kumqoka ukuthi abalaleli bathole “ukudla okunhlobonhlobo”, bangadli into eyodwa. 

UMarawa uthi kungakuhle ngelinye ilanga ukuthi abantu abaphethe ezemidlalo kube ngabantu abanothando lwezemidlalo futhi abazosebenzisa imali ukunakekela abadlali, hhayi nje laba abajaha ukuhamba “besika amaribhini”.

Okunye ngaye:

  • Uzalelwe eMondlo, eVryheid; 
  • Kubo bathuthela eNkandla, lapho ekhulele khona; 
  • Bathuthele eThekwini ngo-1995 ngenkathi abazali bakhe sebethatha umhlalaphansi befuna indawo eseduze nolwandle;
  • Kubo ubizwa ngoThemba noMadluphuthu;
  • Unodadewabo abathathu, uNomvula, uGugu noVanessa;
  • Ufunde eWoza Woza eNkandla, eLittle Flower eShowe naseHilton College eMidlands; 
  • Unendodana ezoba neminyaka ewu-10 kulo nyaka kanti yazalwa ngosuku olufanayo noMadiba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

You cannot copy content of this page