Kukhona omasipala asebephucule izinto emva kokungenelela kweHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele

Izithombe: wuGoogle

Asethela izithelo amandla athe xaxa eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

ISIYAVUNA iNingizimu Afrika ngenxa yokuchibiyela umthetho olawula ukucwaninga amabhuku, nowanika iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele amandla engeziwe eminyakeni emithathu edlule.

Umbiko ngomasipala wonyaka wezimali wango-2020/21 uveze ukuthi kukhona omasipala asebekusukumele okushiwo yileli hhovisi ikakhulukazi lapho lithi kufanele kuphenywe kabanzi, ama-material irregularity ngokungalandeli umthetho.

Kusizile loku kwabanye omasipala njengoba begweme ukumosheka kwemali obekwenzeka ngezindlela ezihlukene, abanye bavule namacala kwakhona abantu abashushiswayo baze bagwetshwa kanti abanye bathathele abasebenza ngaphakathi izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe.

UmCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke uthe ngo-2020/21 basandise kakhulu isibalo somasipala lapho besebenzise khona la mandla abo amasha njengoba bewu-94. Ngo-2019/20 bawasebenzisa komasipala abawu-57 kanti ngonyaka abaqala ngawo, okuwu-2018/19, babewasebenzise komasipala abayisishiyagalolunye.

Ngo-Ephreli walo nyaka ziwu-185 izigameko ebeziphenywa kabanzi kanti iHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele lilinganisela ukuthi kuno-R3.9 billion olahlekile ngenxa yalezi zingameko. Kule mali uR1.6bn yimali eyalahleka ngesikhathi omasipala betshala imali kwiVBS Bank.

“Uma izimenenja zomasipala zikusukumela esikushoyo zizinikela ekuthatheni izinyathelo zokulungisa okonakele, iyafezeka inhloso yokuchibiyela umthetho wokucwaninga. Inhloso kwakungekona ukuthi sikhiphe izitifiketi zezikweletu kodwa inhloso wukulungisa okonakele. Okonakele kuyalunga uma kuthathwa izinyathelo zokubuyisa imali elahlekile, ukugwema ukuthi ingalahleki ngokuqinisa indlela izinto ezenziwa ngayo, ukuthathela abathintekayo izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe nokubikela abomthetho lapho kufanele khona,” kusho uNksz uMaluleke. 

UNksz uMaluleke

Kukhona nomasipala abayisithupha abangakwazanga ukuveza amarekhodi okuthi imali abayisebenzisile ishone kuphi nokuthi yimalini abazophenywa wuphiko olubheka amacala athinta imali iFinancial Intelligence Centre.

UNksz uMaluleke uthe basebenzise amandla abo athe xaxa ukuphenya ama-akhawunti omasipala abawu-10 emva kokubona okunuka santungwana emabhukwini abo.

“Kulabo masipala abawu-10, kwabane sigcine sitholile ukuthi kunoR1.7bn owakhokhelwa ababebaqashile abahlukene, nesiphakamise ukuthi kufanele baphenyisise kahle ngokukhokhelwa kwabo.

“Kepha kukhona abayisithupha okungaveli nhlobo ukuthi imali bayenzani. Kuyabonakala ukuthi imali yaphuma kodwa akuveli ukuthi yimalini nokuthi yashona kuphi ngoba lapho kufanele kubhalwe khona akubhaliwe. Sesidlulisele kwiFinancial Intelligence Centre ukuze iphenye kabanzi ngaloku,” kusho yena. 

I-Financial Intelligence Centre ayiphawuli ngamacala esuke iwaphenya ngenxa yokuthi lokho kuphambene nomthetho oyilawulayo. 

Omasipala abaphucule izinto:

  • I-Nelson Mandela Bay, eMpumalanga Kapa, ibilahlekelwa wuR11.2 million ngoba ibungabahlawulisi abantu abanesikhathi eside beyikweleta inzalo. Kodwa isikulungisile lokhu njengoba isiyibamba inzalo njalo ngenyanga; 
  • UMzinyathi, KwaZulu-Natali ugweme ukulahleka kukaR2.6m ngokulungisa indlela okhokhisa ngayo abantu abanesikhathi eside ubakweleta njengoba usubahlawulisa inzalo;
  • EMalahleni, eMpumalanga, bahlawuliswa yinkampani abangayikhokhelanga ngesikhathi inzalo ewu-R8.5m. Emva kokuthi imenenja kamasipala ixoxisene nale nkampani umasipala uyibuyisile le nzalo;
  • E-Newcastle, eKZN, bebelahlekelwa yimali ngenxa yokungawukhokheli u-Eskom ngesikhathi nobekwenza ubahlawulise inzalo. Emva kokuthi imenenja kamasipala ibonisene no-Eskom futhi yazibophezela esivumelwaneni sokuwukhokhela, lo masipala ugweme ukuhlawuliswa inzalo ngomuso; 
  • E-Newcastle, EKZN, naseNgwathe, eFree State, bebengayikhokhi intela eSouth African Revenue Service ngesikhathi, nobekuholela ekutheni bahlawuliswe inzalo. Bakulungisile obekudala ukuthi bangakhokhi ngesikhathi; 
  • E-Rustenburg, eNorth West, kunenkontileka yezimoto eyagcina iholele ekutheni umasipala ukhokhiswe imali engaphezu kokwakufanele uyikhokhe. Izikhulu zikamasipala ezithintekayo zathathelwa izinyathelo kanti ezinye zasula noma zaxoshwa. Inkantolo yayinqamula inkontileka kanti udaba seludliselwe kumaHawks ukuze kuzobuya imali eyalahleka;
  • EGoli, eGauteng, kunezisebenzi ezazikhokhelwa imali kungafanele, neyayikhokhwa njengemali ekhokhelwa abantu uma beshiya emsebenzini phakathi kwango-2014 no-2017. Lokhu kwaholelwa ekutheni umasipala ukhokhele abaqoqi bentela uR9.2m nenhlawulo ewu-R6.3m kungafanele. Lezo zikhulu zikamasipala zithathelwa izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe kanti kumanje kunezinhlelo zokuthi lezo zisebenzi ezakhokhelwa imali kungafanele ziyibuyise. Nabaqoqintela babheka izindlela zokugwema ukuthi ingaphinde yenzeke into enjena. 
  • Le mininingwane itholakale embikweni okhishwe wumcwaningimabhuku-jikelele ngokusetshenziswa kwemali komasipala ngo-2020/21
You cannot copy content of this page