UNksz uSenamile Masango, i-nuclear physicist nomsunguli weSenamile Masango Foundation, egxile ekuthuthukiseni abantu besifazane kwisayensi

Izithombe: Zithunyelwe

Uwusosayensi ofuna izisombululo ezintsha nonentshisekelo yokufukula abantu besifazane kulo mkhakha. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

Share this now

WAZI eneminyaka ewu-11 ukuthi angathanda ukuba wumuntu wesifazane wokuqala e-Afrika ukuya emkhathini kanti nakuba kungakenzeki kodwa ziloku zivelile izimpawu zokuthi yiphupho elizogcina lifezekile.

UNksz uSenamile Masango, oneminyaka ewu-35, umsunguli nosihlalo weWomen in Science and Engineering Africa (iWISE Africa) neSenamile Masango Foundation, waqopha umlando ngokuba ngowesifazane omnyama wokuqala oqeqeshelwe ukuba wungoti ocwaninga ngenuzi, i-nuclear physicist.

UNksz uMasango usehlonishwe ngamagalelo akhe kwisayensi ngezindlela ezihlukene kanti uvamile ukumenywa ukuthi azothula izinkulumo emazweni ahlukene.

Ngo-2017 waqopha omunye umlando eba ngowesifazane wokuqala wase-Afrika osethimbeni locwaningo oluholwa ngososayensi base-Afrika kwelinye lamagumbi ocwaningo amakhulu emhlabeni i-European Organization for Nuclear Research, ikomkhulu layo eliseSwitzerland.

UNksz uMasango esegumbini lokucwaninga

“Thina sicwaninga ngomhlaba. Kunezinto ezincane ongeke uzibone ngamehlo akho kodwa uyazi ukuthi zikhona. Njengoba ngiwusosayensi ogxile kwinuzi kusho ukuthi ngifunda ngezinto ezingekho la emhlabeni, zile emkhathini. Njengamanje asikwazi la eNingizimu Afrika ukucwaninga ngenuzi yohlobo lwe-isotope ngoba imishini edingekayo asinayo, sahamba-ke sayocwaninga ngaloko. Kubalulekile ngoba sifunda ngomhlaba wethu ngoba uma siwuqonda kangcono, sizokwazi ukuqhamuka nezinto ezintsha kalula.

“Njengamanje amandla enuzi asikawaqondi kahle ngoba yintsha kodwa uma sesiyiqonda kangcono izosisiza sixazulule inqwaba yezinkinga esinazo. Uma ngingenza isibonelo, ngokuqonda kwethu i-gravitational force sesinamabhanoyi akwazi ukuhamba emkhathini. Omunye umuntu angacabanga ukuthi isayensi iwukumosha isikhathi, azibuze ukuthi ngizocwaningelani ngomkhathi kodwa empeleni zonke izimpendulo zisemkhathini. Ukuze siqonde okwenzeka la emhlabeni kumele sazi okwenzeka phezulu. Isayensi iveza amandla kaNkulunkulu, ikakhulukazi lena engiyicwaningayo, konke iZwi elikushoyo kuyikho kodwa isayensi ikutshela ukuthi kwenzeke kanjani,” kusho le ntokazi edabuka KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natali.

Uzithola engena emkhakheni wesayensi nje yingoba uthanda izinto ezihlukile njengoba ethi wayazi ukuthi ngeke athande ukuba wuthisha njengabantu azalwa nabo. Noyise wayewuthisha kanti wagcina ewumhloli omkhulu KwaNongoma. Mlalele enaba ngokwamngenisa kwisayensi.

Lezi zinhlangano anazo usenze umsebenzi omkhulu emphakathini ngazo njengoba zeseka abesifazane abafisa ukungena kwisayensi futhi zilekelela nangokutholela izikole zasemakhaya izinsizakusebenza ezifana nama-laboratory angomahambanendlwana nokunye okusiza ukufundisa isayensi kalula.

Uthi ukucwaswa abhekana nakho kusukela esafunda enyuvesi kuze kufike lapho eseqala khona ukusebenza yikona okwamkhuthaza ukuthi asungule iWISE Africa. “Ngangena oNgoye ngimncane ngino-16, ngingaxhaswa kahle. Babebancane abesifazane ababenza isayensi, kwamanye amakilasi kwakuba yimina ngedwa owesifazane, baze besho abafana bathi ‘uyaphi mfazi, yizinto zamadoda?’

“Kwakunzima. Abantu babejabula enyuvesi kodwa kuwena kungemnandi, i-Phsyics yayinzima nokunye. Ngasebenza ngiyithwasa ngo-2012, ngabona ukuthi le nto iyaqhubeka noma ususebenza, akulula, bambalwa abantu ongabukela kubona.

“Ngikhumbula umphathi wami wake wangithuma ukuthi ngiyomumela emhlanganweni, ikhasimende lethu kwakuwumNyango wemiSebenzi yoMphakathi. Kukhona owesilisa owafika emhlanganweni wabhuqa wathi ucela ukubona i-CV yami ngoba yena akahlali emhlanganweni nabantu abangaqeqeshiwe ngoba kusho ukuthi kuyena ngangingaqeqeshiwe ngoba waze wafuna kubhalwe phansi ukuthi ucela i-CV ezama ukungihlambalaza,” kukhumbula uNksz uMasango.

Uthi njengamanje uphezu kohlelo lokuhlanganisa yonke into ibe ngaphansi kweSenamile Masango Foundation ukuze umsebenzi wenziwe wonke kahle endaweni eyodwa. 

Njengoba ehlanganisa izinhlangano zakhe, yonke into isizoba ngaphansi kweSenamile Masango Foundation, nathi igxile kakhulu ekuqhamukeni nezisombululo ngaphezu kokubalisa.

Uthi inhlangano yakhe ikhuthaza kakhulu nokuthi abantu besifazane abangafuni ukunikwa amathuba ngoba kuphela bengabesifazane kodwa abawathole ngoba umsebenzi bewazi, nathi kuzokwenzeka ngokuthi bathuthukiswe.

Ukubaluleka kwemfundo nokunikela emphakathini yinto ayifunde kuyise. Uthi akagcinanga ngokunakekela bona njengezingane zakhe kodwa wayelekelela nezinye izingane emphakathini ngezindlela ezihlukene.

Mlalele echaza.

Uthi umsebenzi wayo awuzukuphelela eNingizimu Afrika kuphela kodwa uzokwenabela e-Afrika yonke ngoba usebonile njengoba ehamba amazwe omhlaba ukuthi izinselelo abesifazane ababhekane nazo emikhakheni yesayensi ziyafana.

Okunye ngaye:

  • Une-Master’s in Nuclear Physics ayiphasa ngamalengiso e-University of Western Cape;
  • Une-Honours in Nuclear Physics yase-University of Zululand
  • Une-Bachelor’s Degree in Physics and Electronics yase-University of Zululand;
  • Une-Diploma in Project Management ayenza eVarsity College;
  • Une-Post-graduate Diploma in Management egxile kwi-Energy Leadership
  • Uyilungu lebhodi le-Nuclear Energy Corporation South Africa;
  • Uyilungu lebhodi yeMoses Kotane Insitute;
  • Uphumula ngokuzivocavoca;
  • Ukhonze ukupheka kangangokuthi ngelinye ilanga angathanda ukuba nendawo yakho yokudla;
  • Ukhonze ukubuka ama-documentary kanti njengamanje ufunda kakhulu ngokuthi amaJuda awakha kanjani umnotho wawo.
You cannot copy content of this page