UMnu uSabelo ‘Lolo’ Ndlovu, umsunguli we-The Sneaker Shack yaseGoli, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Unyuse izinga onebhizinisi lokuwasha amateki eselinabele ezweni lonke. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

UQAPHELE ukuthi osomabhizinisi bamanje abayona inhlobo egqoka amasudi nezicathulo ezivalekile ebezigqokwa kakhulu yizizukulwane ezindala njengoba ebone ukuthi bakhonze amateki.

Leli so elibukhali limenze wabona ithuba lokuvula ibhizinisi lokuwasha nokunakekela amateki elihlukile kunokujwayelekile ngalolu hlobo lwebhizinisi. UMnu uSabelo Ndlovu usungule i-The Sneaker Shack eminyakeni emine edlule.

Imvamisa lolu hlobo lwebhizinisi litholakala emakhoneni omgwaqo kodwa leli likaNdlovu linezitolo ezisenxanxatheleni zezitolo eGauteng naseNtshonalanga Kapa, lapho benamagatsha ayisishiyagalolunye khona.

Ngenyanga ezayo bazovula igatsha leshumi e-Oceans Mall eMhlanga, eThekwini, KwaZulu-Natali. UNdlovu odabuka eHazyview, eMpumalanga, uthi wukuthuthela eMaboneng Precinct, eGauteng okumvule amehlo.

“Uhlobo lomqashi omusha alusawagqoki amasudi. Lugqoka amateki futhi amateki amahle, yizimpahla lezi intsha ezithandayo futhi ezinakekelayo. Sikhule ekhaya kuthi uma kuzowashwa kuhlukaniswe izimpahla kube khona ezifakwa emshinini wokuwasha kodwa kube khona amajakhethi okuthiwa awashwa elondolo; yiloko nathi esikwenzayo…siyilondolo yamateki,” kusho yena.

Omunye wethimba le-The Sneaker Shack enza into abayizwa ngaphakathi – ukunakekela amateki amakhasimende

I-The Sneaker Shack iqashe abantu abawu-51, iningi labo okuyintsha. Ukuvula amathuba emisebenzi ngenye yezinto eziseqhulwini kuNdlovu njengoba ekholwa wukuthi uma abantu besebenza kahle bazokwazi ukunakekela imindeni yabo kahle futhi bafundise nezingane zabo ezikoleni ezingcono.

Umndeni kaNdlovu udabuka eNkowankowa, eTzaneen, eLimpopo, ngaphambi kokuthuthela eMpumalanga. Kusukela eqala u-Grade 1 ufunde ezikoleni ezixube izinhlanga, athi kwamenza wabona umehluko phakathi kwezikole zabantu abamnyama nezabelungu.

“Kusukela ngimncane nganginokuthi kungakuhle uma wonke umuntu engafunda ezikoleni ezinakho konke njengalezi engifunde kuzona. Ngiyazi abazali bami basebenza kanzima kanjani… singenza kanjani ukuthi nathi sabelane nabanye? Kufanele sakhe amabhizinisi azokwakha imisebenzi,” kusho uNdlovu.

UNdlovu, owenze iziqu i-Business Administration e-EU Business School eSwitzerland neze-Marketing eNichols College eMelika, uke wasebenza ebhizinisini lakubo lamaloli ngaphambi kokubona ukuthi akuwona umsebenzi awuthandayo.

Uthi ukuzisebenza kumfundise okuningi ngaye nangemboni akuyona. Uthi kuyamjabulisa ukwazi ukuthi wenza umehluko empilweni yabantu. “Kukhona elinye ikhasimende lethu elisanda kungitshela ukuthi ukube alilethanga amateki alo kithina ngabe selithenge amapheya amathathu. Ukuzwa izindaba ezinje kwenza inhliziyo yami ithi cosololo ngoba kusho ukuthi simongela imali.”

Nakuba izinto zihamba kahle e-The Sneaker Shack kodwa uNdlovu uthi akhona amaphutha abawenzile, ikakhulukazi endleleni abebeqasha ngayo abantu ngesikhathi besanda kuqala. Nokho uthi yizinto asebezilungisile lezi.

Uthi kuke kwanzima nokuthi abantu bakholwe ukuthi ibhizinisi lokuwasha amateki liyayingenisa imali eyenele futhi lizokwazi ukukhokhela irenti enxanxatheleni yezitolo.

UNdlovu uthe banezinhlelo zokuvulela abanye abantu ithuba lokuthi babenalezi zitolo njengoba bezokwethula uhlelo lwe-franchising. Bake basebenza neVirgin Active ngaphambi kokuphazanyiswa wukubheduka kweCOVID-19. Uthi bazimisele ukuthi babuvuselele lobu budlelwano.

Instagram: @thesneakershacksa

Facebook: The Sneaker Shack

You cannot copy content of this page