UMnu uMafka Mazibuko, usomabhizinisi waseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Uwumakadebona emabhizinisini njengoba esesungule amabhizinisi emikhakheni ehlukene. Manje usesabalalele kwezokuvakasha. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO ngohambo lwakhe

Share this now

ESAQASHIWE wayesebenzela isikhondlakhondla esikhiqiza izimpahla ezinhlobonhlobo ezisetshenziswa ngabathengi, i-Unilever. Kodwa nangaleso sikhathi wayazi ukuthi ngelinye ilanga uyophuma ayozimela ngoba uthando lokuzisebenza lwaqala esemncane.

Wayegqugquzelwa nawukufisa ukudalela abanye abantu amathuba omsebenzi. UMnu uMafika Mazibuko ungomunye wosomabhizinisi abanamava emikhakheni ehlukene yamabhizinisi.

Lo somabhizinisi, odabuka KwaMashu, eThekwini, uqale ukuzisebenza ngesikhathi ethenga iloli ayelisebenzisa ebhizinisini lokwakha. “Ziningi izindawo ebengisebenza kuzona ngebhizinisi lami lokwakha, kusukela ezindaweni ezifana nakoNewcastle kuya KwaSwayimane,” kusho yena. 

Ngemva kwaloko wangena ekuphekeleni izikole zaKwaMashu, eNanda naseNtuzuma, nokuyibhizinisi elizale lawo asegxile kuwo njengamanje. Omunye wemikhakha asesabalalele kuyona ngowokuthenga izindlu aqashisa ngazo eThekwini.

“Nginezindlu namaflethi ezindaweni ezehlukene, nokungenye yezindlela zokungenisa imali nokuba nezinto eziphathekayo ezizoba wusizo empilweni yami nabantwana bami ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMazibuko, ongakaze aliyeke ibhizinisi ayeqale ngalo.

Usanda kungena embonini yezokuvakasha njengoba ewumnikazi wendawo ezisezingeni eliphezulu yokusingatha imicimbi i-The Sunbird eGingindlovu, oGwini oluseNyakatho yeKwaZulu-Natali.

Le ndawo engamahekthare awu-29 uyithenge eminyakeni emine eyedlule ngoR10 million. Uthi ngaphambi kokuyithenga wayekade ethenge ngokuhlanganyela nomunye umngani wakhe indawo eyi-estate oGwini oluseNingizimu yeTheku kodwa babuye bayidayisa. 

“Ukuthenga kwami leyo ndawo kwakuhambisana nokuzihlela kwami ngizihlelela ikusasa lami. Kumqoka kakhulu ukuthi uma uwusomabhizinisi ubheke izinto ezehlukene ongazenza futhi ozithandayo bese ugxila kuzona, ” kweluleka uMazibuko.

I-The Sunbird eGingindlovu, oGwini oluseNyakatho yeKwaZulu-Natali, ngelinye lamabhizinisi kaMazibuko

I-The Sunbird iyi-4 Star ngokwemigomo yezokuvakasha kanti inamagumbi okulala awu-14 futhi ine-B&B ngaphakathi. “Le ndawo iyindawo enhle kakhulu ngoba ihholo lethu lemishado lamukela abantu abangu-350. Sinayo ne-chapel kulabo abafisa ukushadela kuyona kanti yamukela abantu abangu-150 abakwazi ukuthi bahlale phansi. Akusikona loku kodwa, ngisho izinkampani ezifisa (ukuba nemihlangano) siyakwazi ukuzihlelela nakwi-boardroom yethu.

“Ngaphakathi sinezihlahla eziwu-150 zama-litchi. Kukhona nezinkukhu, amadada, amapigogo kanti okunye okwenza le ndawo ihehe wukuthi sinezinhlobo eziwu-150 zezinyoni – yingakho negama lethu kuyi-The Sunbird,” kusho yena.

Uthi ukuvalwa kwezwe kuzwelile njengoba kukhona eminye imicimbi, ikakhulukazi imishado ehlehlile. Kodwa uthi izinto seziqala ukubuyela esimweni esijwayelekile futhi kuyabasiza nokuthi abathembele emicimbini nasezivakashini kuphela. Nsuku zonke abantu abasebenza ezinkampanini abakhelene nazo bayakwazi ukuzothenga nesidlo sasemini kule ndawo.  

Izinhlelo uMazibuko anazo nge-The Sunbird ziningi. Enye yazo wukwengeza amagumbi okulala.

“Ngiyayithanda kakhulu le ndawo ngoba isikwazile nayo ukuthi inikeze abanye abantu abawu-16 ithuba lomsebenzi. Ngiyathanda kakhulu ukuthi kukona konke engikwenzayo, abantu bakithi abamnyama kubekhona abakuzuzayo,” kuphetha uMazibuko.

OKUNYE NGAYE:  

  • Unabantwana abayisithupha; 
  • Ukhule edlala ibhola kanti uwumlandeli wokuqina waMaZulu; 
  • Umculo awukhonzile yi-jazz kanti omunye wabaculi abathandayo wuHugh Masekela;
  • Uphumula ngokuzikhipha nomndeni wakhe; 
  • Ukudla akukhonzile wubhontshisi, ufishi, i-oxtail, amadumbe, ubhatata namaveji;
  • Ukhonza eSheshi.
You cannot copy content of this page